Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe ‘Uyayishisekela Imisebenzi Emihle’?

Ingabe ‘Uyayishisekela Imisebenzi Emihle’?

“UKristu Jesu . . . wazinikela ngenxa yethu ukuze . . . azihlanzele isizwe okungesakhe kuphela, esishisekela imisebenzi emihle.”—THITHU 2:13, 14.

1, 2. Iliphi ilungelo eliyingqayizivele oFakazi BakaJehova abanalo, futhi uzizwa kanjani ngalokho?

ABANTU abaningi bakubheka njengodumo noma ilungelo elikhulu ukunikwa umklomelo ngenxa yokuthile okuphawulekayo abakufezile. Ngokwesibonelo, abanye baye bathola uMklomelo KaNobel ngenxa yemisebenzi yabo yentshiseko yokudala ukuthula phakathi kwamaqembu amabili alwayo. Kodwa yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuthunywa uNkulunkulu njengenxusa noma isithunywa sokusiza abantu babe nokuthula noMdali wabo!

2 NjengoFakazi BakaJehova, sinikezwe lelo lungelo eliyingqayizivele. Siqondiswa uNkulunkulu noKristu, sinxusa abantu ukuba ‘babuyisane noNkulunkulu.’ (2 Kor. 5:20) Sisetshenziswa uJehova ukuba adonsele abantu kuye. Yile ndlela izigidi zabantu eziye zasizwa ngayo emazweni angaphezu kuka-235 ukuba zibe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu futhi ngaleyo ndlela zibe nethemba lokuthola ukuphila okuphakade. (Thithu 2:11) Ngentshiseko esuka enhliziyweni, simema “noma ubani othandayo [ukuba] athathe amanzi okuphila ngesihle.” (IsAm. 22:17) Ngenxa yokuthi siyasazisa lesi sabelo sethu esiyigugu futhi sisenza ngenkuthalo, singabizwa kufanele ngokuthi singabantu ‘abashisekela imisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14) Manje ake sixoxe ngendlela ukushisekela kwethu imisebenzi emihle okusisiza ngayo ekudonseleni abantu kuJehova. Enye indlela esiyishisekela ngayo iwumsebenzi wethu wokushumayela.

LINGISA INTSHISEKO KAJEHOVA NOJESU

3. “Intshiseko kaJehova” isiqinisekisa ngani?

3 Ebhekisele kulokho okuyofezwa ukubusa kweNdodana kaNkulunkulu, u-Isaya 9:7 uthi: “Yona kanye intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.” La mazwi agcizelela isifiso esikhulu sikaBaba wethu wasezulwini sokusindisa isintu. Isibonelo sentshiseko kaJehova sibonisa ngokucacile ukuthi kudingeka siwushisekele umsebenzi asinike wona njengabamemezeli boMbuso futhi siwusekele ngenhliziyo yethu yonke. Silingisa intshiseko kaJehova ngokuba nesifiso esijulile sokusiza abantu ukuba  bamazi. Khona-ke, njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, ingabe yilowo nalowo kithi uzimisele ukwenza okusemandleni ethu ukuba abe nengxenye egcwele ekumemezeleni izindaba ezinhle?—1 Kor. 3:9.

4. UJesu wasibeka kanjani isibonelo sokuphikelela ngentshiseko enkonzweni?

4 Cabanga nangentshiseko kaJesu. Wabeka isibonelo esihle sokuphikelela ngentshiseko enkonzweni. Naphezu kokuphikiswa, wayilondoloza intshiseko yakhe ngomsebenzi wokushumayela kwaze kwaba sekupheleni okubuhlungu kokuphila kwakhe emhlabeni. (Joh. 18:36, 37) Njengoba isikhathi sokufa kwakhe njengomhlatshelo sasisondela, nokuzimisela kwakhe ukusiza abanye ukuba bazi uJehova kwakhula.

5. Yini uJesu ayenza ngokuvumelana nomfanekiso wakhe wesihlahla somkhiwane?

5 Ngokwesibonelo, ekwindla ka-32 C.E., uJesu wenza umfanekiso wendoda eyayinesihlahla somkhiwane esivinini sayo okwase kuphele iminyaka emithathu singatheli. Lapho umgcini-sivini etshelwa ukuba asinqume, wacela isikhathi sokuba aqale asifakele umquba. (Funda uLuka 13:6-9.) Ngaleso sikhathi, babembalwa abafundi okwakungathiwa bayisithelo somsebenzi kaJesu wokushumayela. Kodwa njengoba umfanekiso womgcini-sivini ubonisa, uJesu wasebenzisa isikhathi sakhe esincane esasisele—esingaba izinyanga eziyisithupha—ukuze aqinise umsebenzi wakhe wokushumayela eJudiya nasePhereya. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba afe, uJesu walilela abantu bakubo ‘ababezwile bangasabela.’—Math. 13:15; Luka 19:41.

6. Kungani kufanele siqinise emsebenzini wethu wokushumayela?

6 Njengoba sesingene shí esikhathini sokuphela, akubalulekile yini nakakhulu ukuqinisa emizamweni yethu yokushumayela? (Funda uDaniyeli 2:41-45.) Kuyilungelo elimangalisa ngempela ukuba oFakazi BakaJehova! Yithi kuphela emhlabeni esinika abantu ithemba lezixazululo zangempela zezinkinga zesintu. Muva nje umlobeli wephephandaba elithile uwuchaze njengongaphenduleki umbuzo othi, “Kungani abantu abalungile behlelwa izinto ezimbi?” Kuwumsebenzi nelungelo lethu njengamaKristu ukubabonisa izimpendulo eziseBhayibhelini zemibuzo enjengalo labo abavumayo ukulalela. Sinezizathu ezizwakalayo ‘zokuvutha emoyeni’ njengoba sifeza lo msebenzi esiwunikwe uNkulunkulu. (Roma 12:11) Ngesibusiso saKhe, ukushumayela kwethu ngentshiseko kungabasiza abanye ukuba bamazi futhi bamthande.

UMOYA WOKUZIDELA UYAMDUMISA UJEHOVA

7, 8. Umoya wokuzidela umdumisa kanjani uJehova?

7 Njengoba lokho umphostoli uPawulu abhekana nakho kubonisa, inkonzo yethu ingabangela ‘ukuqwasha ebusuku nezikhathi zokungabi nakudla.’ (2 Kor. 6:5) La mazwi akuchaza kahle ukuzidela futhi angase asikhumbuze amaphayona anika inkonzo indawo yokuqala ekuphileni kwawo kuyilapho ezisekela ngokwezimali. Cabanga nangezithunywa zethu zevangeli ezizinikele ‘ezizithulula njengomnikelo wokuphuzwa’ ukuze zikhonze abantu kwamanye amazwe. (Fil. 2:17) Kuthiwani ngabadala bethu abasebenza kanzima ngezinye izikhathi abangadli noma abaqwashayo ngenxa yokuba matasa benakekela izimvu zikaJehova? Phakathi kwethu kukhona asebekhulile nalabo abanempilo engeyinhle abenza konke abangakwenza ukuze babe khona emihlanganweni yobuKristu futhi bahlanganyele enkonzweni yasensimini. Izinhliziyo zethu zigcwala ukwazisa lapho sicabanga ngazo zonke lezi zikhonzi zikaNkulunkulu ezizidelayo. Imizamo enjalo iyayithonya indlela abanye ababheka ngayo inkonzo yethu.

8 Encwadini ayibhalela i-Boston Target, iphephandaba laseLincolnshire e-United Kingdom, umfundi othile ongeyena uFakazi wathi: “Abantu abasazethembi izinkolo . . . Benzani nje abefundisi usuku lonke? Abahambi beshumayela njengoKristu bakhulume nabantu . . . OFakazi BakaJehova bawukuphela kwenkolo ebonakala izikhathaza,  abahambayo bayokhuluma nabantu futhi abahlanganyela ngobuqotho ekushumayeleni iqiniso.” Kuleli zwe eligcwele ubugovu, umoya wethu wokuzidela ufeza lukhulu ekudumiseni uJehova uNkulunkulu.—Roma 12:1.

Ukuba khona kwakho enkonzweni kunikeza ubufakazi obunamandla kwababukele

9. Yini engasishukumisela ukuba siqhubeke sishisekela imisebenzi emihle enkonzweni yethu?

9 Nokho, yini esingayenza uma sesiqala ukulahlekelwa intshiseko enkonzweni yethu? Kungaba usizo ukucabanga ngalokho uJehova akufezayo ngomsebenzi wokushumayela. (Funda amaRoma 10:13-15.) Insindiso ixhomeke ekubizeni ngokholo igama likaJehova, kodwa abantu ngeke bakwenze lokho uma singabashumayezi. Ukuqaphela lokhu kuyosishukumisela ukuba siqhubeke sishisekela imisebenzi emihle futhi simemezele izindaba ezinhle zoMbuso ngenkuthalo.

UKUZIPHATHA OKUHLE KUDONSELA ABANTU KUNKULUNKULU

Ukwethembeka nokukhuthala kwakho kuyaphawuleka

10. Kungani kungase kuthiwe ukuziphatha kwethu okuhle kudonsela abantu kuJehova?

10 Nakuba ibaluleke kakhulu enkonzweni, intshiseko iyodwa ayanele ukuba idonsele abantu kuNkulunkulu. Isici sesibili semisebenzi yentshiseko esidonsela abantu kuNkulunkulu ukuziphatha okuhle kobuKristu. UPawulu wagcizelela ukubaluleka kokuziphatha kwethu lapho ebhala: “Asinikezi sizathu sokukhubeka nangayiphi indlela, ukuze inkonzo yethu ingatholakali inephutha.” (2 Kor. 6:3) Inkulumo yethu ehlanzekile nokuziphatha okuhle kuhlobisa imfundiso kaNkulunkulu, kwenze ukukhulekela uJehova kukhange kwabanye. (Thithu 2:10) Empeleni, sivame ukuzwa ngemiphumela emihle lapho abantu abaqotho bebona ukuziphatha kwethu kobuKristu.

11. Kungani kufanele siyicabangele ngomthandazo imiphumela yokuziphatha kwethu?

11 Nakuba sibona ukuthi izenzo zethu zingaba nethonya elihle kubantu, izenzo ezimbi zingenza okuhlukile. Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi sisemsebenzini, ekhaya, noma esikoleni, sifuna ukugwema ukunika noma ubani isizathu sokuthola iphutha ngenkonzo yethu nangokuziphatha  kwethu. Uma singaba nomkhuba wokwenza isono ngamabomu, singabhekana nemiphumela edabukisa ngempela. (Heb. 10:26, 27) Lokhu kufanele kusishukumisele ukuba sikucabangele ngomthandazo esikwenzayo nokuthi ukuphila kwethu kubatshelani abanye. Njengoba izindinganiso zokuziphatha zaleli zwe ziwohloka, abantu abaqotho bazowubona ngokucacile “umehluko . . . phakathi kokhonza uNkulunkulu nongazange amkhonze.” (Mal. 3:18) Yebo, ukuziphatha kwethu okuhle kobuKristu kunendima enkulu ekusizeni abantu babuyisane noNkulunkulu.

12-14. Indlela esikhuthazelela ngayo uvivinyo lokholo iyithinta kanjani indlela abanye abayibheka ngayo inkonzo yethu? Nikeza isibonelo.

12 Ngesikhathi ebhalela abaseKorinte, uPawulu waveza ukuthi wayebhekane nezinsizi, ubunzima, ukushaywa nokuboshwa. (Funda eyesi-2 Korinte 6:4, 5.) Lapho sibhekana nokuvivinywa okunjalo kokholo, ukukhuthazela kwethu kungasiza ababukele ukuba bamukele iqiniso. Ngokwesibonelo: Eminyakeni eminingi edlule, kwake kwazanywa ukuqothula oFakazi BakaJehova endaweni ethile yase-Angola. OFakazi ababili ababhapathiziwe nabantu abangu-30 abathakazelayo ababekomunye wemihlangano yethu babanjwa. Kwabe sekubizwa abantu bendawo ukuba beze bazobukela njengoba abaphikisi bebabhaxabula baze bopha laba bafowethu abangenacala. Ngisho nabesifazane nezingane abayekwanga. Injongo yayiwukwesabisa abantu ukuze kungabi namuntu olalela oFakazi BakaJehova. Kodwa ngemva kwalokho kubhaxabulwa kwabo obala, amalungu amaningi omphakathi aya koFakazi futhi acela izifundo zeBhayibheli! Ngemva kwalokho, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso waqhubekela phambili, umphumela waba ukwanda okuphawulekayo nezibusiso eziningi.

13 Lesi sibonelo sibonisa ukuthi ukuzimelela kwethu ngokuqinile izimiso zeBhayibheli kungaba nethonya elingakanani kwabanye. Kungase kusimangaze ukwazi ukuthi baningi kangakanani ababuyisana noNkulunkulu ngenxa yesibindi esaboniswa uPetru nabanye abaphostoli. (IzE. 5:17-29) Esimweni sethu, labo esifunda nabo, esisebenza nabo, noma amalungu emindeni yethu bangase basabele kahle lapho besibona simelela iqiniso.

14 Kuhlale kunabazalwane bethu ababhekana nokushushiswa. Ngokwesibonelo, e-Armenia, cishe abazalwane abangaba ngu-40 basejele ngenxa yokungathathi hlangothi kwezombusazwe, futhi kungenzeka baningi abasazoboshwa ezinyangeni ezizayo. E-Eritrea, izinceku zikaJehova ezingu-55 ziboshiwe, ezinye zineminyaka engaphezu kwengu-60 ubudala. ESouth Korea, kunoFakazi abangaba ngu-700 ababoshelwe ukholo lwabo. Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-60 kulokhu kwenzeka lokhu. Masithandazele ukuba ukwethembeka kwabafowethu abashushiswayo emazweni ahlukahlukene kulethe udumo kuNkulunkulu futhi kusize abathandi bokulunga ukuba bamelele ukukhulekela kweqiniso.—IHu. 76:8-10.

15. Bonisa indlela ukuphila ngokwethembeka okungadonsela ngayo abanye eqinisweni.

15 Ukuphila kwethu ngokwethembeka nakho kungadonsela abantu eqinisweni. (Funda eyesi-2 Korinte 6:4, 7.) Ngokwesibonelo, cabanga ngalokhu okuhlangenwe nakho: Udade othile wayefaka imali emshinini wokuthenga amathikithi ebhasini lapho othile amaziyo emtshela ukuthi asikho isidingo sokukhokhela ithikithi, ngoba wayezohamba ibanga elincane ngebhasi. Lo dade wachaza ukuthi kuyafaneleka ukuba alikhokhele ithikithi, ngisho noma ezokwehla esitobhini esilandelayo. Ngemva kwalokho umngane wakhe wehla ebhasini. Umshayeli webhasi wabe esebheka lo dade wambuza, “Ingabe ungomunye woFakazi BakaJehova?” “Yebo,” kuphendula lo dade. “Kungani ubuza?” “Nginizwile nikhuluma ngendaba yokukhokhela ithikithi, futhi ngiyazi ukuthi oFakazi BakaJehova baphakathi kwabantu abambalwa kakhulu abalikhokhelayo futhi abathembekile kuzo zonke izinto.” Ngemva kwezinyangana, indoda ethile yeza  kulo dade komunye wemihlangano yethu yathi, “Usangikhumbula? Ngingumshayeli webhasi owakhuluma naye ngendaba yokukhokhela ithikithi. Ngenxa yokubona ukuziphatha kwakho nganquma ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova.” Idumela lethu lokuba abantu abathembekile lisibonakalisa siyizikhonzi ezinokwethenjelwa.

BONISA NJALO IZIMFANELO EZIDUMISA UNKULUNKULU

16. Kungani izimfanelo ezinjengokubekezela, uthando nomusa zithinta izinhliziyo zabantu? Nikeza isibonelo.

16 Sifeza indima enkulu ekudonseleni abantu kuJehova lapho sibonisa izimfanelo ezinjengokubekezela, uthando nomusa. Abathile abasibhekile bangaba nesifiso sokufunda ngoJehova, izinjongo zakhe nangabantu bakhe. Isimo sengqondo nokuziphatha kwamaKristu eqiniso kuhluke kakhulu ekukhulekeleni kwalabo abenza sengathi bazinikele kuNkulunkulu kodwa bebe bengabazenzisi. Abanye abaholi benkolo bacebile ngenxa yokuphamba imihlambi yabo, basebenzisa eningi yaleyo mali ekuthengeni imizi nezimoto zikanokusho—omunye waze wathengela inja yakhe indlu enesiphephetha-moya. Yiqiniso, abaningi abathi bangabalandeli bakaKristu abazimisele nakancane ‘ukupha ngesihle.’ (Math. 10:8) Kunalokho, njengabapristi bakwa-Israyeli wasendulo ababengalaleli, “bafundisa ngenjongo yokuthola imali”—futhi okuningi kwalokho abakufundisayo akusekelwe emiBhalweni. (Mika 3:11) Lobu buzenzisi abusizi muntu abuyisane noNkulunkulu.

17, 18. (a) Simdumisa kanjani uJehova lapho sibonisa izimfanelo zakhe ekuphileni kwethu? (b) Yini ekushukumisela ukuba uphikelele emisebenzini emihle?

17 Ngakolunye uhlangothi, izimfundiso eziyiqiniso zamaKristu nezenzo ezinhle azenza komakhelwane bawo, zithinta inhliziyo. Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi lapho iphayona elithile lishumayela endlini ngendlu, laxoshwa umfelokazi osekhulile. Wathi ngesikhathi leli phayona lingqongqoza, wayesekhishini egibele esitebhisini ezama ukushintsha igilobhu. Iphayona lathi: “Kuyingozi ukushintsha igilobhu uwedwa endlini.” Labe seliyishintsha lase liyahamba. Lapho indodana yalo mfelokazi izwa ngokwenzekile, yahlabeka umxhwele kangangokuthi yenza umzamo wokuthola lo mzalwane ukuze imbonge. Ekugcineni, le ndodana yamukela isifundo seBhayibheli.

18 Kungani uzimisele ukuphikelela emisebenzini emihle? Mhlawumbe kungenxa yokuthi uyazi ukuthi uma sibonisa intshiseko enkonzweni futhi senza izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, sidumisa uJehova futhi singase sisize abanye bathole insindiso. (Funda eyoku-1 Korinte 10:31-33.) Ukushisekela imisebenzi emihle ngokushumayela izindaba ezinhle nokuziphatha ngendlela ebonisa inhlonipho ngoNkulunkulu kushukunyiswa isifiso esijulile sokubonisa uthando esinalo ngoNkulunkulu nabanye abantu. (Math. 22:37-39) Uma sishisekela imisebenzi emihle, sizovuzwa ngokucebile manje ngenjabulo nokwaneliseka. Ngaphezu kwalokho, singabheka phambili osukwini lapho sonke isintu siyoshisekela ukukhulekela kweqiniso ukuze sikhazimulise uMdali waso, uJehova.