Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhetha Ngokuhlakanipha Ebusheni

Ukukhetha Ngokuhlakanipha Ebusheni

“Nina zinsizwa nani futhi zintombi, . . . [dumisani] igama likaJehova.”—IHU. 148:12, 13.

1. Imaphi amathuba amangalisayo ajatshulelwa amaKristu amaningi asemasha?

SIPHILA ezikhathini ezivusa amadlingozi. Izigidi zabantu abavela kuzo zonke izizwe ziphendukela ekukhulekeleni kweqiniso ngendlela engakaze ibonwe emlandweni. (IsAm. 7:9, 10) Intsha eningi ithola okuhlangenwe nakho okujabulisayo njengoba isiza abanye ukuba baqonde amaqiniso eBhayibheli asindisa ukuphila. (IsAm. 22:17) Enye iqhuba izifundo zeBhayibheli, isiza abantu ukuba bathuthukise indlela yabo yokuphila. Enye ishumayela izindaba ezinhle ngentshiseko emasimini akhuluma ezinye izilimi. (IHu. 110:3; Isaya 52:7) Ungenza kanjani ukuze nawe ube nengxenye eyanelisa ngokwengeziwe kulokho abantu bakaJehova abakwenzayo?

2. Isibonelo sikaThimothewu sibonisa kanjani ukuthi uJehova uzimisele ukuphathisa intsha imithwalo yemfanelo? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

2 Njengomuntu osemusha, ungakwazi ukukhetha lokho kamuva okungakuvulela amathuba ajabulisayo enkonzweni kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, kusobala ukuthi uThimothewu waseListra wakhetha ngokuhlakanipha okwaholela ekutholeni kwakhe isabelo sokuba isithunywa sevangeli mhlawumbe engakayihlanganisi noma esanda kweva eminyakeni engamashumi amabili. (IzE. 16:1-3) Kubonakala sengathi ezinyangeni ezimbalwa ngemva kokuba ukuphikiswa komphostoli uPawulu ngendlela enobudlova kumphoqe ukuba asuke  ebandleni elalisanda kwakhiwa laseThesalonika, uPawulu wathuma uThimothewu ukuba abuyele khona ayoqinisa abazalwane. (IzE. 17:5-15; 1 Thes. 3:1, 2, 6) Ucabanga ukuthi wazizwa kanjani uThimothewu lapho ethola leso sabelo?

UKUKHETHA OKUBALULEKE KAKHULU KUWE

3. Isiphi isinqumo esibaluleke kunazo zonke ongase uzenze ekuphileni, futhi ungasenza nini?

3 Ubusha buyisikhathi sokwenza izinqumo ezibaluleke kakhulu. Kodwa kunesinqumo esibaluleke kunazo zonke—ukukhetha kwakho ukukhonza uJehova. Isiphi isikhathi esingcono kakhulu sokwenza leso sinqumo? UJehova uthi: “Khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobunsizwa bakho.” (UmSh. 12:1) Ukuphela kwendlela eyamukelekayo ‘yokukhumbula’ uJehova ukumkhonza ngokugcwele. (Dut. 10:12) Ukukhetha kwakho ukukhonza uNkulunkulu ngenhliziyo yakho yonke kuyisinqumo esibaluleke kunazo zonke oyoke uzenze. Siyololonga lonke ikusasa lakho.—IHu. 71:5.

4. Ngaphandle kokukhetha ukukhonza uJehova, iziphi ezinye izinqumo ezibalulekile ekuphileni eziyothinta indlela okhonza ngayo uNkulunkulu?

4 Yebo, ukukhetha kwakho ukukhonza uJehova akukhona ukuphela kwesinqumo esithinta ikusasa lakho. Ngokwesibonelo, ungase uzibuze nokuthi uzoshada yini, uzoshada nobani futhi uzoziphilisa kanjani. Lezi izinqumo ezibalulekile, kodwa uyokwenza ngokuhlakanipha ngokuqale ukhethe ukuthi uyafuna yini ukukhonza uJehova ngokugcwele ngangokunokwenzeka. (Dut. 30:19, 20) Kungani? Ngoba lezi zinqumo zihlobene kakhulu. Lokho okunqumayo ngokuphathelene nomshado nomsebenzi kuyoyithinta indlela okhonza ngayo uNkulunkulu. (Qhathanisa noLuka 14:16-20.) Ngokufanayo, isifiso sakho sokukhonza uNkulunkulu siyothinta ukukhetha okwenzayo ngokuphathelene nomshado nomsebenzi. Ngakho, qala ngokwenza izinqumo ezibaluleke kakhulu.—Fil. 1:10.

UZOKWENZANI NGOBUSHA BAKHO?

5, 6. Bonisa indlela ukukhetha ngendlela efanele okungagcina kuholele ngayo kokuhlangenwe nakho okuhle. (Bheka nesihloko esithi “Lokho Engakukhetha Ngisemncane” esikulo magazini.)

5 Lapho usukhethe ukukhonza uNkulunkulu, ungacabanga ngalokho afuna ukwenze, futhi unganquma nokuthi uyomkhonza kanjani. Umzalwane othile waseJapane uyabhala: “Lapho ngineminyaka engu-14, ngahamba nomdala othile wasebandleni ensimini futhi waqaphela ukuthi angiyijabuleli insimu. Ngomusa wathi kimi, ‘Yana ekhaya Yuichiro. Wofike uhlale phansi ucabangisise ngalokho uJehova akwenzele khona.’ Ngenza njengokusho kwakhe. Eqinisweni, ngaqhubeka ngicabanga futhi ngithandaza izinsuku eziningi. Kancane kancane isimo sami sengqondo sashintsha. Kungakabiphi, ngazithola sengikujabulela ukukhonza uJehova. Ngakujabulela ukufunda ngezithunywa zevangeli futhi ngaqala ukucabanga ngokukhonza uNkulunkulu ngokugcwele ngangokunokwenzeka.

6 UYuichiro uyaqhubeka: “Nganquma ukuqala ukukhetha izinto ezaziyongisiza ukuba ngolunye usuku ngikwazi ukuyokhonza uJehova phesheya. Ngokwesibonelo, ngakhetha ukufunda isiNgisi. Lapho ngiqeda esikoleni, ngakhetha ukubamba itoho lokufundisa isiNgisi ukuze ngikwazi ukuphayona. Lapho ngineminyaka engu-20, ngaqala ukufunda isiMongolia futhi ngathola ithuba lokuvakashela iqembu labamemezeli abakhuluma isiMongolia. Ngemva kweminyaka emibili, ngo-2007, ngavakashela eMongolia. Lapho ngisensimini namaphayona athile futhi ngibona ukuthi abantu abaningi babefuna iqiniso, ngafisa ukuthuthela khona ngiyosiza. Ngabuyela eJapane ngiyozilungiselela. Bengilokhu ngiphayona eMongolia kusukela ngo-April 2008. Ukuphila akulula lapha. Kodwa abantu bayazamukela izindaba ezinhle futhi ngiyakwazi ukubasiza ukuba basondele kuJehova. Nginomuzwa wokuthi ngakhetha indlela yokuphila engcono kakhulu.”

7. Iziphi izinto okumelwe sizikhethele thina kuzo, futhi uMose wasibekela siphi isibonelo?

 7 Umuntu ngamunye kumelwe azikhethele ukuthi uyokusebenzisa kanjani ukuphila kwakhe njengomunye woFakazi BakaJehova. (Josh. 24:15) Asikwazi ukukutshela ukuthi ushade yini, ushade nobani noma ukuthi imuphi umsebenzi okufanele uwufune. Ingabe uyokhetha umsebenzi odinga ukuqeqeshwa okuncane kuphela? Abanye kini maKristu asemancane bahlala emaphandleni ampofu; abanye bahlala emadolobheni achumayo. Emhlabeni wonke niyehluka kakhulu ngobuntu benu, amakhono, okuhlangenwe nakho, izinto enizithandayo nangokholo lwenu. Cishe nehluke njengoba nje nentsha engamaHebheru eGibhithe lasendulo eyayihluke ngayo kuMose. Ngesikhathi esemncane, wayejabulela amathuba amaningi esigodlweni sasebukhosini, kuyilapho amanye amaHebheru eyizigqila. (Eks. 1:13, 14; IzE. 7:21, 22) Njengani, babephila ezikhathini ezivusa amadlingozi. (Eks. 19:4-6) Ngamunye kwakudingeka akhethe ukuthi uzokwenzani ngokuphila kwakhe. UMose wakhetha kahle.—Funda amaHebheru 11:24-27.

8. Iluphi usizo intsha ebhekene nokwenza izinqumo ngokuphila kwayo engaluthola?

8 UJehova uyanisiza ukuze nikhethe ngokuhlakanipha ebusheni benu. Uneluleka ngokuninikeza izimiso eningazisebenzisa ezimweni ezingavamile enibhekana nazo. (IHu. 32:8) Ngaphezu kwalokho, abazali benu abakholwayo nabadala bamabandla banganisiza ukuba nibone ukuthi ningazisebenzisa kanjani lezi zimiso. (IzAga 1:8, 9) Ake sicabangele izimiso zeBhayibheli ezintathu eziyisisekelo ezinganisiza ukuba nenze izinqumo ezihlakaniphile eziyonenza nibe nekusasa elihle.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZINTATHU ZOKUNIQONDISA

9. (a) UJehova usihlonipha kanjani ngokusinika inkululeko yokuzikhethela? (b) ‘Ukufuna umbuso kuqala’ kuvula maphi amathuba?

9 Funani kuqala uMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe. (Funda uMathewu 6:19-21, 24-26, 31-34.) UJehova uyasihlonipha ngokusinika inkululeko yokuzikhethela. Akakutsheli ukuthi bungakanani ubusha bakho okumelwe ubunikele ekushumayeleni ngoMbuso. Kodwa uJesu wasinika isimiso esiwusizo sokuba sifune uMbuso kuqala. Indlela osebenzisa ngayo lokho akusho iyokuvulela amathuba okubonisa uthando lwakho ngoNkulunkulu, ukukhathalela kwakho omakhelwane nokwazisa kwakho ithemba lokuphila okuphakade. Njengoba ucabangela umshado nomsebenzi, kucabangele nokuthi ukukhetha kwakho ngeke yini kukubangele ukukhathazeka ngezidingo zokuphila noma ukuthi kuyoyibonisa yini intshiseko yakho ngoMbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.

10. Yini eyayenza uJesu ajabule, futhi ikuphi ukukhetha okuyokwenza ujabule?

10 Thola injabulo ngokukhonza abanye. (Funda izEnzo 20:20, 21, 24, 35.) Ngomusa, uJesu wasifundisa lesi simiso esibalulekile ekuphileni. Wayengumuntu ojabule kakhulu ngoba wayenza intando kaYise, hhayi eyakhe. UJesu wayekujabulela ukubona abantu abamnene bemukela izindaba ezinhle. (Luka 10:21; Joh. 4:34) Mhlawumbe usuye wayinambitha injabulo elethwa ukusiza abanye. Uma izinqumo zakho ezinkulu ekuphileni uzisekela ezimisweni uJesu azifundisa, ngokuqinisekile uyojabula, noJehova uzojabula.—IzAga 27:11.

11. Kungani uBharuki aphelelwa injabulo, futhi isiphi iseluleko uJehova amnika sona?

11 Injabulo enkulu kunayo yonke siyithola ngokukhonza uJehova. (IzAga 16:20) Kubonakala sengathi uBharuki, unobhala kaJeremiya, wakukhohlwa lokho. Kunesikhathi lapho ayengasayijabuleli khona inkonzo yakhe kuJehova. UJehova wamtshela: “Uqhubeka uzifunela izinto ezinkulu. Musa ukuqhubeka uzifuna. Ngoba bheka ngiletha inhlekelele phezu kwayo yonke inyama, . . . futhi ngiyokunika umphefumulo wakho ukuba ube yimpango yakho kuzo zonke izindawo ongase uye kuzo.” (Jer. 45:3, 5) Ucabangani? Ikuphi okwakuyokwenza uBharuki ajabule—ukufuna izinto ezinkulu noma ukusinda ekubhujisweni kweJerusalema njengenceku kaNkulunkulu ethembekile?—Jak. 1:12.

12. Ikuphi ukukhetha okwasiza uRamiro ukuba aphile ukuphila okujabulisayo?

 12 Omunye umzalwane owathola injabulo ngokukhonza abanye uRamiro. Uthi: “Ngiphuma emkhayeni ompofu ohlala emaphandleni ezintabeni eziwukhahlamba okuthiwa i-Andes. Ngavulekelwa ithuba elikhulu lapho umfowethu omdala ethembisa ukungikhokhela imali yaseyunivesithi. Kodwa ngangisanda kubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, futhi ngivulekelwe elinye ithuba—iphayona lalingicele ukuba ngizoshumayela nalo edolobhaneni elithile. Ngaya khona, ngafunda ukugunda abantu izinwele futhi ngavula indawo yokugunda izinwele ukuze ngiziphilise. Njengoba sicela abantu ukuba sibaqhubele izifundo zeBhayibheli, abaningi basabela ngokwazisa. Kamuva ngahlanganyela nebandla elalisanda kwakhiwa elikhuluma ulimi lomdabu. Sengineminyaka eyishumi ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Awukho omunye umsebenzi onganginika injabulo engiyitholayo njengoba ngisiza abantu ukuba bafunde ngezindaba ezinhle ngolimi abaluncela.”

URamiro ubelokhu ethola injabulo yokukhonza uJehova kusukela ebusheni bakhe (Bheka isigaba 12)

13. Kungani ubusha buyisikhathi esihle sokukhonza uJehova ngokugcwele?

13 Jabulela ukukhonza uJehova ebusheni bakho. (Funda umShumayeli 12:1.) Ungabi nomuzwa wokuthi kumelwe uqale ngokuthola umsebenzi omuhle ukuze kamuva ukwazi ukukhonza uJehova. Ubusha buyisikhathi esihle sokuqala ukukhonza uJehova ngokugcwele. Intsha eningi ayikabi nemithwalo yemfanelo yomkhaya eminingi futhi inempilo nobungqabavu bokwenza izabelo eziyinselele. Yini ongathanda ukuyenzela uJehova ebusheni bakho? Mhlawumbe unomgomo wokuphayona. Ungase uthande ukusebenza insimu yolunye ulimi. Noma mhlawumbe zikhona ezinye izindlela obonayo ukuthi ungakhonza ngazo ngokugcwele ebandleni okulo. Kungakhathaliseki ukuthi uyini umgomo wakho enkonzweni kaNkulunkulu, uzoyidinga indlela yokuziphilisa. Udinga ukuqeqeshwa okungakanani? Yini ozoyikhetha?

 UKUSEBENZISA IZIMISO ZEBHAYIBHELI UKUZE UKHETHE NGOKUHLAKANIPHA

14. Yini umuntu okumelwe ayiqaphe lapho ehlelela ikusasa?

14 Izimiso zeBhayibheli ezintathu esisanda kuxoxa ngazo zingakusiza ukuba uhlaziye umsebenzi ozowukhetha. Akungabazeki ukuthi abeluleki bakho basesikoleni banolwazi ngemboni yezemisebenzi endaweni. Noma kungenzeka ukuthi kunomnyango othile kahulumeni ongakutshela ukuthi imuphi umsebenzi odingeka kakhulu endaweni yakini noma lapho ufuna ukuyokhonza khona. Ukwaziswa okuthola emithonjeni yezwe kungaba usizo kakhulu—kodwa qapha. Abantu abangamthandi uJehova bangase bazame ukutshala uthando lwezwe enhliziyweni yakho. (1 Joh. 2:15-17) Lapho ubheka amathuba akhona ezweni, inhliziyo yakho ingakhohliseka kalula.—Funda izAga 14:15; Jer. 17:9.

15, 16. Obani abangakuqondisa ngendlela engcono kakhulu endabeni yomsebenzi?

15 Lapho usuqonda amathuba emisebenzi akuvulekele, kudingeka uthole iseluleko esihluzekile. (IzAga 1:5) Ubani ongakusiza ukuba uhlaziye amathuba omsebenzi ngokusekelwe ezimisweni zeBhayibheli? Lalela abantu abathanda uJehova, abakuthandayo nabakwazi kangcono wena nezimo zakho. Bazokusiza ukuba uhlaziye amakhono nezisusa zakho. Mhlawumbe abakushoyo kuyokusiza ukuba ucabange kabusha ngemigomo yakho. Yeka ukuthi usuke ubusiseke kangakanani uma unabazali abathanda uJehova! Abadala ebandleni lakini bangamadoda afanelekayo ngokomoya nawo angakuqondisa. Ngaphandle kwabo, khuluma nanamaphayona nabajikelezi. Yini eyabenza bakhetha inkonzo yesikhathi esigcwele? Baqala kanjani ukuphayona, futhi bazinakekela kanjani ngokwezimali? Ikuphi ukwaneliseka abakutholayo enkonzweni yabo?—IzAga 15:22.

16 Abantu abakwazi kahle ngempela bangakunikeza iseluleko esinokuqonda. Ngokwesibonelo, ake sithi ufuna ukuyeka isikole samabanga aphakeme bese uqala ukuphayona ngoba empeleni wenqena umsebenzi onzima odingekayo esikoleni. Umuntu okuthandayo angase azibone izisusa zakho futhi akusize ukuba uqaphele ukuthi isikole singakuzuzisa ukuba ufunde ukungasheshi ukudikila, imfanelo ebalulekile uma ufuna ukukhonza uJehova ngokugcwele.—IHu. 141:5; IzAga 6:6-10.

17. Iziphi izinqumo okumelwe sizigweme?

17 Wonke umuntu okhonza uJehova uyobhekana nezingozi ezingokomoya—amathonya angase amqhelise kuJehova. (1 Kor. 15:33; Kol. 2:8) Kodwa ezinye izinhlobo zomsebenzi zingase zibe nezingozi ezingokomoya ezengeziwe kunezinye. Ingabe bakhona abantu endaweni yakini abaye “baphukelwa umkhumbi wokholo lwabo” ngemva kokukhetha uhlobo oluthile lomsebenzi? (1 Thim. 1:19) Ngokuqinisekile, kungaba ukuhlakanipha ukugwema ukwenza izinqumo ezifaka ubuhlobo bakho noNkulunkulu engozini.—IzAga 22:3.

JABULA NGOKUBA UMKRISTU OSEMUSHA

18, 19. Uma umuntu engakazizwa ethambekele ekukhonzeni uJehova, yini okufanele ayenze?

18 Uma uye wahlakulela isifiso sokukhonza uJehova enhliziyweni yakho, jabulela amathuba ahambisana nokuba kwakho inceku kaNkulunkulu esencane. Khetha ngendlela ezokwenza ukuba ujabulele ukukhonza uJehova kulezi zikhathi ezivusa amadlingozi.—IHu. 148:12, 13.

19 Ngakolunye uhlangothi, yini okufanele uyenze uma kuwukuthi awukazizwa uthambekele ekukhonzeni uJehova? Ungayeki ukuzama ukuqinisa ukholo lwakho. Ngemva kokuba umphostoli uPawulu echaze imizamo yakhe yokuphishekela indlela yokuphila eyayizobusiswa uNkulunkulu, wabhala: “Uma ninokuthambekela kwengqondo okuhlukile kunoma isiphi isici, uNkulunkulu uyonambulela isimo sengqondo esingenhla. Noma kunjalo, ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile ngalo mkhondo ofanayo.” (Fil. 3:15, 16) Qhubeka ucabanga ngothando lukaNkulunkulu nezeluleko zakhe ezihlakaniphile. UJehova angakusiza ukuba ukhethe ngokuhlakanipha ebusheni bakho ngendlela engcono kakhulu ukudlula noma ubani omunye.