Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphayona Kuqinisa Ubuhlobo Bethu NoNkulunkulu

Ukuphayona Kuqinisa Ubuhlobo Bethu NoNkulunkulu

“Kuhle ukuhubela uNkulunkulu wethu.”—IHU. 147:1.

1, 2. (a) Ukukhuluma nokucabanga ngomuntu esimthandayo kungaba namuphi umphumela? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Imiphi imibuzo esizoyihlola?

UKUCABANGA ngomuntu esimthandayo nokukhuluma ngaye kungaqinisa ubuhlobo bethu naye. Kungokufanayo nangobuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu. Njengomalusi, uDavide wachitha ubusuku obuningi egqolozele amazulu agcwele izinkanyezi futhi ezindla ngoMdali wawo ongenakuqhathaniswa. Waloba: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu wasemhlabeni ukuba uyinakekele?” (IHu. 8:3, 4) Ngemva kokuhlola indlela injongo kaJehova ngokuphathelene no-Israyeli ongokomoya eyayigcwaliseka ngayo ngokumangalisayo, nomphostoli uPawulu wababaza: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu!”—Roma 11:17-26, 33.

2 Lapho sisenkonzweni, sicabanga futhi sikhulume ngoJehova. Lokho ngokwakho kunemiphumela emihle. Abaningi abakwaziyo ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele baye bathola ukuthi esinye sezibusiso esiwumphumela wokuba nengxenye ethe xaxa enkonzweni yoMbuso ukuthi iye yajulisa uthando lwabo ngoNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi manje usenkonzweni yesikhathi esigcwele noma ulwela ukufinyelela lowo mgomo, cabanga ngalokhu: Inkonzo yesikhathi esigcwele ingabuqinisa kanjani ubuhlobo bakho noJehova? Uma uyiphayona, zibuze, ‘Yini eyongisiza ukuba ngiqhubeke ngikulolu hlobo lwenkonzo enomvuzo?’ Uma ungakabi iphayona, zibuze, ‘Yiziphi izinguquko engingazenza ukuze ngiqale ukuphayona?’ Ake sihlole izindlela inkonzo yesikhathi esigcwele engaqinisa ngazo ubuhlobo bethu noNkulunkulu.

 INKONZO YESIKHATHI ESIGCWELE NOBUHLOBO BETHU NONKULUNKULU

3. Kusithinta kanjani ukukhuluma ngezibusiso zoMbuso zesikhathi esizayo enkonzweni?

3 Ukuxoxa nabanye ngezibusiso zoMbuso zesikhathi esizayo kusisondeza kuJehova. Imuphi umBhalo othanda ukuwusebenzisa lapho ushumayela endlini ngendlu? Ingabe uthanda iHubo 37:10, 11; uDaniyeli 2:44; uJohane 5:28, 29 noma isAmbulo 21:3, 4? Njalo uma sixoxa nabanye ngezithembiso ezinjalo, nathi zisikhumbuza ukuthi uNkulunkulu wethu ophanayo ngempela ungumuphi ‘wazo zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.’ Lokhu kusisondeza eduze naye.—Jak. 1:17.

4. Kungani ukwazisa kwethu ubuhle bukaNkulunkulu kujula lapho sibona isimo esingokomoya esidabukisayo sabanye?

4 Ukubona isimo esingokomoya esidabukisayo salabo esibashumayezayo kusenza silazise ngokujulile iqiniso. Abantu ezweni abanaso isiqondiso abangasethemba esingabasiza ukuba bathole impumelelo nenjabulo. Abaningi bakhathazekile ngekusasa futhi abanalo ithemba. Bafuna injongo yokuphila. Ngisho nabaningi abathi bayasonta banolwazi oluncane lwemiBhalo. Bafana kakhulu nabantu baseNineve lasendulo. (Funda uJona 4:11.) Lapho sichitha isikhathi esengeziwe enkonzweni, siwubona ngokucace kakhudlwana umahluko okhona esimweni esingokomoya salabo esibashumayezayo nesabantu bakaJehova. (Isaya 65:13) Kusikhumbuza ubuhle bukaJehova ngoba wenza okungaphezu kokusinika izinto esizidingayo ngokomoya; umema bonke ukuba bathole ukuqabuleka okungokomoya nethemba langempela.—IsAm. 22:17.

5. Ukusiza abanye ngokomoya kusenza sizizwe kanjani ngezinkinga zethu?

5 Ukusiza abanye ngokomoya kwenza kube lula ngathi ukugwema ukugajwa izinkinga zethu. UTrisha, iphayona elivamile, wakubona ukuba yiqiniso kwala mazwi lapho abazali bakhe behlukana. Uyalandisa: “Kwaba yinto eyangiphatha kabi kakhulu ekuphileni kwami.” Ngelinye ilanga lapho ephatheke kabi kakhulu futhi efisa sengathi angazihlalela ekhaya, wanquma ukuhamba ayofundela izingane ezintathu ezazibhekene nesimo esinzima kakhulu ekhaya. Uyise wayezishiyile futhi umfowabo omdala ezihlukumezile. UTrisha uthi: “Noma iyiphi inkinga enganginayo noma ubuhlungu obabusenhliziyweni yami babuwubala uma buqhathaniswa nobazo. Njengoba sifunda, ubuswana bazo babugcwala injabulo zihleke zeneme. Lezo zingane zaba isipho esivela kuJehova, ikakhulukazi ngalelo langa.”

6, 7. (a) Ukholo lwethu luqiniswa kanjani lapho sifundisa amaqiniso eBhayibheli? (b) Njengoba sibona abantu esibafundelayo bethuthukisa ukuphila kwabo ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, kwenzekani ekwaziseni kwethu ukuhlakanipha kukaNkulunkulu?

6 Ukufundisa amaqiniso eBhayibheli kuqinisa ukholo lwethu. Umphostoli uPawulu wabhala ngamaJuda athile osuku lwakhe ayengakwenzi lokho ayekufundisa: “Ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena?” (Roma 2:21) Yeka ukuthi amaphayona ahluke kanjani namuhla! Ngokuvamile, anamathuba amaningi okufundisa abanye iqiniso nokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Ukuze lokhu akwenze ngokuphumelelayo, kudingeka alungiselele isifundo ngasinye futhi mhlawumbe acwaninge izimpendulo zemibuzo. UJaneen oyiphayona uyachaza: “Njalo lapho ngithola ithuba lokufundisa abanye iqiniso, ngizwa lawo maqiniso egxila engqondweni nasenhliziyweni yami. Lokho kwenza ukholo lwami lungami ndawonye kodwa luqhubeke lukhula.”

7 Ukubona abantu esibafundelayo bethuthukisa ukuphila kwabo ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli kwenza sikwazise ngokujulile ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. (Isaya 48:17, 18) Lokhu kusisiza ukuba nathi sizimisele nakakhulu ukuzisebenzisa lezi zimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu. U-Adrian­na, naye oyiphayona, uyaphawula: “Ukuphila kwabantu kugcwala izinkinga ezinkulu uma bencika kokwabo ukuhlakanipha. Kodwa lapho beqala ukuthembela ekuhlakanipheni kukaJehova, bazuza ngaso leso  sikhathi.” Ngokufanayo, uPhil uthi: “Uye ubone indlela uJehova akwazi ngayo ukushintsha abantu ababengazange baphumelele lapho bezama ukushintsha ngokwabo.”

8. Ukusebenza nabangane abahle ensimini kusithinta kanjani?

8 Ukusebenza nabangane abahle ensimini kuyasakha ngokomoya. (IzAga 13:20) Amaphayona amaningi achitha isikhathi esiningi ensimini nabanye abamemezeli. Lokhu kuvula amathuba angeziwe ‘okukhuthazana.’ (Roma 1:12; funda izAga 27:17.) ULisa oyiphayona uthi: “Ngokuvamile, emsebenzini kunomoya wokuncintisana nomona. Nsuku zonke uchayeka enhlebweni nasolimini olungahlanzekile. Into eqhakambiswayo ukuba ophambili kungakhathaliseki ukuthi ukufinyelela kanjani. Ngezinye izikhathi, uyahlekwa noma ugconwe ngenxa yokuziphatha kwakho njengomKristu. Nokho, ukuba sensimini namaKristu okanye nawo kuyakha ngempela. Ngigoduka ngiqabulekile, kungakhathaliseki ukuthi ngikhathele kangakanani.”

9. Ukuphayona nomngane wethu womshado kuba namuphi umphumela entanjeni emicu mithathu?

9 Ukuphayona nomngane womshado kuqinisa intambo emicu mithathu. (UmSh. 4:12) UMadeline ophayona nomyeni wakhe uyachaza: “Mina nomyeni wami siyakwazi ukuchitha isikhathi sikhuluma ngosuku esiluchithe ensimini noma ngezinto esizithole lapho sifunda iBhayibheli esingazisebenzisa enkonzweni yethu. Njengoba siphayona ndawonye unyaka nonyaka, sisondelana ngokwengeziwe.” Ngokufanayo, uTrisha uthi: “Sobabili sigxile ekugwemeni izikweletu, ngakho-ke asixatshaniswa imali. Sinesimiso esifanayo senkonzo, ngakho sihileleka kakhulu ezimpindelweni nasezifundweni zeBhayibheli zomunye nomunye, okusisiza ukuba sibe munye ngokomzwelo nangokomoya.”

Ukuba matasa enkonzweni yesikhathi esigcwele kwenza ukuphila kwanelise (Bheka isigaba 9)

10. Lapho sibeka uMbuso kuqala futhi sibona uNkulunkulu esisekela, ukuthembela kwethu kuJehova kuthinteka kanjani?

 10 Ukuthembela kwethu kuJehova kuyakhula lapho sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala, nalapho sibona uJehova esisekela futhi ephendula imithandazo yethu. Ngokwezinga elithile, yilokho okwenzekayo kuwo wonke amaKristu aqotho. Kodwa labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele bathola ukuthi ukuthembela kuJehova kungabasiza ukuba bahlale bengamaphayona. (Funda uMathewu 6:30-34.) UCurt, oyiphayona futhi ongumbonisi wesifunda obambele, wavuma ukuhambela ibandla eliqhele ngebanga elingamahora amabili nesigamu ukusuka kwakhe. Yena nomkakhe, naye oyiphayona, babenophethiloli olingene nje ukuba baye kulelo bandla, bengenawo owokubuya, kanti kwakusasele isonto ukuba ahole. UCurt uthi: “Ngaqala ukuzibuza ukuthi ngangenze isinqumo esifanele yini.” Ngemva kokuthandaza, baphetha ngokuthi babezosifeza leso sabelo, beqiniseka ukuthi uJehova uyozinakekela izidingo zabo. Lapho sebezohamba, udade othile washaya ucingo wathi kunesipho afuna ukubanika sona. Kwakuyimali elingana nse naleyo ababeyidinga ukuze bahambe babuye. UCurt uthi, “Lapho ubona izinto ezinjena izikhathi eziningana, kulula ukubona ukusekelwa uJehova.”

11. Iziphi ezinye zezibusiso ezijatshulelwa amaphayona?

11 Yebo, amaphayona avame ukubona ukuthi njengoba ezinikela enkonzweni kaJehova futhi akha ubuhlobo naye, ‘aficwa’ inala yezibusiso. (Dut. 28:2) Noma kunjalo, ukuphayona kunazo izinselele. Ayikho inceku kaNkulunkulu engahlangabezani nezinkinga ezabangelwa ukuvukela kuka-Adamu. Nakuba amanye amaphayona eye aba nomuzwa wokuthi kudingeka ayeke inkonzo yawo isikhathi esithile, ngokuvamile ikhona indlela yokubhekana nalezo zinselele noma ngisho nokuzigwema. Yini engasiza amaphayona ukuba aqhubeke ejabulela ilungelo lawo lenkonzo?

UKUHLALA ENKONZWENI YESIKHATHI ESIGCWELE

12, 13. (a) Kufanele lenzeni iphayona uma likuthola kunzima ukufinyelela umgomo walo wamahora? (b) Kungani kubaluleke kakhulu ukuba nesimiso sokufunda iBhayibheli nsuku zonke, isifundo somuntu siqu nokuzindla?

12 Amaphayona amaningi anesimiso esimatasa kakhulu. Kungaba inselele ukwenza yonke into, ngakho kubalulekile ukuba ahleleke kahle. (1 Kor. 14:33, 40) Uma iphayona likuthola kunzima ukufinyelela umgomo wamahora, kungadingeka lihlolisise ukuthi lisisebenzisa kanjani isikhathi salo. (Efe. 5:15, 16) Lingase lizibuze: ‘Singakanani ngempela isikhathi engisichitha kwezokuzijabulisa noma ngingcebeleka? Ingabe kudingeka ngizithibe ngokwengeziwe? Ngingasishintsha yini isimiso sami somsebenzi wokuziphilisa?’ Noma imuphi umKristu uyovuma ukuthi kulula ukunezela izinto esimisweni; ngakho-ke labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele kungase kudingeke bazihlole njalo izinto abazenzayo futhi benze ushintsho oludingekile.

13 Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, isifundo somuntu siqu nokuzindla kufanele kube ingxenye yesimiso sephayona. Ngenxa yalokho, iphayona kudingeka lizithibe ukuze imisebenzi engabalulekile kakhulu ingaphazamisi isikhathi elisibekele lezi zinto ezibalulekile. (Fil. 1:10) Ngokwesibonelo, cabanga ngephayona libuya ekhaya ngemva kokusebenza usuku lonke ensimini. Ngaleyo ntambama lifuna ukulungiselela umhlangano olandelayo. Nokho, liqala ngokufunda izincwadi ezifikile. Libe selivula i-computer lifunde futhi liphendule ama-e-mail. Njengoba lisavule i-computer liya engosini ethile liyobheka ukuthi alikehli yini inani lento ethile elifuna ukuyithenga. Lapho liqambe liphaphama, sekudlule cishe amahora amabili libe lingakaqali ukutadisha lokho ebelikuhlelele leyo ntambama. Kungani lokhu kuyinkinga? Abagijimi abangochwepheshe kumelwe bayinakekele  imizimba yabo uma befuna ukugijima iminyaka eminingi. Ngokufanayo, amaphayona adinga isimiso esihle sesifundo somuntu siqu ukuze azondle ngokomoya, uma efuna ukuqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele.—1 Thim. 4:16.

14, 15. (a) Kungani kufanele amaphayona agcine ukuphila kwawo kulula? (b) Uma iphayona libhekana nobunzima, yini okufanele liyenze?

14 Amaphayona aphumelelayo alwela ukugcina ukuphila kwawo kulula. UJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba babe neso elihle. (Math. 6:22) Naye wagcina ukuphila kwakhe kulula ukuze akwazi ukufeza inkonzo yakhe ngaphandle kwezithikamezo. Yingakho athi: “Izimpungushe zinemiphandu nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu yona ayinandawo yokubeka ikhanda.” (Math. 8:20) Linesifiso sokufunda esibonelweni sikaJesu, iphayona lenza kahle ngokukhumbula ukuthi uma liba nezinto ezibonakalayo eziningi liyodinga isikhathi esengeziwe sokuzinakekela, ukuzilungisa noma ukuthenga ezinye uma sezonakele.

15 Amaphayona ayaqaphela ukuthi ilungelo lawo lenkonzo awalitholanga ngoba enze into ethile ekhethekile. Kunalokho, noma yisiphi isipho noma ilungelo lenkonzo esingase sibe nalo silithole ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu. Ngakho, ukuze aqhubeke ephayona, yilowo nalowo kumelwe ancike kuJehova. (Fil. 4:13) Ziyoba khona izinselele nobunzima. (IHu. 34:19) Lapho zivela, amaphayona kufanele acele isiqondiso sikaJehova futhi amnike ithuba lokuwasiza, kunokumane asheshe adedele ilungelo lawo lenkonzo. (Funda iHubo 37:5.) Njengoba ebona ukusekela kukaNkulunkulu kothando, ayodonseleka ngokwengeziwe kuye njengoYise osezulwini onakekelayo.—Isaya 41:10.

UNGAKWAZI YINI UKUPHAYONA?

16. Uma ungathanda ukuphayona, yini okufanele uyenze?

16 Uma ungathanda ukunambitha izibusiso ezitholwa yilabo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele, tshela uJehova ngesifiso sakho. (1 Joh. 5:14, 15) Xoxa nalabo abaphayonayo. Zibekele imigomo ezokwenza uthuthukele ekubeni iphayona. Yilokho kanye uKeith no-Eri­ka abakwenza. Babesebenza isikhathi esigcwele futhi njengemibhangqwana eminingi engangabo, babethenge umuzi nemoto entsha ngemva kokushada. Bathi: “Sasicabanga ukuthi lezo zinto zizosilethela ukwaneliseka—kodwa azizange.” Lapho uKeith ephelelwa umsebenzi, waba iphayona elisizayo. Uyakhumbula: “Ukuphayona kwangikhumbuza ukuthi ingakanani injabulo etholakala ngokuba senkonzweni.” Baba abangane nombhangqwana ongamaphayona owabasiza babona injabulo etholakala ngokuphila ukuphila okulula nangokuphayona. Yini uKeith no-Erika abayenza? “Senza uhlu lwemigomo engokomoya, salubeka esiqandisini futhi sasilokhu sifaka uqhwishi kuleyo esasesiyifinyelele.” Ngokuhamba kwesikhathi, bakwazi ukuphayona.

17. Kungani kungase kube ukuhlakanipha ukucabangela ukushintsha isimiso sakho noma indlela yakho yokuphila ukuze uphayone?

17 Ungakwazi yini ukuphayona? Uma okwamanje ubona sengathi ngeke ukwazi, yenza konke ongakwenza ukuze uqhubeke usondelana noJehova ngokuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni. Ngemva kokuzihlolisisa ngomthandazo, ungase uthole ukuthi ukwenza izinguquko ezithile esimisweni sakho noma ekuphileni kungase kukuvumele ukuba uphayone. Uma ungase ukwazi ukuphayona, injabulo oyoyithola iyokudlula kude noma ikuphi ukuzidela oyokwenza. Uyoba nokwaneliseka okwengeziwe okulethwa ukubeka izithakazelo zoMbuso ngaphambi kwezakho. (Math. 6:33) Uyoba nenjabulo eyengeziwe etholakala ngokupha. Ngaphezu kwalokho, uyoba namathuba engeziwe okucabanga nokukhuluma ngoJehova, okuyojulisa uthando lwakho ngaye futhi kumenze ajabule.