Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuxuba Izinkolo—Ingabe Kuyindlela KaNkulunkulu?

Ukuxuba Izinkolo—Ingabe Kuyindlela KaNkulunkulu?

“Ingabe inkolo isenza sibe munye noma iyasehlukanisa?” Lowo umbuzo owabuzwa abafundi bephephandaba elithi The Sydney Morning Herald. Iningi lalabo abaphendula—amaphesenti angu-89—lathi inkolo iyasehlukanisa.

NOKHO, abasekeli bokuxutshwa kwezinkolo, banombono ohlukile. Umsunguli we-Interfaith Youth Core, u-Eboo Patel, wathi: “Ayikho inkolo engenandaba nokuboniswa kozwela . . . , ukunakekelwa kwemvelo . . . nokwamukela izihambi.”

AmaBuddha, amaKatolika, amaProthestani, amaHindu, amaSulumane nezinye izinkolo eziningi, ngezinye izikhathi ziye zasebenza ndawonye ekuqedeni ubumpofu, ekulwelweni kwamalungelo abantu, ukuqedwa kwamabhomu agqitshwayo noma ukuvikelwa kwemvelo. Izinkolo ezihlukahlukene ziye zaxoxa ngezindlela zokuthuthukisa ubunye phakathi kwazo nokukhuthazana. Zenza imikhosi yokukhanyiswa kwamakhandlela, imicimbi, umculo, imithandazo nokunye ukuze zijabulele ukwehlukahluka kwazo.

Ingabe ukuxutshwa kwezinkolo kuyindlela yokuxazulula ukungezwani phakathi kwazo? Ingabe kuyindlela kaNkulunkulu yokuletha umhlaba ongcono?

UBUNYE—BUYOTHOLAKALA KANJANI?

Enye yezinhlangano ezinkulu kunazo zonke ezixuba izinkolo ithi inamalungu amelela izinkolo ezingaphezu kuka-200 futhi itholakala emazweni angu-76. Umgomo wayo “ukuthuthukisa ukusebenzelana okuhlala njalo kwezinkolo ezihlukahlukene.” Nokho, iye yehluleka ukukwenza lokho. Ngokwesibonelo, abaqondisi bale nhlangano bathi kuye kwadingeka ukuba amaphepha abo ezomthetho abhalwe ngendlela engeke iziphathe kabi izinkolo namaqembu amaningi asayine la maphepha. Ngasiphi isizathu? Esinye isizathu ukuthi kwakuphikiswana ngokuthi igama likaNkulunkulu kufanele yini libhalwe kula maphepha. Ngenxa yalokho, igama likaNkulunkulu alizange libhalwe kuwo.

Uma uNkulunkulu ekhishwa emaphepheni abo, kusizani ukukholelwa kuye? Ngaphezu kwalokho, le nhlangano exuba izinkolo ihluke ngani ezinhlanganweni ezisiza umphakathi? Yingakho le nhlangano izibiza ngokuthi “inhlangano ekhuthaza ubumbano,” hhayi inhlangano yenkolo.

INGABE UKUKHUTHAZA IZIMFANELO EZINHLE KWANELE?

“Zonke izinkolo ezinkulu zikhuthaza izinto ezifanayo: uthando, uzwela nokuthethelela,” kusho uDalai Lama, umsekeli odumile wokuxutshwa kwezinkolo. Uyanezela: “Into ebalulekile ukuthi lezi zimfanelo kufanele sizibonise nsuku zonke.”

Kuyavunywa, izimfanelo ezinjengothando, uzwela nokuthethelela zibaluleke kakhulu. Kulokho okuye kwabizwa ngokuthi uMthetho Wegolide,  uJesu wathi: “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Kodwa ingabe ukholo lwangempela lumane nje lusho ukwenza izenzo ezinhle?

Umphostoli uPawulu washo lokhu ngabaningi ababezisholo ukuthi bakhonza uNkulunkulu ngosuku lwakhe: “Ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile.” Yayiyini inkinga? UPawulu wathi, ‘Ngenxa yokungakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, babefuna ukumisa okwabo siqu.’ (Roma 10:2, 3) Ngenxa yokuntula kwabo ulwazi olunembile ngalokho uNkulunkulu ayefuna bakwenze, intshiseko nokholo lwabo lwaluyize.Mathewu 7:21-23.

UMBONO WEBHAYIBHELI NGOKUXUTSHWA KWEZINKOLO

UJesu wathi, “Bayajabula abanokuthula.” (Mathewu 5:9) UJesu wakwenza lokho ayekushumayela ngokukhuthaza abantu ukuba bayeke ubudlova nangokumemezela umyalezo wokuthula kubantu bezinkolo ezihlukahlukene. (Mathewu 26:52) Labo abamlalela bangena esibophweni esingenakugqashuka sothando. (Kolose 3:14) Kodwa ingabe umgomo kaJesu kwakumane kuwukukhuthaza ubumbano phakathi kwabantu abavela ezizindeni ezihlukahlukene ukuze basebenzelane ngokuthula? Ingabe wahlanganyela nabanye ezinkolweni zabo?

Abaholi benkolo bamahlelo abaFarisi nabaSadusi bamelana ngonya noJesu—bazama ngisho nokumbulala. Wasabela kanjani? UJesu wayala abafundi bakhe: “Bayekeni. Bangabaholi abayizimpumputhe.” (Mathewu 15:14) UJesu wenqaba ukuzihlanganisa ngokwenkolo nabantu abanjalo.

Ngemva kwesikhathi esithile, kwamiswa ibandla lobuKristu eKorinte, eGrisi—idolobha elalaziwa ngokuba nabantu bezizinda ezihlukahlukene nezinkolo eziningi. Ayezokwenzenjani amaKristu endaweni enjalo? Umphostoli uPawulu wawabhalela: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa.” Kungani? UPawulu uyachaza: “Kunakuvumelana kuni phakathi kukaKristu noBheliyali? Noma, unasabelo sini umuntu okholwayo nongakholwa?” Wabe esenikeza lesi seluleko: “Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise.”2 Korinte 6:14, 15, 17.

Kuyacaca ukuthi iBhayibheli limelene nokuxuba izinkolo. Kodwa kungenzeka uyazibuza, ‘Ubunye bangempela bungafinyelelwa kanjani?’

UKWAKHA UBUNYE BANGEMPELA

I-International Space Station—umshini omkhulu osemkhathini—yakhiwa izizwe ezingaba ngu-15 ezisebenza ngokubambisana. Ucabanga ukuthi lo msebenzi wawuyophumelela ukube lezi zizwe zaziphikisana ngepulani okufanele lisetshenziswe?

Sinjalo isimo sezinhlangano ezixuba inkolo namuhla. Nakuba ukubambisana nokuhloniphana kukhuthazwa, ayikho indlela yokubambisana okholweni ezivumelana ngayo. Ngenxa yalokho, izindaba zokuziphatha nezimfundiso zenkolo ziyaqhubeka zibangela ukwehlukana.

IBhayibheli linemithetho kaNkulunkulu enjengepulani. Singaphila ngokuvumelana nalokho elikushoyo. Labo abaye balisebenzisa baye banqoba ubandlululo lobuhlanga nolungokwenkolo futhi bafunda ukusebenzelana ngokuthula nangobunye. Ebikezela lokhu, uNkulunkulu wathi: “Ngiyokwenza izizwe ukuba zishintshele olimini oluhlanzekile, ukuze zonke zibize igama likaJehova, ukuze zimkhonze zilinganisene ihlombe nehlombe.” ‘Ulimi oluhlanzekile,’ indlela uNkulunkulu afuna simkhonze ngayo, lubangela ubunye.Zefaniya 3:9; Isaya 2:2-4.

OFakazi BakaJehova bakumema ukuba uze eHholo LoMbuso eliseduze ukuze uzibonele ngokwakho ukuthula nobunye obuphawulekayo abanakho.IHubo 133:1.