Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Bona Ubuhle BukaJehova’

‘Bona Ubuhle BukaJehova’

Izimo ezicindezelayo zingaba nomphumela obuhlungu kithi. Zingenza ukuba sihlale sicabanga ngazo, zisiqede amandla futhi zithonye nombono wethu ngokuphila. INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yehlelwa ubunzima izikhathi eziningi. Yabhekana kanjani nabo? UDavide uphendula ngehubo elithinta inhliziyo: “Ngezwi lami, ngacela usizo kuJehova; ngezwi lami, ngaqala ukukhalela umusa kuJehova. Ngaqhubeka ngithulula ukukhathazeka kwami phambi kwakhe; ngalandisa ngokucindezeleka kwami phambi kwakhe, lapho umoya wami ufikelwa isinxi ngaphakathi kimi. Khona-ke wena ngokwakho wawazi umendo wami.” Yebo, uDavide wacela usizo ngokuthobeka kuNkulunkulu.—IHu. 142:1-3.

Ezikhathini zobunzima, uDavide wazithoba wacela usizo kuJehova

Kwelinye ihubo, uDavide wahlabelela: “Yinye into engiyicelé kuJehova—iyilokho engiyokufuna, ukuba ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuphila kwami, ukuze ngibone ubuhle bukaJehova futhi ngibuke ithempeli lakhe ngokwazisa.” (IHu. 27:4) UDavide wayengeyena umLevi kodwa ake umbone ngeso lengqondo emi ngaphandle egcekeni elingcwele, eduze kwesikhungo sokukhulekela kweqiniso. Inhliziyo kaDavide igcwala ukubonga kangangokuthi ufisa sengathi angahlala khona ukuphila kwakhe konke ukuze ‘abone ubuhle bukaJehova.’

Igama elithi “ubuhle” lihlotshaniswa nesimo noma imfanelo yento ‘eyamukelekayo noma ejabulisa ingqondo, imizwa noma izinzwa.’ UDavide wayehlale elibheka ngokwazisa ilungiselelo likaNkulunkulu lokukhulekela. Singase sizibuze, ‘Ingabe ngizizwa ngendlela uDavide ayezizwa ngayo?’

‘LIBUKE NGOKWAZISA’ ILUNGISELELO LIKANKULUNKULU

Osukwini lwethu, ilungiselelo lokusondela kuJehova aligxilile esakhiweni esingokoqobo. Kunalokho, lihilela ithempeli likaNkulunkulu elikhulu elingokomoya—ilungiselelo elingcwele lokukhulekela kweqiniso. * Uma ‘silibuka ngokwazisa’ leli lungiselelo, nathi ‘singabubona ubuhle bukaJehova.’

Cabanga nge-altare lethusi lomnikelo wokushiswa elaliphambi komnyango wetabernakele. (Eks. 38:1, 2; 40:6) Lelo altare lalimelela ukuzimisela kukaNkulunkulu ukukwamukela njengomhlatshelo ukuphila kukaJesu njengomuntu. (Heb. 10:5-10) Cabanga nje ukuthi lokho kusho ukuthini kithi! Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe.” (Roma 5:10) Ngokubonisa ukholo egazini likaJesu elachitheka, singajabulela ukwamukelwa nokwethenjwa esikuthola ngokuba abangane bakaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, ‘sisondelana noJehova.’—IHu. 25:14.

Ngenxa yokuthi ‘izono zethu ziyesulwa,’ sithola ‘izinkathi zokuqabuleka ezivela kuJehova.’ (IzE. 3:19) Isimo sethu siyafana nesesiboshwa esizisolayo ngezenzo zaso zesikhathi esidlule bese senza izinguquko ezinkulu njengoba silindele ukubulawa. Lapho ebona lokhu, umahluleli onomusa ushukumiseleka ukuba awesule amacala alesi siboshwa—asuse isigwebo sokufa. Yeka impumuzo nenjabulo etholwa yilesi siboshwa! Njengalowo mahluleli, uJehova ubabonisa umusa abantu abaphendukayo futhi asuse isiqalekiso sokufa.

JABULELA UKUKHULEKELA KWEQINISO

Phakathi kwezici zokukhulekela kweqiniso uDavide ayengazibona endlini kaJehova, izixuku zama-Israyeli akubo ezazibuthana, ukufundwa nokuchazwa koMthetho, ukushiswa kwempepho nabapristi namaLevi benza inkonzo engcwele. (Eks. 30:34-38; Num. 3:5-8; Dut. 31:9-12) Lezi zici zokukhulekela  kweqiniso kwa-Israyeli wasendulo zinemifuziselo yosuku lwanamuhla.

“Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye” nasosukwini lwethu njengoba kwakunjalo nakudala! (IHu. 133:1) “Abazalwane” bethu baye banda kakhulu emhlabeni wonke. (1 Pet. 2:17) IZwi likaNkulunkulu liyafundwa futhi lichazwe obala emihlanganweni yethu. Ngenhlangano yakhe, uJehova uye walungiselela isimiso esihle sokusifundisa. Sinanenqwaba yokudla okungokomoya okunyathelisiwe ukuze sikusebenzise esifundweni somuntu siqu nesomkhaya. Elinye ilungu leNdikimba Ebusayo laphawula: “Lapho ngiqwashile, ukuzindla ngeZwi likaJehova, ukucabanga ngalokho elikushoyo nokufuna ukuliqonda nokuliqondisisa kuye kwangenza ngaceba ngokomoya futhi nganeliseka.” Yebo, ‘ulwazi lungaba mnandi emphefumulweni wethu.’—IzAga 2:10.

Namuhla, imithandazo eyamukelekayo yezinceku zikaNkulunkulu yenyukela kuJehova nsuku zonke. KuJehova, imithandazo enjalo injengephunga lempepho enuka kamnandi. (IHu. 141:2) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukwazi ukuthi uJehova uNkulunkulu ujabula kakhulu lapho sithandaza kuye ngokuthobeka!

UMose wathandaza: “Ubumnandi bukaNkulunkulu wethu mabube phezu kwethu, wumise uqine umsebenzi wezandla zethu.” (IHu. 90:17) Njengoba sifeza inkonzo yethu ngentshiseko, uJehova uyawubusisa umsebenzi wethu. (IzAga 10:22) Kungenzeka siye sasiza abathile ukuba bafunde iqiniso. Mhlawumbe siye sakhuthazela iminyaka eminingi enkonzweni naphezu kokunganakwa, ukugula, ubuhlungu benhliziyo noma ushushiso. (1 Thes. 2:2) Noma kunjalo, asizange yini sibubone “ubuhle bukaJehova” futhi siqaphele ukuthi uBaba wethu osezulwini uyijabulela kakhulu imizamo yethu?

UDavide wahlabelela: “UJehova uyingxenye yesabelo sami engisabelwe neyendebe yami. Usibambé ngokuqinile isabelo sami. Imicu yokulinganisa ingehlele ezindaweni ezijabulisayo.” (IHu. 16:5, 6) UDavide wambonga uJehova ‘ngesabelo’ sakhe, okuwukuthi, ukuba nobuhlobo obuhle naye nelungelo lokumkhonza. NjengoDavide, singase sibhekane nobunzima kodwa asive sinezibusiso eziningi ezingokomoya! Ngakho-ke, masiqhubeke sijabulela ukukhulekela kweqiniso futhi ngaso sonke isikhathi ‘sibuke ngokwazisa’ ithempeli likaJehova elingokomoya.

^ isig. 6 Bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1996, amakhasi 14-24.