Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Zisize Wena Nabanye Ngokusebenzisa IZwi LikaNkulunkulu

Zisize Wena Nabanye Ngokusebenzisa IZwi LikaNkulunkulu

“Yonke imiyalo ngokuphathelene nazo zonke izinto ngiyibheké njengelungile.”—IHU. 119:128.

1. Kungani kumelwe silethembe ngokuphelele iZwi likaNkulunkulu?

LAPHO abadala behlola umfundi weBhayibheli ukuthi uyakufanelekela yini ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini, baye bazibuze, ‘Ingabe indlela akhuluma ngayo iyabonisa ukuthi uyakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe?’ * Kumuntu ofuna ukuba ummemezeli woMbuso—eqinisweni, kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu—impendulo kufanele ibe nguyebo ocacile. Kungani? Ukulethemba kwethu iZwi likaNkulunkulu nekhono lethu lokulisebenzisa enkonzweni kuyosisiza ukuba sisize abanye bamazi uJehova futhi bathole insindiso.

2. Kungani kufanele ‘siqhubeke ezintweni esizifundile’?

2 Umphostoli uPawulu wagcizelela ukubaluleka kweZwi likaNkulunkulu lapho ebhalela uThimothewu: “Qhubeka ezintweni owazifunda futhi wathonyelwa ukuba uzikholelwe.” ‘Izinto’ uPawulu ayekhuluma ngazo zingamaqiniso eBhayibheli ashukumisela uThimothewu ukuba abe nokholo ezindabeni ezinhle. La maqiniso aye aba nethonya elifanayo kithi namuhla, futhi asasisiza ‘ekusihlakaniphiseleni insindiso.’ (2 Thim. 3:14, 15) Sivame ukusebenzisa amazwi alandelayo kaPawulu ukuze sibonise abanye ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu, kodwa kunokunye esingakuzuza kula mazwi atholakala kweyesi-2 Thimothewu 3:16. (Funda.) Ake silihlole ngokuningiliziwe leli vesi. Ukwenza kanjalo kuyosenza siqiniseke ngokwengeziwe ukuthi zonke izimfundiso zikaJehova ‘zilungile.’—IHu. 119:128.

“INENZUZO YOKUFUNDISA”

3-5. (a) Isixuku sasabela kanjani ngemva kokuzwa inkulumo kaPetru ngePhentekoste, futhi kungani? (b) Kungani abaningi eThesalonika balamukela iqiniso? (c) Isiphi isici senkonzo yethu esingase sibahlabe umxhwele abantu namuhla?

3 UJesu watshela isizwe sakwa-Israyeli: “Nginithumelela  abaprofethi nabantu abahlakaniphile nabafundisi basobala.” (Math. 23:34) UJesu wayekhuluma ngabafundi bakhe, ayebafundise indlela yokusebenzisa imiBhalo enkonzweni yabo. NgePhentekoste lika-33 C.E., omunye walaba ‘bafundisi basobala,’ umphostoli uPetru, wanikeza inkulumo phambi kwesixuku eJerusalema futhi wacaphuna izindima ezisemiBhalweni yesiHebheru. Lapho zizwa uPetru ebonisa ukuthi lawo mazwi asebenza kanjani, izilaleli eziningi ‘zahlabeka enhliziyweni.’ Zaphenduka ezonweni zazo zangesikhathi esidlule. Ezingaba izinkulungwane ezintathu zafuna intethelelo kaNkulunkulu futhi zaba amaKristu.—IzE. 2:37-41.

4 Omunye umfundisi wasobala, umphostoli uPawulu, washumayela izindaba ezinhle ezindaweni ezikude kuneJerusalema. Ngokwesibonelo, emzini waseThesalonika eMakedoniya, wakhuluma nalabo ababekhulekela esinagogeni. Kwaphela amaSabatha amathathu uPawulu ‘ebonisana nabo ngemiBhalo, echaza futhi ebonisa ngezingcaphuno ukuthi kwakudingekile ukuba uKristu ahlupheke futhi avuke kwabafileyo.’ Waba yini umphumela? “Abanye kubo [amaJuda] baba ngamakholwa,” kanye ‘noquqaba lwamaGreki.’—IzE. 17:1-4.

5 Indlela izinceku zikaNkulunkulu ezisebenzisa ngayo iBhayibheli namuhla ibahlaba umxhwele abantu abaningi. Ngemva kokulalela udade efunda umBhalo, umninikhaya othile eSwitzerland wambuza: “Ungowayiphi inkolo?” Waphendula: “Mina nengihamba naye singoFakazi BakaJehova.” Wathi: “Nebala! Obani abanye ngaphandle koFakazi BakaJehova abebengeza emzini wami bazongifundela iBhayibheli?”

6, 7. (a) Labo abafundisa ibandla bangalisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo iBhayibheli? (b) Kungani kubaluleke kakhulu ukusebenzisa imiBhalo ngokuphumelelayo lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya?

6 Singalisebenzisa kanjani ngokwengeziwe iBhayibheli lapho sifundisa? Uma unelungelo lokufundisa ibandla usendaweni yesikhulumi, washo ngokuqondile amavesi eBhayibheli owacaphunayo. Kunokuba umane ukhulumele imiBhalo eyinhloko noma uyifunde ephepheni oyiprinte kulo noma kwenye yezinto zobuchwepheshe, yifunde eBhayibhelini ngokwalo, ukhuthaze nezilaleli ukuba zenze okufanayo. Zinike nesikhathi sokubonisa indlela amavesi asebenza ngayo ngendlela esiza izilaleli ukuba zisondele kuJehova. Kunokusebenzisa imifanekiso nokuhlangenwe nakho okuyinkimbinkimbi ukuze nje ujabulise izilaleli, sebenzisa leso sikhathi ukuze ucacise iZwi likaNkulunkulu.

7 Yini okufanele siyikhumbule uma siqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya? Njengoba sisebenzisa izincwadi zethu zobuKristu, kumelwe siqikelele ukuba singayeqi imiBhalo ekhonjiwe. Kumelwe sikhuthaze umuntu esimfundelayo ukuba afunde imiBhalo ekhonjiwe futhi simsize ayiqonde. Kanjani? Hhayi ngokunikeza umfundi izincazelo ezinde kube sengathi uyamshumayeza, kodwa ngokumkhuthaza ukuba aveze umbono wakhe. Kunokuba simtshele lokho okufanele akukholelwe noma okufanele akwenze, singambuza imibuzo ecatshangelwe kahle ezomsiza ukuba afinyelele iziphetho ezifanele. *

“INENZUZO . . . YOKUSOLA”

8. UPawulu wabhekana nayiphi impi engaphakathi kuye?

8 Ngokuvamile sibheka umsebenzi ‘wokusola’ njengofanele ukwenziwa abadala abangamaKristu. Yiqiniso, ababonisi banesibopho ‘sokusola labo abenza isono.’ (1 Thim. 5:20; Thithu 1:13) Kodwa kubalulekile nokuba sizisole ngokwethu. UPawulu wayengumKristu oyisibonelo owayenonembeza ohlanzekile. (2 Thim. 1:3) Noma kunjalo, wabhala: “Ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono.” Ngokufunda umongo walawo  mazwi, siyoyiqonda kangcono impi uPawulu ayebhekene nayo yokulawula ukuthambekela kwakhe esonweni.—Funda amaRoma 7:21-25.

9, 10. (a) Ibuphi ubuthakathaka okungenzeka uPawulu wayelwa nabo? (b) Cishe uPawulu wayilwa kanjani impi yakhe nesono?

9 Yibuphi ubuthakathaka uPawulu ayezama ukulwa nabo? Nakuba engabushongo, encwadini ayibhalela uThimothewu wazichaza ngokuthi ‘wayengumuntu oweyisayo.’ (1 Thim. 1:13) Ngaphambi kokuba aguquke, uPawulu wayenentukuthelo enkulu ngamaKristu. Ngokuphathelene nenzondo ayenayo ngabalandeli bakaKristu, wathi: “Ngangibathukuthelele ngokudlulele.” (IzE. 26:11) UPawulu wafunda ukulawula ulaka lwakhe, kodwa ngezinye izikhathi wayeke ahluleke ukulawula imizwa namazwi akhe. (IzE. 15:36-39) Yini eyamsiza ukuba aphumelele?

10 Lapho ebhalela amaKristu aseKorinte, uPawulu wachaza indlela ayeyisebenzisa ukuze azisole yena. (Funda eyoku-1 Korinte 9:26, 27.) Wayeshaya ubuntu bakhe obungaphelele ngamagalelo angokomoya aqondiswe kahle. Kungenzeka ukuthi wayebheka amaphuzu eseluleko emiBhalweni, anxuse uJehova ukuba amsize asebenzise leso seluleko futhi azikhandle ukuze athuthukise. * Singazuza esibonelweni sakhe ngenxa yokuthi silwa impi efanayo nokuthambekela kwethu kokungapheleli.

11. ‘Singaqhubeka kanjani sizihlola’ ukuthi sisahamba endleleni yeqiniso?

11 Akumelwe sikuthathe kalula ukukhulekela kwethu. Kunalokho, kudingeka ‘siqhubeke sizihlola’ ukuze siqiniseke ukuthi sisahamba endleleni yeqiniso ngempela. (2 Kor. 13:5) Lapho sifunda imiBhalo enjengeyabaseKolose 3:5-10, singazibuza: ‘Ingabe ngiyazikhandla ukuba ngibulale ukuthambekela kwami kwesono noma ukuziphatha kwami kuya kuba kubi? Uma ngisebenzisa i-Internet bese kuvela ingosi yezithombe ezingcolile, ingabe ngiyaphuma kuyo, noma ingabe ngiyazithungatha lezi zingosi ezingafaneleki?’ Ukusisebenzisa kithi iseluleko seZwi likaNkulunkulu ngale ndlela kuyosisiza ukuba “sihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile.”—1 Thes. 5:6-8.

“INENZUZO . . . YOKUQONDISA IZINTO”

12, 13. (a) Kufanele ube yini umgomo wethu lapho ‘siqondisa izinto,’ futhi singasilandela kanjani isibonelo sikaJesu ekwenzeni kanjalo? (b) Inkulumo enjani engafanele neze lapho ‘siqondisa izinto’ nabanye?

12 Inkulumo yesiGreki ehunyushwe ngokuthi ‘ukuqondisa izinto’ isho “ukwenza kube kuhle, ukulungisa, ukubuyisela esimweni esifanele nesiqondile.” Ngezinye izikhathi, kumelwe sithathe isinyathelo sokuqondisa izinto nalabo abangasiqondi thina noma izenzo zethu. Ngokwesibonelo, abaholi benkolo bamaJuda bakhononda ngokuthi uJesu wayenomusa ‘kubathelisi nezoni.’ UJesu waphendula: “Abantu abanempilo enhle abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. Khona-ke, hambani niyofunda ukuthi kusho ukuthini lokhu, ‘Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.’” (Math. 9:11-13) Wayechazela bonke abantu amazwi kaNkulunkulu ngesineke nangomusa. Ngenxa yalokho, abathobekile bamazi uJehova ‘njengoNkulunkulu onesihe nomusa, owephuza ukuthukuthela nochichima umusa wothando neqiniso.’ (Eks. 34:6) Besabela emizamweni yeNdodana kaNkulunkulu ‘yokuqondisa izinto,’ abaningi baba nokholo ezindabeni ezinhle.

13 Isibonelo sikaJesu sisifundisa indlela okufanele sibasize ngayo abanye. Umuntu othukuthele angase athi ngolaka, ‘Kukhona engisafuna sikulungise nawe.’ Kodwa le ndlela yokukhuluma ayikona lokho okushiwo kweyesi-2 Thimothewu 3:16. “Yonke imiBhalo” ayisigunyazi ukuba sikhulume nabanye ngendelelo. “Njengokuhlaba kwenkemba,” ukugxeka abanye ngendelelo ngokuvamile kubangela ubuhlungu obukhulu  futhi akuvamile ukuzuzisa.—IzAga 12:18.

14-16. (a) Abadala ‘bangaqondisa izinto’ kanjani ngendlela esiza abanye baxazulule izinkinga zabo? (b) Kungani ukuqondisa izinto ngendlela engokomBhalo kubaluleke kakhulu lapho ukhulisa izingane?

14 Khona-ke, singasibonisa kanjani isineke nomusa lapho ‘siqondisa izinto’? Ake sithi umbhangqwana oshadile ucele usizo kumdala ongumKristu ukuze uqede izingxabano zawo esezivamile. Yini engenziwa umdala? Ngaphandle kokuthatha uhlangothi, angabonisana nalo mbhangqwana ngezimiso zeBhayibheli, mhlawumbe esebenzisa lezo ezitholakala esahlukweni 3 sencwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Njengoba umdala ehola engxoxweni, ngamunye kubo uyosibona iseluleko esisebenza kuye ngokukhethekile. Ngemva kwesikhathi esithile, umdala uyofuna ukwazi ukuthi izinto zihamba kanjani emndenini futhi anikeze usizo olwengeziwe uma ludingeka.

 15 Abazali ‘bangaqondisa kanjani izinto’ ngendlela eyokwenza izingane zabo ziqine ngokomoya? Ake sithi ufuna ukusiza indodakazi yakho esiyevile eminyakeni eyishumi nambili ukuba igweme ukuba umngane womuntu ongabazisayo. Okokuqala, kufanele uthole amaqiniso. Ngemva kwalokho, uma sikhona isizathu sokukhathazeka, kufanele ukhulume nayo, mhlawumbe usebenzisa amaphuzu atholakala kwethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2. Ezinsukwini ezilandelayo, ungachitha isikhathi esengeziwe nayo. Ungabheka nesimo sayo sengqondo njengoba ihlanganyela enkonzweni yasensimini noma ekuzijabuliseni komkhaya. Uma ubonisa ukubekezela nomusa, indodakazi yakho ingase ibone ukuthi uyayithanda. Cishe iyoshukumiseleka ukuba isisebenzise iseluleko sakho futhi igweme inhlekelele ekuphileni kwayo.

Ngokusebenzisa iBhayibheli ngomusa ukuze ‘baqondise izinto’ nezingane zabo, abazali bazisiza ukuba zigweme ukuzwa ubuhlungu (Bheka isigaba 15)

16 Ngokubonisa isineke esifanayo nomusa, singakwazi ukukhuthaza abantu abakhathazeke ngempilo, abacindezelekile ngenxa yokulahlekelwa umsebenzi noma  abadidwa izimfundiso ezithile ezingokomBhalo. Ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ‘ekuqondiseni izinto’ kubalethela izinzuzo ezinkulu abantu bakaJehova.

“INENZUZO . . . YOKUYALA EKULUNGENI”

17. Kungani kufanele sibonge lapho sithola isiyalo?

17 “Asikho isiyalo esibonakala okwamanje sengathi siyajabulisa, kodwa sibanga usizi.” Nokho, “kamuva labo abaqeqeshwe yiso sibathelela isithelo sokuthula, okuwukuthi, ukulunga.” (Heb. 12:11) AmaKristu amaningi asekhulile ayavuma ukuthi sawasiza isiyalo asithola kubazali bawo abangamaKristu. Ukwamukela isiyalo esivela kuJehova, esisinikwa abadala abangamaKristu, kusigcina sisendleleni yokuphila.—IzAga 4:13.

18, 19. (a) Kungani iseluleko esitholakala encwadini yezAga 18:13 sibaluleke kakhulu ‘ekuyaleni ekulungeni’? (b) Lapho abadala bebonisa ubumnene nothando ekusebenzelaneni nabonile, uvame ukuba yini umphumela?

18 Kudinga ikhono ukunikeza isiyalo ngendlela ephumelelayo. UJehova watshela amaKristu ukuba anikeze isiyalo ‘ngokulunga.’ (2 Thim. 3:16) Ngenxa yalokho, kudingeka sisebenzise izimiso zeBhayibheli ukuze zisiqondise. Esinye salezo zimiso sitholakala encwadini yezAga 18:13: “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka.” Khona-ke, lapho abadala kudingeka bakhulume nothile osolwa ngokwenza isono esingathi sína, kumelwe baluhlolisise udaba ukuze bathole wonke amaqiniso. (Dut. 13:14) Kungemva kwalokho-ke lapho beyonikeza isiyalo ‘ngokulunga.’

19 Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu liyala abadala abangamaKristu ukuba balungise abanye “ngobumnene.” (Funda eyesi-2 Thimothewu 2:24-26.) Kuyiqiniso ukuthi umuntu angalihlambalaza igama likaJehova futhi alimaze nabantu abangenacala. Noma kunjalo, umdala ngeke akwazi ukumsiza umuntu onjalo uma emeluleka ngentukuthelo. Nokho, lapho abadala belingisa “imfanelo kaNkulunkulu yomusa,” bangase bamshukumisele lowo owonile ekuphendukeni.—Roma 2:4.

20. Iziphi izimiso abazali okufanele bazisebenzise lapho beyala izingane zabo?

20 Ukuze bakhulise izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova,” abazali kumelwe basebenzise izimiso zeBhayibheli. (Efe. 6:4) Ubaba kufanele agweme ukujezisa indodana yakhe engakalutholi uhlangothi lwayo lwendaba. Intukuthelo ehambisana nobudlova ayinayo neze indawo emndenini wamaKristu. “UJehova unothando futhi unesihe,” nalabo abanomthwalo wemfanelo wokuyala abasebasha kudingeka balwele ukubonisa izimfanelo ezinjalo.—Jak. 5:11.

ISIPHO SETHU ESIYIGUGU ESIVELA KUJEHOVA

21, 22. Imaphi amazwi atholakala kumaHubo 119:97-104 ayichaza kahle indlela ozizwa ngayo ngeZwi likaJehova?

21 Umuntu othile owesaba uNkulunkulu wake wachaza ukuthi kungani ayewuthanda umthetho kaJehova. (Funda iHubo 119:97-104.) Ukuwutadisha kwamnika ukuhlakanipha, ulwazi nokuqonda. Ukusebenzisa iseluleko sawo kwamsiza wagwema izindlela ezingalungile ezabangela abanye ubuhlungu. Kuye, ukutadisha imiBhalo kwakumjabulisa futhi kumenza aneliseke. Wayezimisele ukulalela uNkulunkulu oziqondiso zakhe zazimzuzise kakhulu ekuphileni kwakhe.

22 Ingabe uyayazisa “yonke imiBhalo”? Ngayo, wakha ukholo lwakho lokuthi uNkulunkulu uyoyifeza injongo yakhe. Iseluleko sayo esiphefumulelwe sikuvikela emiphumeleni ebulalayo ebangelwa ukwenza isono. Ngokuyichaza kahle, ungakwazi ukusiza abanye bangene endleleni eya ekuphileni futhi bahlale kuyo. Sengathi singayisebenzisa ngokugcwele “yonke imiBhalo” njengoba sikhonza uNkulunkulu wethu ohlakaniphe kakhulu nonothando, uJehova.

^ isig. 1 Bheka incwadi ethi Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova, ikhasi 79.

^ isig. 7 Lapho efundisa, uJesu wayevame ukubuza abanye: “Nicabangani?” Ngemva kwalokho alindele umbono wabo.—Math. 18:12; 21:28; 22:42.

^ isig. 10 Izincwadi zikaPawulu zinezikhuthazo eziningi zokunqoba ukuthambekela kwesono. (Roma 6:12; Gal. 5:16-18) Kunengqondo ukuphetha ngokuthi yena ngokwakhe wasisebenzisa iseluleko asinikeza abanye.—Roma 2:21.