Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukufuna Ukwazi Ngomoya KaKhisimusi

Ukufuna Ukwazi Ngomoya KaKhisimusi

“Kulula ukuzithola usungene shí esasaseni likaKhisimusi. Imicikilisho yaleli holidi iba miningi kangangokuthi isikhathi somndeni nabangane siba sincane kakhulu ngenxa yokuba matasa. Injabulo okufanele ngabe siyayithola ngezinye izikhathi iphaza-nyiswa ukucindezeleka.”—OWAYENGUMBUSI WESIFUNDA WASE-OKLAHOMA [E-U.S.A.] UBRAD HENRY, NGO-DECEMBER 23, 2008.

NJENGOBA inkathi kaKhisimusi isondela, izingoma, amabhayisikobho nezinhlelo ze-TV zigqugquzela umoya waleli holidi wokwenama nowesasasa—umoya kaKhisimusi. Ucabanga ukuthi kufanele kube yini ebaluleke kakhulu kulowo moya? Ingabe kufanele kube

  • Ukukhumbula uJesu Kristu?
  • Ukupha okuletha injabulo?
  • Ukusiza abahluphekile?
  • Ukuchitha isikhathi nomndeni?
  • Ukukhuthaza ukuthula?

Njengoba uMbusi uHenry, ocashunwe ekuqaleni, akubeka, abaningi abagubha uKhisimusi bakuthola kunzima ukufinyelela leyo migomo ngenkathi yaleli holidi. Isikhathi sikaKhisimusi sivame ukuba matasa, siyacindezela, ngaphezu kwakho konke, esokuthenga nokuthengisa. Ingabe ukuhlakulela umoya kaKhisimusi—noma lokho okufanele ube yikho—kulahlekelwe injongo?

IBhayibheli lisikhuthaza sonke ukuba sikhumbule uJesu Kristu, siphane, sisize abahluphekile futhi sichithe isikhathi nemindeni yethu. Lisifundisa nendlela yokuba nokuthula. Ngakho-ke, kunokuba sixoxe ngokuthi kungani abanye bengawugubhi uKhisimusi, * kulezi zihloko sizoxoxa ngemibuzo elandelayo:

  • Yini abanye abanomuzwa wokuthi kufanele ibe isizathu sokugubha uKhisimusi?
  • Kungani kuyinselele ukufinyelela lokho okulindelekile ngoKhisimusi?
  • Imiphi imithetho evela eBhayibhelini eye yasiza izigidi zabantu ukuba zithole okungcono kunoKhisimusi?

^ isig. 10 Ukuze uthole izizathu eziseBhayibhelini ezenza abanye abantu banqume ukungawugubhi uKhisimusi, bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini—Kungani Abanye Abantu Bengawugubhi UKhisimusi?”