Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Dumisani UKristu—INkosi Ekhazimulayo!

Dumisani UKristu—INkosi Ekhazimulayo!

“Ebukhazikhazini bakho qhubekela empumelelweni.”—IHU. 45:4.

1, 2. Kungani kufanele sibe nesithakazelo kumaHubo 45?

INKOSI ekhazimulayo iphuma igibele ihhashi ngenjongo yokuyolwela iqiniso nokulunga nokuyonqoba izitha zayo. Ngemva kokunqoba kwayo kokugcina, ishada nomlobokazi wayo omuhle. Le nkosi ibe isikhunjulwa futhi idunyiswa kuzo zonke izizukulwane ezilandelayo. Yilowo umongo oyinhloko we­Hubo 45.

2 Nokho, iHubo 45 aliyona nje indaba emnandi enesiphetho esijabulisayo. Izenzakalo okukhulunywa ngazo kulo ziyasithinta. Zithinta ukuphila kwethu manje nekusasa lethu. Ake sinakisise njengoba silihlola ngokucophelela leli hubo.

“INHLIZIYO YAMI IBÉ NOGQOZI NGENDABA ENHLE”

3, 4. (a) Iyiphi ‘indaba enhle’ esithintayo, futhi ingazithonya kanjani izinhliziyo zethu? (b) Ingoma yethu “iphathelene nenkosi” ngayiphi indlela, futhi ulimi lwethu luba kanjani njengothi lokuloba?

3 Funda iHubo 45:1. ‘Indaba enhle’ ethinta inhliziyo yomhubi futhi eyenza “ibe nogqozi” iphathelene nenkosi. Ngokolimi lokuqala, isenzo sesiHebheru esihunyushwe ngokuthi “ibe nogqozi” sisho “ukuphuphuma” noma “ukubila.” Le ndaba yenza inhliziyo yomhubi yaphuphuma intshiseko futhi yenza ulimi lwakhe lwaba ‘njengothi lokuloba lomkopishi onekhono.’

 4 Kuthiwani ngathi? Izindaba ezinhle zoMbuso kaMesiya ziyinto enhle ethinta izinhliziyo zethu. Isigijimi soMbuso saba indaba “enhle” ngokukhethekile ngo-1914. Kusukela ngaleso sikhathi, lesi sigijimi asibange sisakhuluma ngoMbuso ozayo kodwa ngohulumeni ongokoqobo obusayo manje emazulwini. Yilezi “zindaba ezinhle zombuso” esizishumayela “emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.” (Math. 24:14) Ingabe izinhliziyo zethu ziba “nogqozi” ngesigijimi soMbuso? Ingabe sizishumayela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso? Njengomhubi, ingoma yethu “iphathelene nenkosi”—iNkosi yethu uJesu Kristu. Siyimemezela njengeNkosi yoMbuso kaMesiya emiswe ezulwini. Ngaphezu kwalokho, simema bonke—ababusi nezikhonzi zabo—ukuba bazithobe ekubuseni kwayo. (IHu. 2:1, 2, 4-12) Ulimi lwethu luba ‘njengothi lokuloba lomkopishi onekhono,’ ngomqondo wokuthi silisebenzisa kakhulu iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe emsebenzini wethu wokushumayela.

Simemezela ngenjabulo izindaba ezinhle ngeNkosi yethu uJesu Kristu

‘KUPHUMA AMAZWI ATHANDEKAYO EZINDEBENI ZENKOSI’

5. (a) UJesu “wayemuhle” ngaziphi izindlela? (b) ‘Amazwi athandekayo aphuma kanjani ezindebeni zeNkosi,’ futhi singakulwela kanjani ukulandela isibonelo sakhe?

5 Funda iHubo 45:2. Kuncane kakhulu imiBhalo esitshela kona ngendlela uJesu ayebukeka ngayo. Njengoba ayephelele, akungabazeki ukuthi ‘wayemuhle.’ Nokho, okwenza ubuhle bakhe baba obuvelele ukwethembeka kwakhe kuJehova nobuqotho bakhe obungenakuzanyazanyiswa. Ngaphezu kwalokho, uJesu wayesebenzisa “amazwi amnandi” lapho eshumayela isigijimi soMbuso. (Luka 4:22; Joh. 7:46) Ingabe siyakulwela ukulandela isibonelo sakhe emsebenzini wethu wokushumayela futhi sizame ukusebenzisa amazwi azothinta izinhliziyo zabantu?—Kol. 4:6.

6. UNkulunkulu ‘wambusisa’ kanjani uJesu phakade?

6 Ngenxa yokuzinikela kukaJesu ngenhliziyo yonke, uJehova wambusisa phakathi nenkonzo yakhe emhlabeni futhi wamvuza ngemva kokufa kwakhe okwaba umhlatshelo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho [uJesu] ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. Ngenxa yalesi sizathu, noNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe, awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlaba, futhi zonke izilimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.” (Fil. 2:8-11) UJehova ‘wabusisa’ uJesu phakade ngokumvusela ekuphileni okungenakufa.—Roma 6:9.

INKOSI YENZIWA IBE NKULU UKUDLULA “ABANGANE” BAYO

7. UJehova wamgcoba ngaziphi izindlela uJesu ‘ukudlula abangane bakhe’?

7 Funda iHubo 45:6, 7Uthando olukhulu lukaJesu ngokulunga nokuzonda kwakhe noma yini engase ilethe isihlamba egameni likaYise kwenza ukuba uJehova amgcobe njengeNkosi yoMbuso kaMesiya. UJesu wagcotshwa “ngamafutha okwethaba ukudlula abangane [bakhe],” okuwukuthi, amakhosi akwaJuda ohlu lukaDavide. Kanjani? Phakathi kokunye, uJesu  wagcotshwa uJehova uqobo. Esinye isizathu, uJehova wamgcoba waba iNkosi noMpristi Ophakeme. (IHu. 2:2; Heb. 5:5, 6) Ngaphezu kwalokho, uJesu akagcotshwanga ngamafutha kodwa ngomoya ongcwele futhi ubukhosi bakhe akubona obasemhlabeni kodwa obasezulwini.

8. Kungashiwo kanjani ukuthi ‘uNkulunkulu uyisihlalo sobukhosi sikaJesu,’ futhi kungani singaqiniseka ngokuthi umbuso wakhe owokulunga?

8 UJehova wabeka iNdodana yakhe yaba iNkosi yoMbuso kaMesiya emazulwini ngo-1914. ‘Intonga yobukhosi bayo iyintonga yokulunga,’ ngakho-ke kuqinisekisiwe ukuthi iyobusa ngokulunga nangobulungisa. Inegunya elingokomthetho ngoba ‘uNkulunkulu uyisihlalo sayo sobukhosi.’ Lokhu kusho ukuthi nguJehova oyisisekelo sobukhosi bayo. Ngaphezu kwalokho, isihlalo sobukhosi sikaJesu siyohlala “kuze kube nini nanini.” Awuziqhenyi yini ngokuthi ukhonza uJehova ubuswa yile nkosi enamandla emiswe uNkulunkulu?

INKOSI ‘IBHINCA INKEMBA YAYO’

9, 10. (a) UKristu wayibhinca nini inkemba yakhe, futhi wayisebenzisa kanjani ngokushesha? (b) UKristu usazoyisebenzisa kanjani inkemba yakhe?

9 Funda iHubo 45:3. UJehova uyala iNkosi yakhe ukuba ‘ibhince inkemba ethangeni layo,’ ngaleyo ndlela egunyaza uJesu ukuba alwe nabo bonke labo abaphikisa ubukhosi bukaNkulunkulu futhi akhiphe izahlulelo zaKhe kubo. (IHu. 110:2) Ngenxa yokuthi uKristu uyiNkosi eyiQhawe engenakunqotshwa, kubhekiselwa kuye ngokuthi “O wena onamandla.” Wabhinca inkemba yakhe ngo-1914 futhi wanqoba uSathane namademoni akhe, wabasusa ezulwini wabaphonsa phansi emhlabeni.—IsAm. 12:7-9.

10 Lokhu kwakumane nje kuyisiqalo sokunqoba kwale Nkosi. Kusafanele ‘iphelelise ukunqoba kwayo.’ (IsAm. 6:2) Kusafanele ikhiphe izahlulelo zikaJehova kuzo zonke izingxenye zesimiso sikaSathane emhlabeni, futhi yenze uSathane namademoni akhe bangabi namandla. IBhabhiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, liyoba elokuqala ukubhujiswa. UJehova uyosebenzisa ababusi bezombusazwe ukuba babhubhise lesi “sifebe” esikhohlakele. (IsAm. 17:16, 17) Ngokulandelayo, le Nkosi eyiQhawe iyobe isilwa nesimiso sikaSathane sezombusazwe, isiqede nya. UKristu, obuye abizwe ngokuthi “ingelosi yakwalasha,” uyobe esephelelisa ukunqoba kwakhe ngokuphonsa uSathane namademoni akhe kwalasha. (IsAm. 9:1, 11; 20:1-3) Ake sibone ukuthi iHubo 45 lazibikezela kanjani lezi zenzakalo ezivusa amadlingozi.

INKOSI IPHUMA ‘NGENJONGO YOKULWELA IQINISO’

11. UKristu uphuma ‘ngenjongo yokulwela iqiniso’ ngayiphi indlela?

11 Funda iHubo 45:4. Le Nkosi eyiQhawe ayiphumi impi ngenjongo yokuyothatha amazwe nabantu. Ilwa impi yokulunga ngezisusa ezinhle. Iphuma ‘ngenjongo yokulwela iqiniso, ukuthobeka nokulunga.’ Iqiniso elikhulu kunawo wonke okumelwe livikelwe elobukhosi bukaJehova bendawo yonke. USathane wakubekela inselele ukufaneleka kobukhosi bukaJehova lapho emvukela. Kusukela ngaleso sikhathi, lelo qiniso elibalulekile liye laphikiswa amademoni nabantu. Manje yisikhathi sokuba iNkosi kaJehova egcotshiwe ilwele ukulifakazela phakade iqiniso lokuthi uJehova unguMbusi wendawo yonke.

12. INkosi iya empini ‘ngenjongo yokulwela ukuthobeka’ ngayiphi indlela?

12 Le Nkosi iya empini ‘ngenjongo yokulwela nokuthobeka.’ NjengeNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, kwayona yabeka isibonelo esihle kakhulu sokuthobeka nokuzithoba ngobuqotho ebukhosini bukaYise. (Isaya 50:4, 5; Joh. 5:19) Zonke izikhonzi eziqotho zale  ­Nkosi kumelwe zilandele isibonelo sayo futhi ngokuthobeka zizithobe ebukhosini bukaJehova ezintweni zonke. Yilabo kuphela abenza kanjalo abayovunyelwa ukuba baphile ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe.—Zak. 14:16, 17.

13. UKristu uya empini ngenjongo ‘yokulwela ukulunga’ ngayiphi indlela?

13 UKristu uya empini nangenjongo ‘yokulwela ukulunga.’ Ukulunga le Nkosi ekulwelayo “ukulunga kukaNkulunkulu”—izindinganiso zikaJehova zokulungile nokungalungile. (Roma 3:21; Dut. 32:4) Ngokuphathelene neNkosi uJesu Kristu, u-Isaya waprofetha: “Inkosi iyobusa ngenjongo yokulunga.” (Isaya 32:1) Ukubusa kukaJesu kuyogcwalisa isithembiso ‘samazulu amasha nomhlaba omusha okuyohlala kukho ukulunga.’ (2 Pet. 3:13) Zonke izakhamuzi zalelo zwe elisha kuyolindeleka ukuba zizivumelanise nezindinganiso zikaJehova.—Isaya 11:1-5.

INKOSI IFEZA ‘IZINTO EZESABEKAYO’

14. Isandla sikaKristu sokunene siyozifeza kanjani ‘izinto ezesabekayo’? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

14 Njengoba iya empini, le Nkosi ibhince inkemba ethangeni layo. (IHu. 45:3) Kodwa kufika isikhathi sokuba iyihoshe bese iyisebenzisa ngesandla sayo sokunene. Umhubi uyaprofetha: “Isandla sakho sokunene siyokufundisa ngezinto ezesabekayo.” (IHu. 45:4) Lapho uJesu Kristu eya empini ngenjongo yokukhipha izahlulelo zikaJehova e-Armagedoni, uyofeza ‘izinto ezesabekayo’ ngokumelene nezitha zakhe. Asazi ukuthi iziphi izindlela ayozisebenzisa ekubhubhiseni isimiso sikaSathane. Kodwa leso senzo siyozenza zibe nokwesaba izinhliziyo zabakhileyo emhlabeni abangazange banake isixwayiso sikaNkulunkulu sokuba bazithobe ekubuseni kweNkosi ayimisile. (Funda iHubo 2:11, 12.) Esiprofethweni sakhe esiphathelene nesikhathi sokuphela, uJesu wathi abantu babeyoba “nesinxi ngenxa yokwesaba nokulindela izinto ezehlela umhlaba owakhiweyo; ngoba amandla amazulu ayonyakaziswa.” Wabe esenezela: “Khona-ke bayobona iNdodana yomuntu iza ngefu inamandla nenkazimulo enkulu.”—Luka 21:26, 27.

15, 16. Obani abayokwakha “amabutho” alandela uKristu empini?

15 Lapho imemezela ukuza kweNkosi ‘ngamandla nangenkazimulo enkulu’ izokhipha isahlulelo, incwadi yesAmbulo ithi: “Ngabona futhi izulu livulekile, bheka! ihhashi elimhlophe. Oligibele ubizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo, wahlulela futhi alwe ngokulunga. Amabutho ayesezulwini ayemlandela egibele amahhashi amhlophe, egqoké ilineni elimhlophe, elihlanzekile, elicolekileyo. Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ende ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, futhi uyozelusa ngenduku yensimbi. Unyathela isikhamo sewayini sentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”—IsAm. 19:11, 14, 15.

16 Obani abayoba amaqhawe kanye noKristu abakha “amabutho” asezulwini amlandelayo empini? Lapho ebhinca inkemba yakhe okokuqala ngenjongo yokuxosha uSathane namademoni akhe ezulwini, uJesu wayehamba “nezingelosi zakhe.” (IsAm. 12:7-9) Kubonakala kunengqondo ukuphetha ngokuthi empini ye-Armagedoni, amabutho kaKristu ayohlanganisa nezingelosi ezingcwele. Ingabe amabutho akhe ayohlanganisa nabanye? UJesu wabathembisa lokhu abafowabo abagcotshiwe: “Onqobayo futhi agcine izenzo zami kuze kube sekupheleni ngiyomnika igunya phezu kwezizwe, igunya elifanayo nalelo nami engilamukele kuBaba, uyokwelusa abantu ngenduku yensimbi kangangokuthi bayophihlizwa babe izicucu njengezitsha zobumba.” (IsAm. 2:26, 27) Ngakho, amabutho kaKristu asezulwini ayohlanganisa nabafowabo abagcotshiwe, abayobe sebethole umvuzo  wabo wasezulwini. Abagcotshiweyo abayobusa noKristu bayobe beseceleni kwakhe lapho efeza ‘izinto ezesabekayo’ ngesikhathi elusa izizwe ngenduku yensimbi.

INKOSI IPHELELISA UKUNQOBA KWAYO

17. (a) Limelelani ihhashi elimhlophe eligitshelwe uKristu? (b) Inkemba nomnsalo kumelelani?

17 Funda iHubo 45:5. INkosi igibele ihhashi elimhlophe, elimelela impi ehlanzekile nelungile emehlweni kaJehova. (IsAm. 6:2; 19:11) Ngaphandle kwenkemba, ihlome nangomnsalo. Siyafunda: “Ngabona, bheka! ihhashi elimhlophe; oligibele wayenomnsalo; wanikwa umqhele, waphuma enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.” Kokubili inkemba nomnsalo kumelela lokho uKristu ayokusebenzisa lapho ekhipha isahlulelo ezitheni zakhe.

Kuyobizwa izinyoni ukuba zizohlanza umhlaba (Bheka isigaba 18)

18. “Imicibisholo” kaKristu iyozibonakalisa kanjani “ibukhali”?

18 Ngolimi olusankondlo, umhubi uprofetha ukuthi ‘imicibisholo yeNkosi ibukhali ihlaba enhliziyweni yezitha zayo’ futhi ‘yenza amaqembu ezizwe awe phambi kwayo.’ Izitha zayo ziyobulawa emhlabeni wonke. Isiprofetho sikaJeremiya siyabikezela: “Ababulewe nguJehova ngalolo suku ngokuqinisekile bayosukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kube komunye umkhawulo womhlaba.” (Jer. 25:33) Isiprofetho esihambelana nalesi sithi: “Ngabona futhi ingelosi imi elangeni, yakhamuluka ngezwi elikhulu yathi kuzo zonke izinyoni ezindiza emkhathini: ‘Wozani lapha, buthanani ndawonye esidlweni sakusihlwa esikhulu sikaNkulunkulu, ukuba nidle inyama yamakhosi nenyama yezinduna zamabutho nenyama yamadoda anamandla nenyama yamahhashi neyalabo abawagibele, nenyama yabo bonke, eyabakhululekile neyezigqila eyabancane nabakhulu.’”—IsAm. 19:17, 18.

19. UKristu ‘uyoqhubekela kanjani empumelelweni’ futhi aphelelise ukunqoba kwakhe?

19 Ngemva kokubhubhisa isimiso sezinto sikaSathane esibi emhlabeni, uKristu ‘ebukhazikhazini bakhe uyoqhubekela empumelelweni.’ (IHu. 45:4) UKristu uyophelelisa ukunqoba kwakhe ngokuphonsa uSathane namademoni akhe kwalasha futhi bahlale lapho kuze kuphele ukuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane. (IsAm. 20:2, 3) Njengoba ngaleso sikhathi uDeveli nezingelosi zakhe beyobe benjengokungathi bafile, abakhileyo emhlabeni bayobe bekhululekile ethonyeni likaSathane futhi bayokwazi ukuphila ngokuzithoba okuphelele eNkosini yabo enqobayo nekhazimulayo. Nokho, ngaphambi kokuba babone umhlaba wonke ulungiswa kancane kancane uba yipharadesi, bayoba nesinye isizathu sokujabula ngeNkosi yabo nababusi abakanye nayo ezulwini. Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngaleso senzakalo esijabulisayo.