Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

  Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu

Kungani UNkulunkulu Athumela UJesu Emhlabeni?

Kungani UNkulunkulu Athumela UJesu Emhlabeni?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Wayekuphi uJesu ngaphambi kokuba uNkulunkulu amthumele emhlabeni?

UJesu wayeyisidalwa somoya ezulwini ngaphambi kokuba azalelwe eBhetlehema. UNkulunkulu wadala yena kuqala futhi nguye kuphela amdala ngokuqondile. Ngakho-ke, kuyafaneleka ukuba abizwe ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Ezulwini, wayevame ukuba umkhulumeli kaNkulunkulu. Yingakho ebizwa ngokuthi uLizwi. Waphinde waba umsizi kaNkulunkulu, waba nengxenye ekudalweni kwazo zonke ezinye izinto. (Johane 1:2, 3, 14) UJesu waphila noNkulunkulu ezulwini izigidigidi zeminyaka ngaphambi kokudalwa kwabantu.—Funda uMika 5:2; Johane 17:5.

2. UNkulunkulu wayithumela kanjani iNdodana yakhe emhlabeni?

UJehova wadlulisela ukuphila kukaJesu esibelethweni sikaMariya esebenzisa umoya ongcwele. Ngakho, uMariya akazange alale nomuntu wesilisa ukuze kuzalwe uJesu. Izingelosi zamemezela ukuzalwa kwakhe kubelusi bendawo ababehlala ngaphandle ebusuku beqaphe imihlambi yabo. (Luka 2:8-12) Ngakho, uJesu wazalwa cishe ekuqaleni kuka-October ngesikhathi isimo sezulu sifudumele, hhayi ebusika obuqhaqhazelisa amazinyo. Ngokuhamba kwesikhathi, uMariya nomyeni wakhe uJosefa bathatha uJesu baya naye emzini wabo eNazaretha, bamkhulisela khona. UJosefa wanakekela uJesu njengendodana yakhe yokutholwa.—Funda uMathewu 1:18-23.

Ngesikhathi uJesu eneminyaka engaba ngu-30 ubudala, wabhapathizwa futhi uNkulunkulu wamemezela obala ukuthi uJesu uyiNdodana yakhe. UJesu wabe eseqala umsebenzi uNkulunkulu ayemthume ukuba awenze.—Funda uMathewu 3:16, 17.

 3. Kungani uNkulunkulu athumela uJesu emhlabeni?

UNkulunkulu wathumela uJesu ukuba azofundisa abantu iqiniso. Wafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wasezulwini oyoletha ukuthula emhlabeni wonke. Wanikeza ithemba lokuphila okuphakade. (Johane 4:14; 18:36, 37) Wabuye wafundisa abantu izindlela eziningi zokuthola injabulo yangempela. (Mathewu 5:3; 6:19-21) Wafundisa ngesibonelo. Ngokwesibonelo, wasibonisa indlela esingayenza ngayo intando kaNkulunkulu ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima. Lapho ephathwa kabi, akaphindiselanga.—Funda eyoku-1 Petru 2:21-24.

UJesu wafundisa abalandeli bakhe uthando lokuzidela. Wayenesikhundla esiphezulu ezulwini ngesikhathi ehlala noYise, kepha ngokuthobeka walalela uYise, weza emhlabeni wazophila nabantu. Akekho ongasibekela isibonelo sothando esidlula lesi.—Funda uJohane 15:12, 13; Filipi 2:5-8.

4. Yini eyafezwa uJesu ngokufa?

UNkulunkulu wathuma uJesu ukuba azofela nezono zethu. (Johane 3:16) Sonke siyizoni, okusho ukuthi asiphelele futhi sinesono. Yingakho sigula futhi sifa. Kanti umuntu wokuqala, u-Adamu, yena wayephelele. Wayengenaso isono futhi wayengeke agule noma afe. Kodwa walahlekelwa ukuphelela kwakhe lapho engamlaleli uNkulunkulu. Sathola isono ku-Adamu njengefa nenkokhelo yaso, ukufa.—Funda amaRoma 5:12; 6:23.

UJesu, owayephelele, akafelanga izono zakhe. Wafela izono zethu. Ukufa kukaJesu kwasivulela ithuba lokuthola ukuphila okuphakade nokubusiswa uNkulunkulu.—Funda eyoku-1 Petru 3:18.