Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yazisa Ukuphana Nokucabangela KukaJehova

Yazisa Ukuphana Nokucabangela KukaJehova

“UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.”—IHU. 145:9.

1, 2. Abangane bakaJehova banaliphi ithuba?

“SEKUYIMINYAKA engaba ngu-35 sishadile,” kusho umKristu ogama lakhe linguMonika. “Mina nomyeni wami sazana kahle kakhulu. Kodwa, naphezu kwayo yonke le minyaka, kusenezinto esizifundayo ngomunye nomunye!” Ngokuqinisekile, kunjalo nangemishado eminingi noma abangane.

2 Siyakujabulela ukubazi kangcono labo esibathandayo. Nokho, kuzo zonke izinhlobo zobungane esingase sizakhe, abukho obubaluleke ngaphezu kobungane bethu noJehova. Asisoze sazi konke ngaye. (Roma 11:33) Kulo lonke iphakade siyoba nethuba lokujulisa ukuzazisa kwethu izimfanelo zikaJehova futhi sikujabulele lokho.—UmSh. 3:11.

3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

3 Isihloko esandulele sisisize ukuba sijulise ukwazisa kwethu imfanelo kaJehova yokungeneka neyokungakhethi. Manje, ake sixoxe ngezinye izimfanelo zikaJehova ezimbili ezithandekayo—ukuphana kwakhe nokucabangela kwakhe. Ukwenza lokho kuyosisiza ukuba sibone ngokugcwele ukuthi “uJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.”—IHu. 145:9.

UJEHOVA UYEPHANA

4. Kuyini ukuphana kwangempela?

4 Kusho ukuthini ukuba ophanayo? Impendulo siyithola emazwini kaJesu asencwadini yezEnzo 20:35: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” UJesu wakuchaza ngalawo mazwi alula lokho ngempela okushiwo ukuphana. Umuntu ophanayo uphana ngesikhathi, amandla nangezinto zakhe ukuze azuzise abanye—futhi uyakujabulela ukwenza kanjalo. Ngempela, ukuphana akulinganiswa ngobukhulu besipho, kodwa ngesisusa salowo ophayo. (Funda eyesi- Korinte 9:7.) Akekho ophana kakhulu ukudlula ‘uNkulunkulu wethu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thim. 1:11.

5. UJehova ukubonisa ngaziphi izindlela ukuphana?

5 UJehova ukubonisa kanjani ukuphana? Unakekela izidingo zabo bonke abantu kuhlanganise nalabo abangamkhulekeli. Ngempela, “uJehova muhle kubo bonke.” “[Wenza] ilanga lakhe liphumele abantu ababi nabahle futhi [wenza] imvula ine phezu kwabantu abalungile nabangalungile.” (Math. 5:45) Yingakho umphostoli uPawulu lapho ekhuluma nabantu abangakholwa athi uJehova “wenza okuhle, eninika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokudla nangokwenama okukhulu.” (IzE. 14:17) Kusobala ukuthi uJehova uyephana kubo bonke abantu.—Luka 6:35.

6, 7. (a) Obani uJehova akujabulela ngokukhethekile ukunakekela izidingo zabo? (b) Bonisa indlela uNkulunkulu abanakekela ngayo abakhulekeli bakhe abathembekile.

6 UJehova ukujabulela ngokukhethekile ukunakekela izidingo zabakhulekeli bakhe abathembekile. INkosi uDavide yaphawula: “Ngangiyinsizwa, manje ngikhulile, nokho angizange ngimbone olungileyo eshiywe ngokuphelele, noma inzalo yakhe iphanza isinkwa.” (IHu. 37:25) AmaKristu amaningi athembekile abubone ngawabo ubufakazi balokho kunakekela kukaJehova. Ake sicabangele lesi sibonelo.

7 Eminyakeni ethile edlule, uNancy, isikhonzi sesikhathi esigcwele, wazithola esenkingeni. Uyakhumbula: “Ngangidinga imali engamaRandi angu-570 ukuze ngikhokhele indawo engihlala kuyo, okwakumelwe nakanjani ngiyikhokhele ngosuku olulandelayo. Ngangingazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani. Ngathandaza ngale nkinga ngabe sengiya emsebenzini lapho ngisebenza khona njengoweta. Ngangingalindele ukuthola amathiphu amaningi ngalolo suku kusihlwa ngoba kwakuyisikhathi senyanga esingavamile ukuba matasa. Ngamangala lapho kufika abantu abaningi esitolo bezodla ngalobo busuku. Lapho ngiqeda leyo shifu futhi ngibala imali yamathiphu engangiwatholile, yayingamaRandi angu-570.” UNancy uyaqiniseka ukuthi uJehova ngokuphana kwakhe wamnika lokho kanye ayekudinga.—Math. 6:33.

8. Isiphi isipho sikaJehova esikhulu kunazo zonke?

8 Isipho sikaJehova esikhulu kunazo zonke singatholwa yinoma ubani. Siyini? Umhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe. UJesu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Joh. 3:16) Elithi “izwe” kuleli vesi libhekisela kubantu. Yebo, isipho sikaJehova esikhulu kunazo zonke singatholwa yinoma ubani okhetha ukusamukela. Labo ababonisa ukholo kuJesu bayothola ukuphila ngokuchichimayo—ukuphila okuphakade! (Joh. 10:10) Ngempela, bukhona yini obunye ubufakazi bokuphana kukaJehova obungadlula lobu?

 LINGISA UKUPHANA KUKAJEHOVA

Ama-Israyeli ayekhuthazwa ukuba alingise ukuphana kukaJehova (Bheka isigaba 9)

9. Singakulingisa kanjani ukuphana kukaJehova?

 9 Singakulingisa kanjani ukuphana kukaJehova? UJehova ‘usinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele’; ngakho, kufanele ‘sikulungele ukwabelana’ nabanye, kanjalo sinezele enjabulweni yabo. (1 Thim. 6:17-19) Siyakujabulela ukusebenzisa izinto zethu ukuze sinike abantu esibathandayo izipho futhi sisize abaswele. (Funda uDuteronomi 15:7.) Yini engasikhumbuza ukuba siphane? Amanye amaKristu asebenzisa le ndlela: Noma nini lapho ethola isipho, aye abheke ukuthi ubani wona angamnika isipho. Ibandla lobuKristu libusiswe ngabazalwane nodade abaningi abahlakulela umoya wokupha.

10. Iyiphi enye indlela ephawulekayo yokubonisa ukuphana?

10 Enye indlela engcono kakhulu esingabonisa ngayo ukuphana, ukuphana ngamazwi nangezenzo. Singakwenza kanjani lokho? Ngokusebenzisa amandla nesikhathi sethu ukuze sisize futhi sikhuthaze abanye. (Gal. 6:10) Ukuze sihlole ukuthi senza kanjani kule ndaba, singase sizibuze: ‘Ingabe abanye bayabona ukuthi ngizimisele ukubanika isikhathi sami futhi ngilalele izinto ezibakhathazayo? Uma umuntu othile ecela usizo ngomsetshenzana othile, ingabe ngiyavuma noma nini lapho izimo zingivumela? Ngagcina nini ukuncoma ngobuqotho ilungu lomndeni noma lebandla?’ Lapho ‘sikwenza umkhuba ukupha,’ nakanjani siyosondelana noJehova nabangane bethu.—Luka 6:38; IzAga 19:17.

11. Iziphi ezinye izindlela esingapha uJehova ngazo?

 11 Singabonisa ukuphana ngisho nakuJehova. ImiBhalo iyasiyala: “Dumisa uJehova ngezinto zakho zenani elikhulu.” (IzAga 3:9) Lezo “zinto zenani elikhulu” zihlanganisa isikhathi, amandla nezinto zethu esingazisebenzisa ngokukhululekile enkonzweni yakhe. Ngisho nezingane zingafunda  ukupha uJehova. UJason, onezingane ezimbili uthi: “Lapho umndeni wenza umnikelo eHholo LoMbuso, sithuma izingane zethu ukuba kube yizo ezifaka imali ebhokisini lomnikelo. Ziyakujabulela lokho ngoba lapho zinikela zithi ‘zinika uJehova okuthile.’” Izingane ezinambitha injabulo yokupha uJehova zisencane cishe ziyoqhubeka zimupha nalapho sezikhulile.—IzAga 22:6.

UJEHOVA UYACABANGELA

12. Kusho ukuthini ukuba ocabangelayo?

12 Enye yezimfanelo zikaJehova ezithandekayo ukucabangela kwakhe. Kusho ukuthini ukuba ocabangelayo? Igama lolimi lokuqala elivame ukuhunyushwa ngokuthi “ocabangelayo” kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha ngokwezwi nezwi lisho “ukuhoxa.” (Thithu 3:1, 2) Umuntu ocabangelayo akaphikeleli ukuba izinto zenziwe ngokuvumelana nomthetho, futhi akaqinisi isandla ngokungafanele, abe lukhuni noma abe nokhahlo. Kunalokho, ulwela ukuba omnene ekusebenzelaneni kwakhe nabanye, ecabangela izimo zabo. Uzimisele ukulalela abanye, futhi lapho kufaneleka, uyazihoxisa izifiso zakhe futhi avumelanise izinto azifunayo nezimo zabanye.

13, 14. (a) UJehova ukubonisa kanjani ukucabangela? (b) Yini esingayifunda ngokucabangela endleleni uNkulunkulu asebenzelana ngayo noLoti?

13 UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyacabangela? Uyicabangela ngomusa imizwa yezinceku zakhe futhi ngokuvamile uyakwazi ukucabangela nezicelo zazo. Ngokwesibonelo, cabangela indlela uJehova asebenzelana ngayo noLoti olungileyo. Lapho uJehova esenqume ukubhubhisa imizi yaseSodoma naseGomora, wanikeza uLoti umyalo oqondile wokuthi abalekele ezintabeni. Nokho, ngasizathu simbe, uLoti wacela ukuba avunyelwe ukuba abalekele kwenye indawo. Cabanga nje—uLoti empeleni wayecela uJehova ukuba ashintshe umyalo wakhe!—Funda uGenesise 19:17-20.

14 Kungase kube lula ngomunye umuntu ukuba abheke uLoti njengomuntu obuthaka noma ongalaleli. Kakade, uJehova wayengamgcina ephila nomaphi lapho ayeyobe ekhona, ngakho uLoti wayengenasizathu sokwesaba. Noma kunjalo, uLoti wesaba—futhi uJehova wakucabangela lokho kwesaba kwakhe. Wamvumela uLoti ukuba abalekele komunye wemizi ayehlose ukuwubhubhisa. (Funda uGenesise 19:21, 22.) Kusobala ukuthi uJehova akalukhuni futhi akaqinile. Uyahoxa futhi uyacabangela.

15, 16. UMthetho KaMose wakubonisa kanjani ukucabangela kukaJehova? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

15 Ake sicabangele esinye isibonelo sokucabangela kukaJehova esiboniswe eMthethweni KaMose. Uma umIsrayeli ayempofu kakhulu ukuba angenza umhlatshelo ngemvu noma ngembuzi, wayenganikela ngamahobhe amabili noma amajuba amabili. Kodwa kuthiwani uma umIsrayeli ayempofu kangangokuba wayengeke akwazi ngisho nokuthola lawo majuba? Kuleso simo, uJehova wayevumela lowo mIsrayeli ohluphekayo ukuba anikele ngofulawa omncane. Nokho, phawula lesi sici esibalulekile: Kwakungafanele kusetshenziswe noma yimuphi ufulawa kodwa kube “ufulawa ocolekileyo,” osetshenziswa lapho kunezivakashi ezihlonishwayo. (Gen. 18:6) Kungani lokho kuphawuleka?—Funda uLevitikusi 5:7, 11.

16 Ake uzibone ngeso lengqondo ungumIsrayeli ohluphekayo. Njengoba ufika etabernakele nofulawa omncane ozonikela ngawo, ubone ama-Israyeli acebile ezonikela ngezilwane. Ungase uzizwe unamahloni ngomnikelo wakho kafulawa obonakala ungelutho. Ube usukhumbula ukuthi emehlweni kaJehova, umnikelo wakho usho lukhulu. Kungani? Okokuqala, uJehova wayefuna lowo fulawa ube owezinga eliphakeme. Kunjengokungathi uJehova wayethi kuma-Israyeli ampofu: ‘Ngiyaqonda ukuthi anikwazi ukunikela  okungangokwabanye kodwa ngiyazi ukuthi lokho eninginika khona kungokungcono kakhulu kwalokho eninakho.’ Ngempela, uJehova ubonisa ukucabangela ngokucabangela ukulinganiselwa nezimo zezinceku zakhe.—IHu. 103:14.

17. Inkonzo enjani ongaqiniseka ngokuthi uJehova uyayamukela?

 17 Singaduduzeka ngokwazi ukuthi ngenxa yokuthi uJehova uyacabangela, uyayamukela inkonzo esiyenza ngomphefumulo wonke. (Kol. 3:23) Udade othile osekhulile ongumNtaliyane ogama lakhe linguConstance wathi: “Bengilokhu ngikuthanda kakhulu ukukhuluma nabanye ngoMdali wami. Yingakho ngiqhubeka ngishumayela futhi ngiqhuba izifundo zeBhayibheli. Ngezinye izikhathi ngiphatheka kabi ngoba angisakwazi ukwenza okwengeziwe ngenxa yempilo. Kodwa ngiyazi ukuthi uJehova uyakwazi ukulinganiselwa kwami nokuthi uyangithanda futhi uyakwazisa lokho engikwazi ukukwenza.”

LINGISA UKUCABANGELA KUKAJEHOVA

18. Iyiphi enye indlela abazali abangalingisa ngayo isibonelo sikaJehova?

18 Singakulingisa kanjani ukucabangela kukaJehova? Ake uphinde ucabange ngendlela uJehova asebenzelana ngayo noLoti. NguJehova owayenegunya; noma kunjalo waba nomusa walalela uLoti lapho eveza imizwa yakhe. UNkulunkulu wasamukela isicelo sikaLoti. Uma ungumzali, ungasilingisa yini isibonelo sikaJehova? Ungazilalela yini izicelo zezingane zakho, futhi uma kufaneleka wenze ngokuvumelana nezifiso zazo? Mayelana nalokhu, INqabayokulinda ka-September 1, 2007 yaphawula ukuthi abanye abazali bangase baxoxe nezingane zabo ngemithetho yasekhaya. Ngokwesibonelo, abazali banquma isikhathi abafuna izingane zibe zisekhaya ngaso, futhi ngokuqinisekile banalo igunya lokwenzenjalo. Noma kunjalo, abazali abangamaKristu bangase babuze izingane zabo ukuthi zizizwa kanjani ngaleso sikhathi esinqunyiwe. Kwezinye izimo, abazali bangase bakhethe ukwenza ushintsho esikhathini esinqunyiwe uma nje lokho kungangqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Abazali bangathola ukuthi uma beyicabangela imibono yezingane zabo ngemithetho yasekhaya, zithambekela ekuyiqondeni nasekuyigcineni.

19. Abadala bangakulwela kanjani ukulingisa ukucabangela kukaJehova?

19 Abadala bebandla balwela ukulingisa ukucabangela kukaJehova ngokucabangela izimo zabakholwa nabo. Khumbula ukuthi uJehova wayazisa ngisho neminikelo eyayenziwa ama-Israyeli ampofu kakhulu. Ngokufanayo, kulinganiselwe kakhulu lokho abanye abafowethu nodadewethu abangase bakwenze enkonzweni, mhlawumbe ngenxa yempilo noma ukukhula. Yini engenziwa uma lokho kulinganiselwa kwabo kubenza badangale? Abadala bangabaqinisekisa ngomusa ukuthi uJehova uyabathanda ngokwenza kwabo lokho okusemandleni abo.—Marku 12:41-44.

20. Ingabe ukucabangela kusho ukuzigodla ekukhonzeni uNkulunkulu? Chaza.

20 Yebo, asisoze safuna ukuphambanisa ukucabangela nokuzigodla ekunikeleni inkonzo kuNkulunkulu ngoba nje sizonga. (Math. 16:22) Asifuni ukudebeselela inkonzo bese sivika ngokuthi siyazicabangela. Kunalokho, sonke kudingeka ‘sizikhandle ngamandla’ ekusekeleni izithakazelo zoMbuso. (Luka 13:24) Ngempela, silwela ukulinganisela ezimisweni ezimbili. Siyazikhandla, asizigodli enkonzweni yethu. Ngakolunye uhlangothi, siyakhumbula ukuthi uJehova akalokothi afune okungaphezu kwalokho esingakwenza. Lapho simnika okusemandleni ethu onke, singaqiniseka ukuthi uyajabula. Asijabuli yini ngokukhonza iNkosi enjalo enokwazisa necabangelayo? Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngezici ezimbili ezengeziwe zobuntu bukaJehova obuthandekayo.—IHu. 73:28.

“Dumisa uJehova ngezinto zakho zenani elikhulu.”—IzAga 3:9 (Bheka isigaba 11)

“Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke.”—Kol. 3:23 (Bheka isigaba 17)