Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova—UMondli NoMvikeli Wethu

UJehova—UMondli NoMvikeli Wethu

“Ngoba ungithandile, ngizomenzela nendlela yokuphunyuka. Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.”—IHU. 91:14.

1, 2. Izimo zethu zasemakhaya nezizinda zethu ezingokomoya zihluke kanjani?

LUNGISELELO lomkhaya lisungulwe uJehova. (Efe. 3:14, 15) Nokho, ngisho noma singabandawonye, izici nezimo zethu azifani. Mhlawumbe uye waphila nabazali bakho waze waba mdala. Abanye kungenzeka bashonelwa abazali babo mhlawumbe ngenxa yokugula, ingozi noma esinye isehlakalo esibuhlungu. Kanti abanye ababazi nhlobo abazali babo.

2 Izizinda ezingokomoya zamalungu omkhaya wabakhulekeli bakaJehova nazo azifani. Kungenzeka ‘ukhulele eqinisweni,’ njengoba kuye kusho abanye, futhi abazali bakho baye bagxilisa kuwe izimiso zokwesaba uNkulunkulu. (Dut. 6:6, 7) Noma kungenzeka ungomunye wezinkulungwane ezathola iqiniso ngomsebenzi wokushumayela wezinye izinceku zikaJehova.—Roma 10:13-15; 1 Thim. 2:3, 4.

3. Yini esifana ngayo sonke?

3 Naphezu kwezici ezisanda kushiwo, kukhona esifana ngakho sonke. Sibhekana nemiphumela yokungalaleli kuka-Adamu futhi siye sazuza ngefa ukungapheleli, isono nokufa. (Roma 5:12) Noma kunjalo, njengabakhulekeli beqiniso, singambiza ngokufanele uJehova ngokuthi “uBaba wethu.” Ebhekisela kubantu bakaNkulunkulu abakhethiwe basendulo, u-Isaya 64:8 uthi: “O Jehova,  wena unguBaba wethu.” Ngaphezu kwalokho, uJesu waqala umthandazo wakhe oyisibonelo ngala mazwi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.”—Math. 6:9.

4, 5. Lapho sihlola ukujula kokwazisa esinakho ngoBaba wethu, uJehova, yini okuyoba usizo ukuyicabangela?

4 UBaba wethu osezulwini uyasinakekela futhi asivikele njengabantu ababiza igama lakhe ngokholo. Umhubi umcaphuna ethi: “Ngoba [umkhulekeli weqiniso] ungithandile, ngizomenzela nendlela yokuphunyuka. Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.” (IHu. 91:14) Yebo, ngothando uJehova uNkulunkulu usenzela indlela yokuphunyuka ezitheni zethu futhi asivikele njengabantu bakhe ukuze zingasibhuqi.

5 Ukuze sijulise ukwazisa kwethu ngoBaba wethu osezulwini, ake sixoxe ngezici ezintathu ezibalulekile: (1) UBaba wethu unguMondli noMlungiseleli wethu. (2) UJehova unguMvikeli wethu. (3) UNkulunkulu unguMngane wethu omkhulu. Njengoba sixoxa ngala maphuzu, kuzosisiza ukuzindla ngobuhlobo bethu noNkulunkulu futhi sibone ukuthi singamdumisa kanjani njengoBaba wethu. Kuyosisiza nokuzindla ngezibusiso uJehova azigcinele labo abasondela kuye.—Jak. 4:8.

UJEHOVA, UMONDLI OMKHULU

6. Iyiphi enye indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi unguMuphi wazo “zonke izipho ezinhle”?

6 Umfundi uJakobe wabhala: “Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, . . . zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini.” (Jak. 1:17) Ngisho nokuphila kuyisipho esimangalisayo esivela kuJehova. (IHu. 36:9) Ngokusebenzisa ukuphila kwethu ekwenzeni intando kaNkulunkulu, sithola izibusiso eziningi manje futhi siba nethemba lokuzuza ukuphila okuphakade ezweni elisha. (IzAga 10:22; 2 Pet. 3:13) Kodwa lokhu kungenzeka kanjani sibe sibhekene nemiphumela ebuhlungu yokungalaleli kuka-Adamu?

7. UNkulunkulu uye wasivulela kanjani indlela yokuba sibe nobuhlobo obuseduze naye?

7 Ngempela, uJehova unguMondli noMlungiseleli Omkhulu ngezindlela eziningi kakhulu. Ngokwesibonelo, umusa wakhe ongafanelwe uyasisiza. Sonke sinesono futhi sizuze ngefa ukungapheleli kubaba wethu wokuqala wasemhlabeni. (Roma 3:23) Noma kunjalo, ngenxa yothando lwakhe, uJehova wathatha isinyathelo kuqala sokusivulela indlela yokuba nobuhlobo obuseduze naye. Umphostoli uJohane wabhala: “Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. Uthando lukulesi sici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.”—1 Joh. 4:9, 10.

8, 9. UJehova wazibonisa kanjani enguMlungiseleli Omkhulu esikhathini sika-Abrahama no-Isaka? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

8 Ngekhulu le-19 B.C.E., kwenzeka isenzakalo esiyisiprofetho esembula ubukhulu belungiselelo lothando uJehova alenzele abantu abalalelayo ukuze bathole ukuphila okuphakade. AmaHebheru 11:17-19 ayachaza: “Ngokholo u-Abrahama, lapho evivinywa, kwafana nokuthi usenikele ngo-Isaka, futhi lo muntu obamukele izithembiso ngokuthokoza wazama ukunikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa, nakuba kwakuthiwe kuye: ‘Lokho okuyobizwa ngokuthi yinzalo yakho kuyoba khona ngo-Isaka.’ Kodwa wathi uNkulunkulu uyakwazi ukumvusa ngisho nakwabafileyo; futhi ngempela wamamukela evela khona ngendlela engokomfanekiso.” Kulula ukubona ukufana okukhona kule ndaba. UJehova wanikela ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ngenxa yezwe lesintu.—Funda uJohane 3:16, 36.

9 Yeka indlela okumelwe ukuba u-Isaka wajabula ngayo lapho ekhululwa ekubulaweni njengomhlatshelo! Ngokunganga­bazeki  wakwazisa ukulungiselela kukaNkulunkulu omunye umhlatshelo esikhundleni sakhe—inqama eyayibhajwe ehlozini elalibuqamama. (Gen. 22:10-13) Yingakho nje leyo ndawo yabizwa ngokuthi “iJehova-jire,” okusho ukuthi “uJehova Uyolungiselela.”—Gen. 22:14.

ILUNGISELELO LOKUBUYISANA

10, 11. Obani abaye bahola ‘enkonzweni yokubuyisana,’ futhi bakwenze kanjani?

10 Njengoba sizindla ngendlela uJehova azibonisa ngayo enguMlungiseleli Omkhulu, siyiqaphela ngokwazisa indima ebalulekile eyafezwa uJesu Kristu, njengoba nje noPawulu ayiqaphela lapho ebhala: “Yilokhu esikubonile, ukuthi umuntu oyedwa wafela bonke; ngakho-ke, bonke bafile; futhi wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele lowo owabafela wabuye wavuswa.”—2 Kor. 5:14, 15.

11 Ngenxa yothando lwawo ngoNkulunkulu nokwazisa anakho ngelungelo elingenakuqhathaniswa lokumkhonza, amaKristu okuqala ayamukela ngenjabulo “inkonzo yokubuyisana.” Umsebenzi wawo wokushumayela nokwenza abafundi wavulela abantu abanhliziyo ziqotho indlela yokuba babe nokuthula noNkulunkulu, babe abangane bakhe futhi ekugcineni babe abantwana bakhe abangokomoya. Namuhla, izinceku zikaJehova ezigcotshiwe zenza inkonzo efanayo. Lokho ezikufezayo njengamanxusa kaNkulunkulu noKristu kwenza uJehova akwazi ukudonsa abantu abanesimo sengqondo esihle futhi babe amakholwa.—Funda eyesi-2 Korinte 5:18-20; Joh. 6:44; IzE. 13:48.

12, 13. Singabonisa kanjani ukuthi siyawazisa amalungiselelo amaningi uJehova asenzela wona?

12 Eshukunyiswa ukwazisa anakho ngoJehova njengoMlungiseleli Omkhulu, wonke amaKristu anethemba lasemhlabeni ahlanganyela nabagcotshiweyo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Kulo msebenzi, sisebenzisa iBhayibheli elingelinye lamalungiselelo amahle kakhulu kaNkulunkulu. (2 Thim. 3:16, 17) Lapho silisebenzisa ngekhono iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe enkonzweni yethu, sinika abanye ithuba lokuthola ukuphila okuphakade. Ngamunye wethu uncika kwelinye futhi ilungiselelo likaJehova elisisizayo kulo msebenzi—umoya wakhe ongcwele. (Zak. 4:6; Luka 11:13) Imiphumela esiyitholayo mihle kakhulu njengoba kuboniswa njalo e-Ncwadini Yonyaka YoFakazi BakaJehova. Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani ukuba nengxenye kulo msebenzi odumisa uBaba noMlungiseleli wethu!

13 Ngenxa yazo zonke izinto uNkulunkulu asilungiselele zona, senza kahle ngokuzibuza: ‘Ingabe ngenza konke engingakwenza enkonzweni yami ukubonisa uJehova ukuthi ngiwazisa ngokujulile amalungiselelo akhe? Yiziphi izindlela engingathuthuka ngazo ukuze ngibe umshumayeli wezindaba ezinhle ophumelelayo?’ Singabonisa ukwazisa ngamalungiselelo kaNkulunkulu amahle ngokugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni kwethu. Uma senza kanjalo, uJehova uyoqinisekisa ukuthi izidingo zethu ziyanakekelwa. (Math. 6:25-33) Ngenxa yothando lukaNkulunkulu, ngokuqinisekile sifuna ukwenza konke okusemandleni ukuze simthokozise futhi senze inhliziyo yakhe ijabule.—IzAga 27:11.

14. UJehova ubelokhu enguMkhululi wabantu bakhe ngayiphi indlela?

14 Umhubi uDavide wahlabelela: “Mina ngihluphekile futhi ngimpofu. UJehova ngokwakhe uyanginaka. Wena ulusizo lwami noMenzi wendlela yami yokuphunyuka.” (IHu. 40:17) UJehova ubelokhu enguMkhululi wabantu bakhe njengeqembu, ikakhulukazi lapho beshushiswa kanzima futhi bezingelwa izitha zabo zingakhathali. Yeka ukuthi simbonga kangakanani uNkulunkulu ngosizo lwakhe ezikhathini ezinjalo nangamalungiselelo amaningi angokomoya aqhubeka esenzela wona!

 UJEHOVA UYAVIKELA

15. Bonisa indlela ubaba onothando afuna ngayo ukuvikela umntanakhe.

15 Ubaba onothando akagcini nje ngokondla abantwana bakhe kodwa ufuna nokubavikela. Ngokwemvelo, uyozama ukubavikela lapho besengozini. Omunye umzalwane ukhumbula isenzakalo esithile esenzeka lapho esengumfanyana. Yena noyise babeya ekhaya bevela ensimini behamba ngendlela edlula emfuleni. Lalikade liyidliva ekuseni ngakho umfula wagcwala. Ukuphela kwendlela ababengawela ngayo ukusebenzisa amatshe amakhulu akulo mfula, bagxume besuka kwelinye beya kwelinye. Lo mfanyana wayehamba phambili, washelela kwelinye lala matshe wawela emfuleni wacwila kwaze kwaba kabili. Yeka indlela ajabula ngayo lapho uyise emgxavula ngehlombe ngokushesha futhi emtakula. UBaba wethu osezulwini usikhulula kulokho esingase sikubheke njengemifula edla izindwani yaleli zwe elibi nakumbusi walo, uSathane. Ngokuqinisekile uJehova unguMvikeli ongcono kakhulu noma ubani angafisa ukuba naye.—Math. 6:13; 1 Joh. 5:19.

16, 17. UJehova wawasiza futhi wawavikela kanjani ama-Israyeli ngesikhathi elwa nama-Amaleki?

16 Isivikelo sothando uJehova asinikeza sona siboniswa kahle yilokho okwenzeka ngemva kokuba ekhulule ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe futhi wawavikela ngokuyisimangaliso lapho ewela uLwandle Olubomvu ngo-1513 B.C.E. Ngemva kokuhamba ehlane silibangise eNtabeni iSinayi, lesi sizwe safika eRefidimi.

17 Ngenxa yesiprofetho sikaNkulunkulu esikuGenesise 3:15, kungenzeka ukuthi uSathane wayeselifuna ngabomvu ithuba lokuhlasela ama-Israyeli ayengavikelekile. Lokhu wakwenza esebenzisa ama-Amaleki ayeyizitha zabantu bakaNkulunkulu. (Num. 24:20) Cabanga ngalokho okwafezwa uJehova ngamadoda  amane athembekile—uJoshuwa, uMose, u-Aroni noHure. Njengoba uJoshuwa elwa nama-Amaleki, uMose no-Aroni noHure babesegqumeni elibuqamama. Kwakuthi lapho uMose ephakamise izandla zakhe, ama-Israyeli abe namandla empini. Lapho izandla zakhe zikhathala, u-Aroni noHure babezisekela. Ngakho, “uJoshuwa wamnqoba u-Amaleki nabantu bakhe” ngosizo nesivikelo sikaJehova. (Eks. 17:8-13) UMose wakha i-altare lapho, walibiza ngokuthi “iJehova-nisi,” okusho ukuthi “uJehova UyiNsika Yami Eyisibonakaliso.”—Funda u-Eksodusi 17:14, 15.

SIPHEPHISWA EZIDLADLENI ZIKASATHANE

18, 19. UNkulunkulu uye wazivikela kanjani izinceku zakhe esikhathini sethu?

18 UJehova uyabavikela labo abamthandayo nabamlalelayo. Njengama-Israyeli eRefidimi, sithembela kuNkulunkulu ukuba asivikele lapho sihlaselwa izitha. Ngokuvamile, uJehova ubelokhu esivikela njengeqembu, futhi usiphephisa ezidladleni zikaDeveli. Cabanga ngezenzakalo eziningi lapho uNkulunkulu eye wavikela khona abafowethu ababelondoloza ukungathathi-hlangothi kwabo kobuKristu. Ngokwesibonelo, wabavikela ngesikhathi samaNazi eJalimane nakwamanye amazwe ngawo-1930 nasekuqaleni kwawo-1940. Ukufunda nokuzindla ngezindaba zokuphila nokulandisa okuse-Ncwadini Yonyaka kwendlela uNkulunkulu abavikela ngayo phakathi noshushiso kuyoqinisa ukuthembela kwethu kuJehova njengeSiphephelo sethu.—IHu. 91:2.

UJehova angasebenzisa esikholwa nabo ukuze asisize sihlale sithembekile ezikhathini ezinzima (Bheka izigaba 18-20)

19 Ngenhlangano kaJehova nezincwadi ezivela kuyo, sithola izikhumbuzo zothando ezisivikelayo. Cabanga ukuthi lokhu kuye kwaba usizo kanjani ezikhathini zamuva. Njengoba leli zwe liya licwila obishini lwamanyala nezithombe zobulili ezingcolile, uJehova uye walungiselela izikhumbuzo ezifike ngesikhathi neziwusizo ukuze asixwayise ngezingozi zokuziphatha. Ngokwesibonelo, useluleka njengoBaba ukuba sigweme abangane ababi esingabathola ngokusebenzisa kabi izingosi zokuxhumana. *1 Kor. 15:33.

20. Isiphi isivikelo nesiqondiso esisithola ngebandla lobuKristu?

20 Singabonisa kanjani ukuthi ‘sifundiswa uJehova’ ngempela? Ngokulalelisisa imiyalo yakhe. (Isaya 54:13) Amabandla ayindawo evikelekile esithola kuyo isiqondiso nesivikelo esidingekayo, ngoba yilapho amadoda athembekile akhonza njengabadala esinikeza khona usizo neseluleko esingokomBhalo. (Gal. 6:1) Kaningi ukusikhathalela kukaJehova sikuthola ngalezi “zipho ezingabantu.” (Efe. 4:7, 8) Kufanele sisabele kanjani? Siyothola isibusiso sikaNkulunkulu uma sizithoba futhi silalela ngokuzithandela.—Heb. 13:17.

21. (a) Yini okufanele sizimisele ukuyenza? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

21 Masizimisele ukuholwa umoya ongcwele ngaleyo ndlela sizithobe esiqondisweni sikaBaba wethu osezulwini. Kudingeka sizindle nangenkambo yokuphila yeNdodana yakhe, uJesu Kristu, esilwela ukulandela isibonelo sayo esingenakuqhathaniswa. Ngenxa yokulalela kwakhe kuze kube sekufeni, uJesu wathola umvuzo omkhulu kakhulu. (Fil. 2:5-11) Njengaye, siyobusiswa ngokuthembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yethu. (IzAga 3:5, 6) Ngakho kwangathi singahlale sithembela kuJehova njengoMondli, uMlungiseleli noMvikeli wethu ongenakuqhathaniswa. Yeka ukuthi kuyinjabulo nelungelo kanjani ukumkhonza! Uthando lwethu ngaye luyokhula njengoba sizindla ngesici sesithathu sokusikhathalela kukaBaba wethu—ukuba kwakhe uMngane wethu. Isihloko esilandelayo sigxila ekuboniseni indlela uJehova anguMngane wethu omkhulu ngayo.

^ isig. 19 Izibonelo zezikhumbuzo ezinjalo zingatholakala esihlokweni esithi “I-Internet—Ukusebenzisa Leli Thuluzi Lembulunga Yonke Ngokuhlakanipha” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 2011, amakhasi 3-5; esithi “Qaphela Izingibe ZikaDeveli!” nesithi “Yimani Niqine Futhi Nigweme Izicupho ZikaSathane!” kuyi-Nqabayokulinda ka-August 15, 2012, amakhasi 20-29.