Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova ‘Ungithwalela Umthwalo Nsuku Zonke’

UJehova ‘Ungithwalela Umthwalo Nsuku Zonke’

Naphezu kwenkinga yempilo engaqinisekile eyayingase ibonakale ingabekezeleleki, ukuphila kwami konke ngiye ngabona ukuthi uBaba wethu othandekayo osezulwini ubelokhu engisekela ngothando. Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-20 ngithola injabulo ekhethekile yokukhonza uJehova njengephayona.

Ngazalwa ngo-1956 nginokukhubazeka emgogodleni okuthiwa i-spina bifida. Ishubhu okwakheka kulo ubuchopho nomfunkulu alizange livaleke ngokuphelele emgogodleni wami, ngakho umonakalo owenzeka ezinzweni uye wenza kwaba nzima ngami ukuhamba futhi kwabangela ezinye izinkinga zempilo ezingathi sína.

Izithunywa zevangeli ezingoFakazi BakaJehova zaqala ukufundela abazali bami iBhayibheli ngingakazalwa. Ebuntwaneni bami, kwakunabamemezeli abambalwa kuphela abangabodwa ababehlala edolobheni lakithi i-Usakos, eNamibia. Ngakho, ukwaziswa okwakufundwa emihlanganweni yebandla sasizifundela kona njengomkhaya. Lapho sengineminyaka eyisikhombisa, ngahlinzwa ngifakelwa ipayipi lokuchama. Lapho ngineminyaka engu-14, ngaqala ukuhlushwa isithuthwane. Angisiqedanga isikole ngenxa yokuthi isikole samabanga aphakeme sasikude kakhulu futhi ngidinga ukunakekelwa okukhethekile kwabazali bami.

Noma kunjalo, nganquma ukuqinisa ubuhlobo bami noJehova. Izincwadi zethu eziningi zobuKristu zazingakatholakali ngesiBhunu, ulimi engaluncela. Ngakho-ke, ngafunda ukufunda isiNgisi ukuze ngikwazi ukufunda izincwadi zethu eziningana. Ngaba ummemezeli woMbuso futhi ngabhapathizwa ngineminyaka engu-19. Phakathi neminyaka emine eyalandela, ngaba nezinkinga eziningi zempilo nobunzima ngokomzwelo. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umphakathi wakithi wawusondelene kakhulu, ngaba nenkinga yokwesaba abantu eyangivimbela ukuba ngishumayele ngentshiseko.

Lapho ngisanda kweva eminyakeni engu-20 sasuka eNamibia sathuthela eNingizimu Afrika futhi okokuqala ngqa, ngakwazi ukuhlanganyela nebandla. Yeka indlela lokhu okwangijabulisa ngayo! Nokho, kwadingeka ukuba ngiphinde ngihlinzwe—kulokhu ngangifakelwa ipayipi lokukhipha indle.

Ngemva kwesikhathi esithile, ngezwa umbonisi wesifunda ekhuluma ngokuphayona. Amazwi akhe ayithinta inhliziyo yami. Ngangazi ukuthi impilo yami ibuthaka, kodwa ngangiyibonile indlela uJehova angithwala ngayo ebunzimeni obuningi. Ngakho ngafaka isicelo sokuba iphayona elivamile. Nokho, ngenxa yezinkinga zempilo enganginazo abadala baba mathintanyawo ukwamukela isicelo sami.

Noma kunjalo, nganquma ukushumayela ngoMbuso ngawo wonke amandla ami. Ngosizo lukamama nabanye, ngakwazi ukusebenza amahora amaphayona isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha. Lokho kwabonakalisa ukuzimisela kwami ngokuphayona futhi kwabonisa ukuthi izinkinga zami zempilo ziyalawuleka. Ngaphinde ngafaka isicelo, futhi kulokhu isicelo sami samukelwa. Ngo-September 1, 1988, ngaba iphayona elivamile.

Njengephayona, bengilokhu ngimbona njalo uJehova engisekela. Ukufundisa abantu abathakazelayo iqiniso kunokugxila esimweni sami kuye kwangivikela, kwangiqinisa, futhi kwangisiza ukuba ngikhule ngokomoya. Ngiye ngathola injabulo enkulu ekusizeni abantu abaningana ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe.

Impilo yami isalokhu ibuthaka. Kodwa uJehova ‘ungithwalela umthwalo nsuku zonke.’ (IHu. 68:19) Wenza okungaphezu nje kokuba ngikwazi ukukhuthazelela impilo yami; ungenza ngikujabulele ukuphila!