Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE BEWAZI?

Ingabe Bewazi?

Ingabe ithempeli laseJerusalema laphinde lakhiwa kabusha ngemva kuka-70 C.E.?

UJESU wathi akukho tshe lethempeli likaJehova elaliyoshiywa phezu kwetshe—isiprofetho esagcwaliseka lapho ibutho lamaRoma elaliholwa uTitus libhubhisa iJerusalema ngo-70 C.E. (Math. 24:2) Kamuva, uMbusi uJulian wahlela ukulakha kabusha ithempeli.

UJulian uye wabizwa ngokuthi umbusi wokugcina waseRoma oyiqaba. Lo mshana kaConstantine Omkhulu wathola imfundo okwakuthiwa eyobuKristu. Nokho, ngemva kokubekwa njengombusi ngo-361 C.E., wayilahla obala leyo mfundo kanye nohlobo lobuKristu obukhohlakele bangosuku lwakhe, wakhetha inkolo yobuqaba. Izincwadi zomlando zimbiza ngokuthi “iSihlubuki.”

UJulian wayebenyanya ubuKristu. Kungenzeka esinye sezizathu zalokho ukuthi ngesikhathi eneminyaka eyisithupha ubudala wabona abameleli babo bebulala uyise kanye nezihlobo zakhe zesilisa. Ngokwezazimlando zesonto, uJulian wakhuthaza amaJuda ukuba akhe kabusha ithempeli, enethemba lokuthi lokho kwakuzobonisa ukuthi uJesu wayengumprofethi wamanga. *

Izazimlando azikungabazi ukuthi uJulian wahlela ukwakha kabusha ithempeli. Ziphikisana ngokuthi wawuqala ngempela yini umsebenzi wokulakha kabusha futhi uma awuqala, yini eyabangela ukuba uyekwe. Nokho, iyodwa into okuqinisekwa ngayo. UJulian wabulawa ingakapheli neminyaka emibili engumbusi futhi umsebenzi wokulakha kabusha wafa kanye naye.

Ithempeli ngendlela okungenzeka lalibukeka ngayo ngosuku lukaJesu, lidwetshwe phezu kwendawo elikuyo namuhla

^ isig. 5 UJesu akazange athi ithempeli ngeke liphinde lakhiwe kabusha kodwa wathi laliyobhujiswa, okuyinto eyenzeka ngo-70 C.E.