Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMose—Indoda Enokholo

UMose—Indoda Enokholo

LUYINI UKHOLO?

Njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini, igama elithi “ukholo” lisho ukuqiniseka okusekelwe ebufakazini obuqinile. Umuntu onokholo kuNkulunkulu uyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzozigcwalisa izithembiso zakhe.

UMOSE WALUBONISA KANJANI UKHOLO?

UMose wagxilisa ukuphila kwakhe ezithembisweni zikaNkulunkulu. (Genesise 22:15-18) Wayenethuba lokuphila ngokunethezeka ebukhazikhazini baseGibhithe, kodwa waliyeka lelo thuba, “ekhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu kunokujabula isikhashana esonweni.” (Hebheru 11:25) Ingabe leso kwakuyisinqumo sokuthatheka, ayezozisola ngaso kamuva? Lutho neze, ngoba iBhayibheli lithi uMose “waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.” (Hebheru 11:27) UMose akazange azisole ngezinqumo azenza ezazisekelwe okholweni lwakhe.

UMose wayefuna ukuqinisa ukholo lwabanye. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwenzeka lapho kubonakala sengathi ama-Israyeli avaleleke phakathi kwamabutho kaFaro noLwandle Olubomvu. Esaba ngenxa yalokho ayekubona kuyinhlekelele eyayisondela, ama-Israyeli akhala kuJehova nakuMose. UMose wasabela kanjani?

Cishe uMose wayengazi ukuthi uNkulunkulu wayezohlukanisa uLwandle Olubomvu phakathi, ngaleyo ndlela avulele ama-Israyeli indlela yokusinda. Nokho, wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayezokwenza okuthile ukuze avikele abantu baKhe. UMose wayefuna ukuba namanye ama-Israyeli abe nokuqiniseka okufanayo. Siyafunda: “UMose wathi kubantu: ‘Ningesabi. Yimani niqine nibone insindiso kaJehova, azonenzela yona namuhla.’” (Eksodusi 14:13) Ingabe waphumelela ekuqiniseni ukholo lwama-Israyeli? Yebo, ngoba iBhayibheli aligcini ngokusho lokhu ngoMose kodwa nangawo wonke ama-Israyeli: “Ngokholo [adabula] uLwandle Olubomvu njengokungathi kusezweni elomile.” (Hebheru 11:29) Ukholo lukaMose aluzuzisanga yena kuphela kodwa luzuzisa wonke umuntu olingisa isibonelo sakhe.

IZIPHI IZIFUNDO ESIZITHOLAYO?

Singamlingisa uMose ngokugxilisa ukuphila kwethu ezithembisweni zikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu uthembisa ukunakekela izidingo zethu ezingokwenyama uma ukumkhulekela kuza kuqala ekuphileni kwethu. (Mathewu 6:33) Yiqiniso, singase sikuthole kuyinselele ukumelana nombono ogcizelela ukuba nezinto ezibonakalayo osabalele namuhla. Kodwa singaqiniseka ukuthi uma senza konke ukuze sigcine ukuphila kwethu kulula futhi kugxile ekumkhonzeni, uJehova uyosinika konke esikudingayo. Uyasiqinisekisa: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.”—Hebheru 13:5.

Silwela nokusiza abanye ukuba bakhule okholweni. Ngokwesibonelo, abazali abahlakaniphile bayaqaphela ukuthi banethuba eliyingqayizivele lokwakha ukholo ezinganeni zabo. Njengoba zikhula, izingane zidinga ulwazi olubalulekile lokuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi usinikeze imithetho yokulungile nokungalungile. Ngaphezu kwalokho, kudingeka ziqiniseke ukuthi ukulalela imithetho kaNkulunkulu kuyindlela engcono kakhulu yokuphila. (Isaya 48:17, 18) Abazali basuke bepha izingane zabo ifa eliyigugu lapho bezisiza ukuba zibe nokholo lokuthi uNkulunkulu “ungumuntu ongokoqobo futhi uvuza labo abazama ngobuqotho ukumthola.”—Hebheru 11:6, i-Holy Bible—Easy-to-Read Version.