Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Indaba Yokuphila

Sekuyiminyaka Engu-60 Singabangane Futhi Lesi Isiqalo Nje

Sekuyiminyaka Engu-60 Singabangane Futhi Lesi Isiqalo Nje

Kwakukusihlwa ehlobo ngo-1951, lapho izinsizwa ezine ezazisanda kweva eminyakeni engu-20 ubudala, zimi ezigxotsheni zezingcingo ezincikene e-Ithaca, eNew York, e-U.S.A. Zijabule kakhulu, zashayela emakubo izingcingo eMichigan, e-Iowa naseCalifornia. Zazibaphathele izindaba ezinhle!

NGO-February amaphayona angu-122 afika eSouth Lansing, eNew York, eze ekilasini le-17 leSikole SaseGileyadi. Phakathi kwalabo ababezoqeqeshelwa ukuba izithunywa zevangeli, kwakukhona uLowell Turner, uWilliam (uBill) Kasten, uRichard Kelsey noRamon Templeton. ULowell noBill ababevela eMichigan, uRichard owayevela e-Iowa noRamon owayevela eCalifornia basheshe baba abangane.

Ukusuka kwesobunxele kuye kwesokudla: URichard, uLowell, uRamon, noBill baba abangane eGileyadi

Ngemva kwezinyanga ezingaba nhlanu, bonke ababekhona bajabula kakhulu lapho kumenyezelwa ukuthi uMfoweth’ uNathan Knorr ovela endlunkulu uzonikeza abafundi inkulumo. Laba bazalwane abane babeye basho ukuthi bafisa ukukhonza ndawonye ezweni elilodwa—uma kungenzeka. Ingabe manje wayesezobatshela ngamazwe ababezoya kuwo njengezithunywa zevangeli? Ngempela, kwakunjalo!

Njengoba uMfoweth’ uKnorr ekhuluma nalo lonke ikilasi, ukulangazela kwabafundi kwakhula lapho eqala ukubazisa ngezabelo zabo zakwamanye amazwe. Abokuqala ukubizelwa epulatifomu kwaba yizo lezi zinsizwa ezase ziphelile uvalo, nakuba zase zikhululekile njengoba zase zizwile ukuthi zivunyelwe ukuba ndawonye! Kodwa kuphi? Ababefunda nazo bamangala futhi bashaya ihlombe isikhathi eside lapho kumenyezelwa ukuthi zazizothunyelwa eJalimane.

OFakazi BakaJehova yonke indawo babengawuvali umlomo ngokwethembeka okwaboniswa oFakazi eJalimane kusukela ngo-1933 kuqhubeke ngesikhathi sokubusa kukaHitler. Abafundi abaningi bakhumbula ukuthi babeye basiza ekupakisheni izingubo namaphasela ayevela enhlanganweni enikeza usizo eyayibizwa ngokuthi i-CARE zokusiza abafowabo baseYurophu ngemva kweMpi Yezwe II. Abantu bakaNkulunkulu eJalimane babeyizibonelo zokholo oluvelele, ukuzimisela, isibindi nokuthembela kuJehova. ULowell ukhumbula ecabanga: ‘Manje sizothola ithuba lokubabona laba bafowethu nodadewethu abathandekayo.’ Yingakho wonke umuntu wayejabule futhi kwakudingeka bashayele emakhaya izingcingo kusihlwa ngalo lolo suku!

BALIBANGISE EJALIMANE

URamon uqhuba ikilasi leSikole Senkonzo SoMbuso

Ngo-July 27, 1951, umkhumbi iSS Homeland wasuka esikhumulweni semikhumbi e-East River eNew York, futhi lezi zinsizwa ezine ezingabangane zazilapho zithatha uhambo lwezinsuku ezingu-11 zilibangise eJalimane. Zazifunde imisho embalwa yesiJalimane  kuMfoweth’ u-Albert Schroeder, owayengomunye wababefundisa eGileyadi futhi kamuva owaba ilungu leNdikimba Ebusayo. Mhlawumbe manje njengoba zazigibele nabantu abaningana abangamaJalimane, zazizofunda eyengeziwe. Kodwa kubonakala sengathi labo bagibeli babekhuluma izinhlobo ezihlukahlukene zesiJalimane. Zamane zadideka!

NgoLwesibili ekuseni, ngo-August 7, ngemva kokuguliswa ukuhamba olwandle izikhathi eziningana, ekugcineni, laba bazalwane bafika eHamburg, eJalimane. Yonke indawo babebona umonakalo owawudalwe impi eyayiphele eminyakeni eyisithupha nje edlule. Bedabukiswe yilokho ababekubona, bagibela isitimela sasebusuku balibangisa eWiesbaden, lapho ihhovisi legatsha lalikhona ngaleso sikhathi.

URichard usebenza ngomshini ogxiviza amakheli eBethel eWiesbaden

NgoLwesithathu ekuseni bahlangana nomuntu wokuqala waseJalimane onguFakazi—futhi igama lakhe lalizisho nje ukuthi ungumJalimane! UHans wabathatha ngemoto esiteshini sesitimela wabayisa eBethel, wafike wabashiya nodade othile owayesekhulile owayengasazi nhlobo isiNgisi. Nokho, kubonakala sengathi wayecabanga ukuthi ukungezwani kwabo ngolimi kwakungase kuxazululwe ngokuthi akhulumele phezulu. Kwala eselenyusile izwi, abazange bezwane, kunalokho bakhungatheka ngokwengeziwe. Ekugcineni, kwaqhamuka uMfoweth’ u-Erich Frost, owayeyinceku yegatsha, futhi wababingelela ngokufudumele ngesiNgisi. Kwaba ngconywana.

Ngasekupheleni kuka-August, lezi zinsizwa ezine zaya emhlanganweni wazo wesigodi wokuqala wesiJalimane, owawunesihloko esithi “Ukukhulekela Okuhlanzekile” owawuseFrankfurt am Main. Inani eliphakeme lababekhona abangu-47 432 kanye nokubhapathizwa kwabangu-2 373 kwavuselela intshiseko yalaba bazalwane ngenkonzo yezithunywa zevangeli nesifiso sabo sokushumayela. Kodwa ngemva kwezinsuku ezimbalwa, uMfoweth’ uKnorr wabatshela ukuthi kwakuzodingeka bahlale eBethel futhi basebenze lapho.

Injabulo ababeyithola esabelweni sabo yabaqinisekisa ngokugcwele ukuthi uJehova wazi kangcono ngaso sonke isikhathi

Ngenxa yokuthi wayethanda umsebenzi wezithunywa zevangeli ngayo yonke inhliziyo yakhe, uRamon wayeke walenqaba ithuba lokuyokhonza eBethel yase-United States. URichard noBill babengakaze bayicabange ngisho nokuyicabanga eyokukhonza eBethel. Kodwa injabulo abayithola esabelweni sabo yabenza baqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova  wazi kangcono ngaso sonke isikhathi. Ave kuwukuhlakanipha ukuncika ekuholeni kwakhe kunasezifisweni zomuntu siqu. Umuntu osifundile lesi sifundo uyokujabulela ukukhonza uJehova nomaphi futhi kunoma isiphi isabelo asinikwayo.

VERBOTEN!

Abaningi emkhayeni waseBethel waseJalimane bakujabulela ukuba namaMelikana phakathi kwabo abazofunda kuwo ukukhuluma isiNgisi. Kodwa lawo mathemba aphela masinyane ngolunye usuku lapho besegumbini lokudlela. UMfoweth’ uFrost, ngezwi lakhe elijwayelekile elinomfutho, waqala ukukhuluma ngesiJalimane ngokuthile okwakubonakala kuyindaba ebalulekile. Abaningi emkhayeni bathula, amehlo abo ethe njo emapuletini abo. Nakuba zazingezwa ukuthi kuthiwani, lezi zinsizwa ezaziyizifiki kwazikhanyela kancane ukuthi okwakukhulunywa kwakuphathelene nazo. Ngakho zaqala ukungakhululeki lapho uMfoweth’ uFrost ephakamisa izwi ethi, “VERBOTEN!” (“Akuvunyelwe!”) futhi eliphinda ngezwi eliphakeme nakakhulu ngenjongo yokugcizelela. Kazi zazenzeni ukuze athukuthele kangaka?

UMfoweth’ uFrost (kwesokudla) nabanye phakathi nokuhambela koMfoweth’ uKnorr (kwesobunxele)

Lapho beqeda ukudla, bonke baphuthuma ezindlini zabo. Kamuva, omunye umzalwane wachaza: “Ukuze nisisize, kumelwe nikwazi ukukhuluma isiJalimane. Yingakho uMfoweth’ uFrost athi AKUVUNYELWE (VERBOTEN) ukukhuluma nani isiNgisi kuze kube yilapho senisazi isiJalimane.”

Umkhaya waseBethel washesha ukulalela. Lokhu akuzange nje kusize lezi zifiki ukuba zifunde isiJalimane kodwa kwazifundisa nokuthi iseluleko esinikezwa ngumzalwane onothando, ngisho nakuba ekuqaleni kungase kube nzima ukusamukela, kodwa ngokuvamile sihloselwe ukusiza thina. Iseluleko soMfoweth’ uFrost sasibonisa isithakazelo ayenaso entuthukweni yenhlangano kaJehova futhi sibonisa nothando ayenalo ngabafowabo. * Shono lezi zinsizwa zagcina sezimthanda kakhulu!

UKUFUNDA KUBAFOWETHU

Eholidini eSwitzerland ngo-1952

Singafunda izifundo ezibaluleke kakhulu kubafowethu abesaba uNkulunkulu, ezingasisiza ukuba sibe abangane bakaJehova abangcono. Lezi zinsizwa zafunda okuningi kakhulu kubafowabo nodadewabo abathembekile baseJalimane—abaningi abangenakubalwa ngamagama—kodwa zaphinde zafunda nakomunye nomunye wazo. URichard uyachaza: “ULowell wayenolwazi oluthile lwesiJalimane futhi lwamsiza kakhulu, kodwa kithina abanye kwakwesinda kwehlela. Njengoba ayemdala futhi kunathi, sasivele siye kuye lapho sinenkinga yolimi nalapho ziyimise emthumeni.” URamon uyakhumbula: “Yeka ukuthi ngajabula kanjani lapho umzalwane othile waseSwitzerland esitshela ukuthi singasebenzisa indlu yakhe  yeholidi eSwitzerland lapho sithatha iholidi lethu lokuqala ngemva konyaka siseJalimane! Ngangizitshela ukuthi sizochitha amasonto amabili sisodwa singekho isidingo sokubhidilisha isiJalimane! Kodwa ngangimkhohliwe uLowell. Waphikelela ukuba sifunde futhi sixoxe ngomBhalo wosuku njalo ekuseni—ngesiJalimane! Ngazama ukubonisana naye, kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Kodwa safunda isifundo esibalulekile. Landela ukuhola kwalabo abakufisela okuhle ezinhliziyweni zabo, ngisho noma ngezinye izikhathi ungavumelani nabo. Lesi simo sengqondo siye sasisiza njengoba iminyaka ihamba futhi senza kwaba lula ngathi ukuthobela isiqondiso esingokwasezulwini.”

Laba bangane abane bafunda nokwazisa izici ngamunye ayenza kahle kakhulu kuzo, njengoba nje eyabaseFilipi 2:3 isho: “Ngokuthobeka kwengqondo [bhekani] abanye njengabakhulu kunani.” Ngakho laba abanye babevame ukucela uBill ezintweni bobathathu ababevuma ukuthi wayeyozisingatha ngendlela engcono kakhulu kunabo. ULowell uyakhumbula: “Lapho kwakudingeka ukuba kuthathwe izinyathelo ezibucayi noma ezingathandeki ukuze kulungiswe isimo esithile esiyinselele, sasicela uBill. Wayenekhono nesibindi esasingenaso thina sokusingatha izimo ezingezinhle ngendlela esasivumelana ngayo.”

IMISHADO EJABULISAYO

Njengoba isikhathi siqhubeka ngayinye yalezi zinsizwa ezine yanquma ukushada. Uthando lwazo lwalusekelwe othandweni ezazinalo ngoJehova nangenkonzo yesikhathi esigcwele, ngakho zazizimisele ukufuna abangane bomshado ababezovuma ukunika uJehova indawo yokuqala. Inkonzo yesikhathi esigcwele yayizifundise ukuthi ukupha kunomvuzo owengeziwe kunokwamukela nokuthi izifiso zomuntu siqu empeleni kumelwe zize ngemva kwezithakazelo zoMbuso. Ngakho zakhetha odade abase bengenele inkonzo yesikhathi esigcwele ngokuzithandela. Umphumela waba imishado emine eqinile nejabulisayo.

Ukuze ubungane noma umshado uhlale njalo, uJehova kumelwe abe ingxenye yawo. (UmSh. 4:12) Nakuba ngokuhamba kwesikhathi uBill noRamon bashonelwa abangane babo, bobabili babeye bakujabulela ukuba namakhosikazi athembekile abasekelayo. ULowell noRichard bayaqhubeka bejabulela lokho kusekelwa, futhi uBill owaphinde washada, wamkhetha ngokuhlakanipha umngane wakhe okumenze waqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele.

Eminyakeni yamuva, izabelo zabo ziye zabathumela ezindaweni ezihlukahlukene, ngokuyinhloko eJalimane, e-Austria, eLuxembourg, eCanada nase-United States. Ngenxa yalokho, laba bangane abane abakwazanga ukuchitha isikhathi esiningi bendawonye ngendlela ababengathanda ngayo. Kodwa nalapho behlukaniswe amabanga, babeqhubeka bexhumana, bejabulela izibusiso ngamunye ayezithola futhi bekhalisana lapho omunye esosizini. (Roma 12:15) Abangane abanjengalaba bayigugu futhi akufanele sibathathe kalula. Bayizipho eziyigugu ezivela kuJehova. (IzAga 17:17) Yeka ukuthi namuhla bayivelakancane kanjani abangane beqiniso ezweni! Kodwa wonke umKristu weqiniso angaba nenqwaba yabo. NjengoFakazi BakaJehova, sijabulela ubungane nesikholwa nabo emhlabeni wonke, futhi ngaphezu kwalokho siba abangane bakaJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.

 Njengoba kuyiqiniso ngathi sonke, ngezinye izikhathi laba bangane abane baye babhekana nobunzima—ngenxa yobuhlungu bokushonelwa, ukucindezeleka kokubhekana nesifo esibucayi, ukukhathazeka okubangelwa ukunakekela abazali asebekhulile, ubunzima bokukhulisa ingane ube usenkonzweni yesikhathi esigcwele, uvalo oba nalo lapho unikezwa isabelo esingokwasezulwini esisha futhi manje, nangenxa yezinkinga ezingapheli zokuguga. Kodwa bazibonele mathupha nokuthi abangane—abaseduze nabakude—bayabasiza abantu abathanda uJehova ukuba babhekane ngokuphumelelayo nenselele ngayinye.

ISIFISO SOKUBA ABANGANE PHAKADE

Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuthi uLowell, uRamon, uBill noRichard bazinikezela kuJehova omunye eneminyaka engu-18, omunye engu-12, omunye engu-11, omunye engu-10, futhi bonke bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele beneminyaka ephakathi kwengu-17 nengu-21! Benza ngokuvumelana nesikhuthazo esikumShumayeli 12:1: “Manje khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho.”

Uma uyinsizwa engumKristu futhi izimo zakho zikuvumela, ucelwa ukuba wamukele isimemo sikaJehova sokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Khona-ke, ngomusa wakhe ongafanelwe, ungase unambithe injabulo eyatholwa yilaba bangane abane—yokukhonza njengombonisi wesifunda, wesigodi, wamagatsha; yokukhonza eBethel, kuhlanganise nokuba ilungu leKomiti Yegatsha; yokufundisa eSikoleni Senkonzo SoMbuso naseSikoleni Senkonzo Samaphayona neyokunikeza izinkulumo emihlanganweni emikhulu nemincane. Yeka ukuthi laba bangane abane bajabula kanjani ngokwazi ukuthi umsebenzi wabo uzuzise amashumi ezinkulungwane zabafowabo! Lokhu bakufinyelele ngoba nje lapho beseyizinsizwa bamukela isimemo sikaJehova sothando sokumkhonza ngomphefumulo wonke.—Kol. 3:23.

Ukusuka kwesobunxele kuye kwesokudla: URichard, uBill, uLowell noRamon bahlangana eSelters lapho kunikezelwa izakhiwo ezintsha zegatsha ngo-1984

Namuhla, uLowell, uRichard noRamon bakhonza ndawonye futhi ehhovisi legatsha, manje eliseSelters, eJalimane. Siyadabuka ukusho ukuthi uBill washona ngo-2010 ekhonza njengephayona elikhethekile e-United States. Ubungane babo naye obukhetheke kakhulu beminyaka engaba ngu-60 baqedwa ukufa! Kodwa uNkulunkulu wethu uJehova, akalokothi abakhohlwe abangane bakhe. Singaqiniseka ngokuthi lapho sekubusa uMbuso wakhe, bonke ubungane bamaKristu obuye banqanyulwa okwesikhashana ukufa, buyobuyiselwa.

“Kuyo yonke iminyaka engu-60 singabangane, awukho nowodwa umzuzu engiwukhumbulayo owawungemnandi”

Ngaphambi nje kokuba afe, uBill wabhala: “Kuyo yonke iminyaka engu-60 singabangane, awukho nowodwa umzuzu engiwukhumbulayo owawungemnandi. Ubungane bethu bebulokhu buyinto ekhetheke kakhulu kimi.” Abangane bakhe abathathu abanethemba lokuqhubeka bengabangane ezweni elisha, bathi, “Futhi lesi isiqalo nje.”

^ isig. 17 Indaba yokuphila kukaMfoweth’ uFrost ethakazelisayo yanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-April 15, 1961, amakhasi 244-249.