Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Saze Sasihle Isithombe!”

“Saze Sasihle Isithombe!”

Kukangaki usho la mazwi enhliziyweni yakho noma kwabanye lapho uvula umagazini omusha we-Nqabayokulinda? Mkhulu umsebenzi ohilelekile ekulungiseleleni izithombe ezinhle ezidwetshiwe nezithwetshuliwe ezifakelwa ukufeza injongo ethile. Ziyizinsiza kufundisa ezisenza sicabange futhi imizwa yethu ithinteke. Zingaba usizo ikakhulu lapho silungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda nalapho sihlanganyela ngezimpendulo.

Ngokwesibonelo, cabanga ngesizathu esenze ukuba kukhethwe isithombe sokuqala sesihloko ngasinye esifundwayo. Sibonisani? Sihlobana kanjani nesihloko noma nomBhalo isihloko esisekelwe kuwo? Cabanga ngazo zonke ezinye izithombe ukuthi zihlobana kanjani nesihloko okuxoxwa ngaso nokuphila kwakho.

Kuhle ukuba umqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda anike ibandla ithuba lokukhulumela isithombe ngasinye, lisho ukuthi sihlangana kanjani nesifundo noma silithinta kanjani. Kwezinye izithombe, amazwi ahambisana nesithombe aba nenombolo yesigaba esihlobana naleso sithombe. Kwezingenazo izinombolo, umqhubi angase akhethe isigaba esifanelana kangcono nesithombe ngasinye. Ngale ndlela, bonke bayozuza ngokugcwele kulokhu okwenzelwe ukusiza umfundi ukuba azibone ngeso lengqondo izifundo ezitholakala eZwini likaNkulunkulu.

Omunye umzalwane wakubeka ngale ndlela, “Ngemva kokufunda isihloko esibhalwe kahle kakhulu, izithombe zinezela ebuhleni bendaba.”