Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO: INGABE KUFANELE UYETHEMBE INKOLO?

Kungani Kudingeka Uhlole Inkolo Yakho?

Kungani Kudingeka Uhlole Inkolo Yakho?

Ake sithi kudingeka uhlinzwe ukuze kwelashwe isifo esithile esibulalayo onaso. Cishe ungafuna ukuthola udokotela omethemba ngokuphelele ngoba ukuphila kwakho kuyoba sezandleni zakhe. Ngeke yini kwaba ukuhlakanipha ukuhlola umlando wakhe kulo mkhakha?

Ngokufanayo, kuwukuhlakanipha ukuhlola inkolo ngokucophelela. Uma uyilungu lenkolo ethile, empeleni, ubeka ukuphila kwakho okungokomoya ezandleni zayo. Lokhu kuhlanganisa namathemba akho ensindiso.

UJesu wayiveza indlela esingayibona ngayo inkolo yeqiniso. Wathi: “Umuthi ngamunye waziwa ngesithelo sawo.” (Luka 6:44) Ngokwesibonelo, lapho ubheka inkolo ethile noma isonto, iziphi izithelo ozibonayo kuyo? Ingabe abaholi bayo bagcizelela ngokweqile ukuthi kukhishwe imali? Ingabe amalungu ayo aphila ngokuvumelana nemithetho yeBhayibheli mayelana nempi nokuziphatha? Okokugcina, ikhona yini inkolo efanelekela ukwethenjwa? Sicela uhlole izihloko ezilandelayo.

“Umuthi ngamunye waziwa ngesithelo sawo.”—Luka 6:44