Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | YIMAPHI AMANGA AQHELISA ABANTU KUNKULUNKULU?

Iqiniso Lingakukhulula

Iqiniso Lingakukhulula

Langa limbe eJerusalema, uJesu wayekhuluma ngoYise, uJehova, edalula abaholi benkolo yamanga bangesikhathi sakhe. (Johane 8:12-30) Lokho akusho ngaleso sikhathi kusifundisa indlela yokuhlola izinkolelo ezandile ngoNkulunkulu namuhla. UJesu wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:31, 32.

“Hlala ezwini lami.” UJesu lapha wayebeka indlela esingahlola ngayo ukuthi izimfundiso ezingokwenkolo ‘ziyiqiniso’ yini. Lapho uzwa kushiwo okuthile ngoNkulunkulu, zibuze, ‘Ingabe lokhu kuyavumelana namazwi kaJesu nemiBhalo Engcwele isiyonke?’ Lingisa labo abezwa umphostoli uPawulu ekhuluma base “behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto [ababezifunda].”—IzEnzo 17:11.

UMarco, uRosa noRaymonde, bonke abacashunwe esihlokweni sokuqala salolu chungechunge, bazihlola ngokucophelela izinkolelo zabo ngokutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Bafundani?

UMarco: “Owayesifundela iBhayibheli wasebenzisa imiBhalo ukuze aphendule yonke imibuzo esasinayo sinomkami. Uthando lwethu ngoJehova lwaqala ukukhula, nathi futhi sasondelana njengendoda nenkosikazi!”

URosa: “Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi iBhayibheli limane nje liyincwadi yefilosofi yabantu ezama ukuchaza uNkulunkulu. Kepha kancane kancane ngathola izimpendulo ezivela eBhayibhelini zemibuzo yami. Manje uJehova usengokoqobo kimi. UnguMuntu engingamethemba.”

URaymonde: “Ngathandaza kuNkulunkulu ngacela ukuba angisize ngifunde ngaye. Ngokushesha ngemva kwalokho mina nomyeni wami saqala ukufunda iBhayibheli. Ekugcineni salithola iqiniso ngoJehova! Sajabula kakhulu lapho sithola ukuthi uluhlobo luni lukaNkulunkulu.”

IBhayibheli lenza okungaphezu kokumane lidalule amanga ngoNkulunkulu; lembula iqiniso ngezimfanelo zakhe ezithandekayo. LiyiZwi lakhe eliphefumulelwe futhi lisisiza ukuba “sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.” (1 Korinte 2:12) Zihlolele ngokwakho indlela iBhayibheli eliphendula ngayo imibuzo evamile kodwa ebalulekile ngoNkulunkulu, injongo yakhe nekusasa lethu. Funda izimpendulo zeminye yale mibuzo ngaphansi kwesihloko esithi “Izimfundiso ZeBhayibheli > Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli” engosini ethi www.pr418.com/zu. Ungakwazi nokucela isifundo seBhayibheli kuleyo ngosi noma komunye woFakazi BakaJehova. Siyaqiniseka ukuthi uma wenza kanjalo, uyothola ukuthi ukuthanda uNkulunkulu kulula kunalokho obukucabanga.