Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE UYAKHUMBULA?

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe ubafunde ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungakwazi yini ukuphendula imibuzo elandelayo:

Kuyini ukubhula ngezincwadi, futhi amaKristu kufanele akubheke kanjani?

Ukubhula ngezincwadi kuwumkhuba wokuvula komuntu nomaphi eBhayibhelini afunde ivesi amehlo akhe azohlala kulo kuqala enenkolelo yokuthi liqukethe usizo aludingayo. AmaKristu eqiniso awawabheki amabika. Kunalokho, atadisha iBhayibheli ukuze athole ulwazi olunembile nesiqondiso sikaNkulunkulu.—12/15, ikhasi 3.

Liyini “izwe” elizodlula?

“Izwe” elizodlula lingabantu ukuphila kwabo okungavumelani nentando kaNkulunkulu. (1 Joh. 2:17) Umhlaba nabantu abathembekile ngeke kubhujiswe.—1/1, amakhasi 5-7.

Nakuba efile, u-Abela usakhuluma kanjani nathi? (Heb. 11:4)

Ukhuluma nathi ngokholo. Singafunda okholweni lwakhe futhi sifune ukululingisa. Isibonelo sakhe sisaphila futhi sinamandla.—1/1, ikhasi 12.

Kukuziphi izici okufanele siqikelele kuzo ukuba singazivumeli ukuba siqhele kuNkulunkulu?

Nazi ezinye zazo: umsebenzi wethu wokuziphilisa, ukuzijabulisa nokuzilibazisa esikukhethayo, ukunamathela esihlotsheni esisusiwe ekuhlanganyeleni, ukuhileleka kwezobuchwepheshe banamuhla, ukukhathazeka ngempilo yethu, ukuba nombono ongafanele ngemali nokwazisa kakhulu imibono noma isikhundla sethu ngaphezu kokwabanye.—1/15, amakhasi 12-21.

Yini esingayifunda ekuthobekeni kukaMose?

Kunokuvumela igunya ayenalo limenze azithwale, uMose wancika kuNkulunkulu, hhayi kuye ngokwakhe. Asifuni nanini ukuvumela amandla, igunya noma amakhono emvelo kusenze senyuse amahlombe; kunalokho, sifuna ukuthembela kuJehova. (IzAga 3:5, 6)—2/1, ikhasi 5.

Abantu abavusiwe bayophila kuphi?

Inani elilinganiselwe—abangu-144 000—liyophila ezulwini. Nokho, abaningi abazovuswa bayovuselwa lapha emhlabeni, benethemba lokuphila phakade.—3/1, ikhasi 6.

Kwakusho ukuthini ukuthi ama-Israyeli ‘ayengasokile enhliziyweni’? (Jer. 9:26)

Ayevukela engaphenduki futhi edinga ukususa lokho okwakwenza inhliziyo yawo ingasabeli—ukucabanga, imizwelo noma izisusa zawo ezazingqubuzana nezikaNkulunkulu. (Jer. 5:23, 24)—3/15, amakhasi 9-10.

UJesu waba kanjani isibonelo somuntu owaphila ukuphila okunenjongo?

Wayenenjongo ekuphileni, eyayiwukwenza intando kaNkulunkulu. Wayenothando olujulile ngoYise, ebathanda nabantu. Ngenxa yalokho, uJesu wayazi ukuthi uNkulunkulu wayemthanda futhi emamukela. Lezi zinto ziyizihluthulelo zokuphila okunenjongo.—4/1, amakhasi 4-5.

Ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaNkulunkulu ihlanganisani?

Ihlanganisa iNdikimba Ebusayo, amakomiti amagatsha, ababonisi abajikelezayo, izindikimba zabadala, amabandla noFakazi ngabanye.—4/15, ikhasi 29.

Kungani singase sithi kwakungelona unya ngoNkulunkulu ukuba akhiphe izahlulelo zakhe?

UJehova akakujabuleli ukufa kwababi. (Hez. 33:11) Izenzo zakhe zesikhathi esidlule zibonisa ukuthi ubaxwayisa ngothando abantu ngaphambi kokukhipha isahlulelo. Lokhu kungasinika ithemba lokusinda ezahlulelweni ezizayo.—5/1, amakhasi 5-6.

Ingabe ama-Israyeli ayebulala izelelesi ngokuzilengisa ezigxotsheni?

Cha. Ezinye izizwe zasendulo zazikwenza lokho kodwa hhayi ama-Israyeli. Okungenani phakathi nesikhathi semiBhalo YesiHebheru, abenzi bobubi babebulawa kuqala, mhlawumbe ngokukhandwa ngamatshe. (Lev. 20:2, 27) Ngemva kwalokho isidumbu sasingase silengiswe esigxotsheni njengesixwayiso kwabanye.—5/15, ikhasi 13.

Kungani kunzima kangaka ngabantu ukuletha ukuthula emhlabeni?

Nakuba abantu beye bafeza izinto eziningi, abanalo ikhono lokuqondisa izinyathelo zabo. (Jer. 10:23) Izwe lilawulwa uSathane, ngakho abantu ngeke bakwazi ukuletha ukuthula. (1 Joh. 5:19)—6/1, ikhasi 16.