Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UKUFA KUYISIPHETHO SAKHO KONKE?

Ukulwa Kwesintu Nokufa

Ukulwa Kwesintu Nokufa

UMBUSI UQIN SHI HUANG

UMHLOLI WAMAZWE UPONCE DE LEÓN

Ukufa kuyisitha esesabekayo. Silwa nakho ngawo wonke amandla ethu. Singase singakholwa lapho ukufa kulahla phansi umuntu esimthandayo. Lapho sisebasha singase sikholelwe ukuthi ngeke kusifice—iphupho esinamathela kulo isikhathi eside ngangokunokwenzeka.

Bambalwa abantu abake bacabanga ngokungafi ukwedlula oFaro basendulo. Bachitha isikhathi esiningi sokuphila kwabo—nesezinkulungwane zezisebenzi—bezama ukunqoba ukufa. Imibhoshongo abayakha ifakazela imizamo yabo nokwehluleka kwabo.

Ababusi baseShayina nabo benza imizamo efanayo ukuze bangafi, kodwa besebenzisa indlela ehlukile—uketshezi olwaluzobenza bangafi. UMbusi uQin Shi Huang watshela abathaki bamakhemikhali ukuba bamenzele uketshezi olwaluzomenza angafi. Kodwa izithako zabo eziningi zazine-mercury ewushevu futhi kungenzeka lo Mbusi wabulawa ngesinye salezo zithako.

Kubikwa ukuthi ngo-1513 C.E., umhloli wamazwe waseSpain uJuan Ponce de León walibangisa eCaribbean ngomkhumbi eyofuna umthombo wobusha. Kulolo hambo wathola iFlorida ese-U.S.A., kodwa wabe esefa eminyakeni embalwa kamuva ngemva kokulwa naboMdabu baseMelika. Akukho mthombo wobusha owake watholwa.

OFaro, ababusi nabahloli bamazwe, bonke babefuna ukunqoba ukufa. Ngisho noma singase singazamukeli izindlela abazisebenzisa, ubani kithi ongayigxeka imizamo yabo? Ekujuleni kwezinhliziyo zethu, sonke sinesifiso sokuqhubeka siphila.

INGABE UKUFA KUNGANQOTSHWA?

Kungani silwa nokufa? IBhayibheli liyasichaza isizathu. Ngokuphathelene noMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, * iBhayibheli lithi: “Wenzé  konke kwaba kuhle ngesikhathi sako. Ufake ngisho nobuphakade ezinhliziyweni [zabantu].” (UmShumayeli 3:11) Singathanda ukujabulela ubuhle bomhlaba phakade, hhayi nje iminyaka engaba ngu-80 kuphela. (IHubo 90:10) Leso isifiso sezinhliziyo zethu.

Kungani uNkulunkulu afaka ‘ubuphakade’ ezinhliziyweni zethu? Ingabe wayenzela ukusikhungathekisa? Cha. Kunalokho, uNkulunkulu usithembisa ukuthi ukufa kuyonqotshwa. IBhayibheli likhuluma kaningi ngokuqedwa kokufa nangesithembiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade.—Bheka ibhokisi elithi  “Ukunqotshwa Kokufa.”

UJesu Kristu ngokwakhe washo ngokucacile: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ngakho lisekhona ithemba lokunqoba le mpi. UJesu usiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu kuphela ongasinqobela le mpi.

^ isig. 9 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.