Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI

Imibuzo Evela Kubafundi

Ayengobani “amadodana kaNkulunkulu weqiniso” ayephila ngaphambi kukaZamcolo okukhulunywa ngawo kuGenesise 6:2, 4?

Ubufakazi bubonisa ukuthi le nkulumo ibhekisela emadodaneni omoya kaNkulunkulu. Ibuphi lobo bufakazi?

Elokuqala lalawo mavesi lifundeka kanje: “Amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqala ukuqaphela amadodakazi abantu, ukuthi ayebukeka; ayesezithathela abafazi, okungukuthi, wonke lawo ayewakhetha.”—Gen. 6:2.

EmiBhalweni YesiHebheru, inkulumo ethi “amadodana kaNkulunkulu weqiniso” nethi “amadodana kaNkulunkulu” zivela kuGenesise 6:2, 4; Jobe 1:6; 2:1; 38:7 nakumaHubo 89:6. Abonisani la mavesi ngala “madodana kaNkulunkulu”?

Akungabazeki ukuthi “amadodana kaNkulunkulu weqiniso” esifunda ngawo kuJobe 1:6 ayeyizidalwa zomoya ezazibuthene phambi kukaNkulunkulu. Phakathi kwawo kwakukhona uSathane, owayekade ‘ezulazula emhlabeni.’ (Jobe 1:7; 2:1, 2) Ngokufanayo, kuJobe 38:4-7, sifunda ‘ngamadodana kaNkulunkulu amemeza ehalalisa’ lapho uNkulunkulu ‘ebeka itshe legumbi’ lomhlaba. Kumelwe ukuba kwakungamadodana ayizingelosi, ngoba abantu babengakadalwa. “Amadodana kaNkulunkulu” okukhulunywa ngawo kumaHubo 89:6 ngokuqinisekile ayizidalwa zasezulwini ezikanye noNkulunkulu, hhayi abantu.

Khona-ke, angobani “amadodana kaNkulunkulu weqiniso” okukhulunywa ngawo kuGenesise 6:2, 4? Ngokuvumelana namaqiniso eBhayibheli aseshiwo, kunengqondo ukuphetha ngokuthi lokhu kulandisa kubhekisele emadodaneni omoya kaNkulunkulu eza emhlabeni.

Abanye bakuthola kunzima ukukwamukela ukuthi izingelosi zingaba nesithakazelo ekuhlanganyeleni ubulili. Amazwi kaJesu akuMathewu 22:30 abonisa ukuthi umshado nobuhlobo bobulili kuyizinto ezingekho ezulwini. Nokho, ngezinye izikhathi izingelosi ziye zembatha imizimba yenyama, zaze zadla futhi zaphuza nabantu. (Gen. 18:1-8; 19:1-3) Ngakho, kunengqondo ukuphetha ngokuthi lapho zembethe imizimba yenyama, zazingaba nobuhlobo bobulili nabesifazane.

Kunezizathu ezisekelwe eBhayibhelini zokukholelwa ukuthi yilokho okwenziwa ezinye izingelosi. UJude 6, 7 ufanisa isono samadoda aseSodoma, alandela inyama ngendlela ephambene neyemvelo, “[nesezingelosi] ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele.” Isono sawo sifana ngokuthi lezo zingelosi nalawo madoda aseSodoma ‘enza ubufebe ngokweqile futhi alandela inyama ngenjongo yokuyisebenzisa ngendlela engeyona eyemvelo.’ Ivesi elithi alifane kweyoku-1 Petru 3:19, 20 lihlobanisa izingelosi ezingalaleli ‘nezinsuku zikaNowa.’ (2 Pet. 2:4, 5) Ngenxa yalokho, inkambo eyathathwa yilezo zingelosi ezingalaleli ingafaniswa nesono seSodoma neGomora.

Isiphetho esinjalo sinengqondo uma siqaphela ukuthi “amadodana kaNkulunkulu weqiniso” okukhulunywa ngawo kuGenesise 6:2, 4 ayeyizingelosi ezembatha imizimba yenyama zabe seziziphatha kabi nabesifazane.

 IBhayibheli lithi uJesu “washumayeza imimoya esetilongweni.” (1 Pet. 3:19) Kusho ukuthini lokhu?

Umphostoli uPetru uchaza le mimoya ngokuthi yileyo “eyayingalaleli lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa.” (1 Pet. 3:20) Kusobala ukuthi uPetru wayebhekisela ezidalweni zomoya ezakhetha ukuhlanganyela noSathane ekuhlubukeni kwakhe. UJude ukhuluma ngezingelosi “ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele,” athi uNkulunkulu “uzigcine ngezibopho ezingunaphakade ngaphansi kwesigayegaye, uzigcinele ukwahlulelwa kosuku olukhulu.”—Jude 6.

Izidalwa zomoya zazingalaleli ngayiphi indlela osukwini lukaNowa? Ngaphambi kukaZamcolo, le mimoya emibi yembatha imizimba yabantu—into eyayingeyona injongo kaNkulunkulu ngayo. (Gen. 6:2, 4) Ngaphezu kwalokho, lezo zingelosi ezaba nobuhlobo bobulili nabesifazane zazenza into ephambene nemvelo. UNkulunkulu wayengazidalelanga izingelosi ukuba zibe nobuhlobo bobulili nabesifazane. (Gen. 5:2) Lezi zingelosi ezimbi ezingalaleli zizobhujiswa ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele. Okwamanje, uJude uphawula ukuthi zisesimweni “sesigayegaye”—kunjengokungathi, zisetilongweni elingokomoya.

UJesu wayishumayeza nini futhi kanjani le “mimoya esetilongweni”? UPetru uloba ukuthi lokhu kwenzeka ngemva kokuba uJesu ‘ephiliswe emoyeni.’ (1 Pet. 3:18, 19) Phawula nokuthi uPetru uthi uJesu ‘washumayela.’ Ukusebenzisa kwakhe isenzo esisenkathini edlule kusikisela ukuthi lokho kushumayela kwenzeka ngaphambi kokuba alobe incwadi yakhe yokuqala. Khona-ke, kubonakala sengathi esikhathini esithile ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wamemezela kule mimoya emibi isijeziso ezosithola esifaneleka ngokugcwele. Wayengayishumayezi ngenjongo yokuyinikeza ithemba. Kwakuyintshumayelo yesahlulelo. (Jona 1:1, 2) Lapho nje esebonise ukholo lwakhe nobuqotho kwaze kwaba sekufeni futhi wavuswa—ebonisa ukuthi uDeveli wayengambambanga ndawo ngempela—uJesu waba nesizathu sokumemezela leso sahlulelo esasiyilahla le mimoya.—Joh. 14:30; 16:8-11.

Esikhathini esizayo, uJesu uzobopha futhi aphonse kwalasha uSathane kanye nalezo zingelosi. (Luka 8:30, 31; IsAm. 20:1-3) Kuze kube yileso sikhathi, le mimoya engalaleli isesigayegayeni esingokomoya futhi ukubhujiswa kwayo kokugcina kuqinisekile.—IsAm. 20:7-10.