Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ubani igama likaNkulunkulu?

Wonke amalungu omndeni wakithi anamagama. Ngisho nemfuyo inamagama! Bekungeke yini kube nengqondo ukuba uNkulunkulu abe negama? EBhayibhelini, uNkulunkulu uneziqu eziningi, njengesithi Nkulunkulu uMninimandla onke, Nkosi enguMbusi nesithi Mdali, kodwa futhi unalo igama lakhe siqu.—Funda u-Isaya 42:8.

Izinguqulo eziningi zeBhayibheli zinalo igama likaNkulunkulu encwadini yamaHubo 83:18. Ngokwesibonelo, kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, leli vesi lithi: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”

Kungani kufanele sisebenzise igama likaNkulunkulu?

UNkulunkulu ufuna sisebenzise igama lakhe. Uma sikhuluma nabantu esibathandayo, njengabangane bethu abakhulu sisebenzisa amagama abo—ikakhulu uma besicela ukuba siwasebenzise. Akufanele yini kube njalo lapho sikhuluma noNkulunkulu? Ngaphezu kwalokho, uJesu Kristu wasikhuthaza ukuba silisebenzise igama likaNkulunkulu.—Funda uMathewu 6:9; Johane 17:26.

Nokho, ukuze sibe abangane bakaNkulunkulu kudingeka sazi okwengeziwe ngaye, hhayi igama lakhe kuphela. Ngokwesibonelo, unjani uNkulunkulu? Kungenzeka yini ngempela ukuba sisondelane naye? Ungathola izimpendulo zale mibuzo eBhayibhelini.