Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE BEWAZI?

Ingabe Bewazi?

AmaJuda ekhulu lokuqala ayesilungisa kanjani isidumbu ngaphambi kokuba singcwatshwe?

AmaJuda ayebangcwaba ngokushesha abafileyo, imvamisa ngalo lolo suku. Kwakunezizathu ezimbili zokungcwaba ngokushesha. Esokuqala, izidumbu zazisheshe zonakale ngenxa yesimo sezulu esishisayo saseMpumalanga Ephakathi. Esesibili, ngaleso sikhathi, ukungangcwabi kuze kudlule izinsuku ezithile kwakubonisa ukungamhloniphi oshonile nomndeni wakubo.

AmaVangeli nencwadi yezEnzo kukhuluma ngabantu abane abangcwatshwa ngalo kanye usuku abafa ngalo. (Mathewu 27:57-60; IzEnzo 5:5-10; 7:60–8:2) Emakhulwini eminyaka ngaphambili, umfazi uJakobe ayemthanda, uRaheli, wafa ngenkathi besendleleni. Kunokuba ambuyisele emuva ukuze ayongcwatshelwa endaweni yakubo, uJakobe wamngcwaba “endleleni eya . . . eBhetlehema.”—Genesise 35:19, 20, 27-29.

Ukulandisa kweBhayibheli okukhuluma ngamalungiselelo omngcwabo kwembula ukuthi amaJuda ayecophelela kakhulu uma elungisa isidumbu ngaphambi kokuba singcwatshwe. Umndeni nabangane babesigeza, basihlikihle ngezinongo nangamafutha anuka kamnandi bese besisonga ngezindwangu. (Johane 19:39, 40; IzEnzo 9:36-41) Omakhelwane nabanye babeza bazolila futhi baduduze umndeni.—Marku 5:38, 39.

Ingabe uJesu wangcwatshwa ngendlela efana neyamaJuda amaningi?

Ezindaweni eziningi zakwa-Israyeli, imindeni eminingi yamaJuda yayingcwaba emihumeni noma emathuneni aqoshwe edwaleni. Ngokwenza kanjalo, ayenza lokho okwakwenziwa izinzalamizi. U-Abrahama, uSara, u-Isaka, uJakobe nabanye bangcwatshwa emhumeni waseMakaphela eduze kwaseHebroni.—Genesise 23:19; 25:8, 9; 49:29-31; 50:13.

UJesu wangcwatshwa ethuneni elaliqoshwe edwaleni. (Marku 15:46) Ngokuvamile ithuna elinjalo lalinomnyango omncane. Ngaphakathi, lalinezikhundla noma izikhala ezinjengamashalofu ezaziqoshwe edwalweni, lapho izidumbu zamalungu omndeni zazibekwa khona. Ngemva kokuba inyama seyonakale yaze yaphela, amathambo omile ayeqoqwa bese efakwa ebhokisini letshe njengoba kwakwenziwa ngesikhathi sikaJesu. Ngale ndlela, umndeni wawuvula indawo ethuneni ukuze ukwazi ukuphinde ungcwabe kuyo.

Njengoba uMthetho KaMose wawuthi kufanele kuphunyulwe ngeSabatha, amaJuda ayengakwazi ukuwenza wonke amalungiselelo okungcwaba ngalo. Njengoba uJesu afa sekusele amahora amathathu kube iSabatha, uJosefa wase-Arimatheya nabanye bamngcwaba bengasawenzanga wonke amalungiselelo okungcwatshwa kwakhe. (Luka 23:50-56) Ngenxa yaleso sizathu, abanye abangane bakaJesu baya ethuneni lakhe ngemva kweSabatha, benethemba lokuyenza ngokuphelele le nqubo.—Marku 16:1; Luka 24:1.