Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokulondoloza Umoya Wokuzidela

Indlela Yokulondoloza Umoya Wokuzidela

“Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele.”MATH. 16:24.

1. UJesu wasibeka kanjani isibonelo sokuzidela?

NGESIKHATHI uJesu esemhlabeni, wabeka isibonelo esiphelele sokuzidela. Wayedela izifiso nokunethezeka kwakhe siqu ukuze enze intando kaNkulunkulu. (Joh. 5:30) Ngokuthembeka kuze kube sekufeni esigxotsheni sokuhlushwa, wabonisa ukuthi umoya wakhe wokuzidela awunamkhawulo.Fil. 2:8.

2. Singawubonisa kanjani umoya wokuzidela, futhi kungani kufanele siwubonise?

2 Njengabalandeli bakaJesu, nathi kudingeka sibonise umoya wokuzidela. Kusho ukuthini ukuba nomoya wokuzidela? Ngamafuphi, kusho ukuthi umuntu uzimisele ukudela lokho okuthandwa nguye ukuze asize abanye. Ngamanye amazwi, ukuzidela kuphambene nobugovu. (Funda uMathewu 16:24.) Ukungabi nabugovu kungasisiza ukuba sicabangele imizwa nezifiso zabanye kuqala kunezethu. (Fil. 2:3, 4) Eqinisweni, uJesu wafundisa ukuthi ukungabi nabugovu kuwumgogodla wokukhulekela kwethu. Kanjani? Uthando lobuKristu, ngokwengxenye okuyilona elishukumisa ukuzidela, luwuphawu lwabafundi bakaJesu beqiniso. (Joh. 13:34, 35) Cabanga nangezibusiso esizijabulela ngoba siyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke obubonisa umoya wokuzidela!

3. Yini engase iqede umoya wethu wokuzidela?

3 Noma kunjalo, sibhekene nesitha esingawuqeda kancane kancane  umoya wethu wokuzidela. Leso sitha siwukuthambekela kwethu ekubeni nobugovu. Khumbula indlela u-Adamu no-Eva ababubonisa ngayo ubugovu. Isenzo sika-Eva sashukunyiswa isifiso sobugovu sokufuna ukufana noNkulunkulu. Umyeni wakhe wabonisa isifiso sobugovu sokufuna ukumjabulisa. (Gen. 3:5, 6) Ngemva kokuthonya u-Adamu no-Eva ukuba bafulathele ukukhulekela kweqiniso, uDeveli waqhubeka elinga abantu ukuba babe nobugovu. Wayizama le ndlela ngisho nakuJesu. (Math. 4:1-9) Osukwini lwethu, uSathane uye waphumelela ekudukiseni abantu abaningi, ebagqugquzela ukuba babonise ubugovu ngezindlela eziningi. Kufanele sikunake lokhu ngoba umoya wobugovu owandile namuhla ungasithonya.Efe. 2:2.

4. (a) Singakwazi yini okwamanje ukuqeda ukuthambekela kobugovu? Chaza. (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?

4 Ubugovu bungase buqhathaniswe nokugqwala okuba sensimbini. Uma into eyinsimbi ingavikelekile ingase iqale ukugqwala. Ingozi yangempela iba lapho lokho kugqwala kunganakwa, bese kuqhubekela eqophelweni lokudala umonakalo noma ukudleka. Ngokufanayo, nakuba okwamanje singeke sakwazi ukukuqeda ukungapheleli kwethu nokuthambekela kobugovu, kumelwe siphaphamele izingozi ezihilelekile futhi siqhubeke silwisana nokuthambekela okunjalo. (1 Kor. 9:26, 27) Singazibona kanjani izimpawu zobugovu kithi? Singakwazi kanjani ukuhlakulela umoya wokuzidela ngezinga elikhulu kakhulu?

SEBENZISA IBHAYIBHELI EKUHLOLENI UBUGOVU

5. (a) IBhayibheli lifana kanjani nesibuko? (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Lapho sizihlola ukuthi asinabo yini ubugovu, yini okumelwe siyigweme?

5 Njengoba nje singasebenzisa isibuko ukuze sibone indlela esibukeka ngayo, singasebenzisa iBhayibheli ukuze sibone umuntu esinguye ngaphakathi futhi silungise noma iziphi izici esingase sizithole. (Funda uJakobe 1:22-25.) Nokho, isibuko siyosisiza ukuba sibone ukuthi sibukeka kanjani kuphela uma sisisebenzisa ngendlela efanele. Ngokwesibonelo, uma simane nje sithi nhla esibukweni singase singasiboni isisihla esincane kodwa esiphawulekayo. Noma uma sizibuka simi eceleni, isibuko singase siveze omunye umuntu. Ngokufanayo, ukuze sisebenzise iBhayibheli ekuboneni isici esinjengobugovu, kufanele senze okungaphezu kokudlulisa amehlo nje lapho silifunda futhi singalifundi ngenjongo yokubona amaphutha omunye umuntu.

6. ‘Siphikelela’ kanjani emthethweni ophelele?

6 Ngokwesibonelo, kungenzeka silifunde njalo iZwi likaNkulunkulu, ngisho nansuku zonke, kodwa singabuboni ubugovu obukhulayo kithi. Kanjani? Cabanga ngalokhu: Esibonelweni sikaJakobe sesibuko, inkinga yayingekhona ukuthi lowo muntu akazange azibukisise. UJakobe waloba ukuthi lo muntu “uyazibuka.” Lapha, uJakobe wasebenzisa igama lesiGreki elisho ukubukisisa noma ukubuka ngokucophelela. Pho-ke yayiyini inkinga yalo muntu kule ndaba? UJakobe waqhubeka: ‘Uyahamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani.’ Yebo, waphenduka wafulathela isibuko engazange akulungise lokho ayekubonile. Ngokuphambene, umuntu ophumelelayo akagcini nje ‘ngokubukisisa umthetho ophelele’ kodwa futhi ‘uyaphikelela kuwo.’ Kunokuba afulathele umthetho ophelele weZwi likaNkulunkulu, uyaphikelela ekulandeleni izimfundiso zawo. UJesu waveza iphuzu elifanayo lapho ethi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela.”Joh. 8:31.

7. Singalisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuze sihlole iminonjana yobugovu?

7 Ngakho-ke, ukuze uphumelele ekulweni neminonjana yobugovu, kufanele uqale ngokulifunda ngokucophelela iZwi likaNkulunkulu. Lokho kungakusiza ukuba ubone izindawo okudingeka ulungise kuzo. Kodwa kudingeka wenze okwengeziwe.  Yimba ujule ngokwenza ucwaningo. Lapho indaba eseBhayibhelini oyifundile isicaca kuwe, zifake kuyo ngokuzibuza imibuzo enjengokuthi: ‘Mina ngangiyosabela kanjani esimweni esinjena? Ingabe ngempela ngangiyosabela ngendlela efanele?’ Okubaluleke nakakhulu, ngemva kokuzindla ngalokho okufundile, lwela ukukusebenzisa. (Math. 7:24, 25) Ake sihlole ukuthi singayisebenzisa kanjani indaba yeNkosi uSawule neyomphostoli uPetru ukuze zisisize silondoloze umoya wokuzidela.

FUNDA ESIBONELWENI ESIYISIXWAYISO SENKOSI USAWULE

8. USawule waqala ukubusa enasiphi isimo sengqondo, futhi wakubonisa kanjani lokhu?

8 Inkosi yakwa-Israyeli, uSawule, iyisibonelo esiyisixwayiso kithi sendlela ubugovu obungawuqeda ngayo umoya wokuzidela. USawule waqala ukubusa enesizotha futhi ethobekile. (1 Sam. 9:21) Wenqaba ukujezisa ama-Israyeli ayekhulume kabi ngobukhosi bakhe, ngisho noma kwakungafaneleka ukuba alwele isikhundla sakhe ayesinikwe uNkulunkulu. (1 Sam. 10:27) INkosi uSawule yamukela isiqondiso somoya kaNkulunkulu, yahola ama-Israyeli ekulweni nabakwa-Amoni futhi babanqoba. Ngemva kwalokho, yathobeka, yanikeza uJehova udumo ngalokho kunqoba.1 Sam. 11:6, 11-13.

9. Kwenzeka kanjani ukuba uSawule agcine esenesimo sengqondo sobugovu?

9 Kamuva uSawule wavumela isimo sengqondo sobugovu nokuzazisa ukuba kukhule, njengokugqwala okudla insimbi. Lapho enqoba ama-Amaleki empini, wabeka izifiso zakhe kuqala kunokulalela uJehova. Ngobugovu, wazithathela impango okwakumelwe ayibhubhise njengoba uNkulunkulu ayemyalile. USawule wabonisa nokuqhosha, wazakhela isikhumbuzo. (1 Sam. 15:3, 9, 12) Lapho umprofethi uSamuweli emtshela ukuthi uJehova wayengajabule ngalokho, uSawule wazama ukuzithethelela ngokugxila engxenyeni yomyalo kaNkulunkulu ayeyigcinile nangokubeka abanye icala ngephutha lakhe. (1 Sam. 15:16-21) Ngaphezu kwalokho, ukuqhosha kwabangela uSawule ukuba akhathalele ukuthandeka kubantu kunokujabulisa uNkulunkulu. (1 Sam. 15:30) Singayisebenzisa kanjani indaba kaSawule njengesibuko ukuze isisize silondoloze umoya wokuzidela?

10, 11. (a) Okwenzeka kuSawule kusifundisani ngokulondoloza umoya wokuzidela? (b) Singakugwema kanjani ukulandela inkambo embi kaSawule?

10 Okokuqala, lokho okwenzeka kuSawule kubonisa ukuthi asinakuzithela ngabandayo, sicabange ukuthi uma sake sawubonisa umoya wokuzidela, siyohlale siwubonisa. (1 Thim. 4:10) Khumbula ukuthi uSawule wenza kahle futhi wamukelwa uNkulunkulu isikhashana, kodwa akazange asuse ukuthambekela kobugovu okwaqala ukukhula. Ekugcineni, uJehova wamlahla uSawule ngenxa yokungalaleli.

11 Okwesibili, kufanele siqaphe ukuba singagxili kuphela ezicini zokuphila esenza kahle kuzo, bese sidebeselela lezo okudingeka sisebenzele kuzo. Lokhu kungafana nokusebenzisa isibuko ukuze sibone ubuhle bezingubo zethu ezintsha sibe singakunaki ukungcola okusebusweni. Ngisho noma singase singafani noSawule, owazibona elungile, ngokuqinisekile kufanele sisebenzele ukugwema noma ikuphi ukuthambekela okungasiholela enkambweni efanayo embi. Uma sithola iseluleko, masingazithetheleli izenzo zethu, silulaze inkinga noma sisole abanye ngamaphutha ethu njengoSawule. Kunalokho, kungcono kakhulu ukuba sisamukele iseluleko.Funda iHubo 141:5.

12. Umoya wokuzidela ungasisiza kanjani uma kwenzeka senza isono esingathi sína?

12 Nokho, kuthiwani uma kwenzeka senza isono esingathi sína? USawule wafuna ukuvikela idumela lakhe futhi lokhu kwenza wangakwazi ukululama ngokomoya. Ngokuphambene, umoya wokuzidela  ungasisiza ukuba sinqobe amahloni futhi sifune usizo esiludingayo. (IzAga 28:13; Jak. 5:14-16) Ngokwesibonelo, omunye umzalwane waqala ukubuka izithombe zobulili ezingcolile eneminyaka engu-12, futhi waqhubeka ezibuka ekusithekeni iminyaka engaphezu kweyishumi. Uyachaza: “Kwakunzima kakhulu ukuvuma isono sami kumkami nakubadala. Kodwa manje njengoba sengisivumile, ngizwa sengathi kususwe umthwalo omkhulu emahlombe ami. Abanye babangane bami badumala lapho ngiyekiswa ukuba inceku ekhonzayo, kwaba njengokungathi ngibadumazile. Nokho, ngiyazi ukuthi uJehova ujabula kakhulu ngenkonzo yami manje kunangesikhathi ngisabuka izithombe zobulili ezingcolile, futhi umbono wakhe obaluleke ngempela.”

UPETRU WABUNQOBA UBUGOVU

13, 14. UPetru wakubonisa kanjani ukuthambekela kobugovu?

13 Umphostoli uPetru wabonisa umoya wokuzidela ngesikhathi uJesu emqeqesha. (Luka 5:3-11) Noma kunjalo, kwadingeka alwe nokuthambekela kobugovu. Ngokwesibonelo, wacasuka lapho abanye abaphostoli, uJakobe noJohane, benza icebo lokuthola izikhundla eziphakeme eceleni kukaJesu eMbusweni kaNkulunkulu. Mhlawumbe uPetru wayecabanga ukuthi esinye salezo zikhundla kwakufanele kube esakhe ngoba uJesu wayeseshilo ukuthi uPetru uzoba nendima ekhethekile. (Math. 16:18, 19) Noma kunjalo, uJesu waxwayisa uJakobe noJohane, kuhlanganise noPetru nabo bonke abanye abaphostoli ukuba bagweme ukuzama ngobugovu ukuba “izingqongqo” phezu kwabafowabo.Marku 10:35-45.

14 Ngisho nangemva kokuba uJesu ezamé ukulungisa ukucabanga kukaPetru, uPetru waqhubeka nomshikashika wokulwa nendlela ayezibheka ngayo. Lapho uJesu etshela abaphostoli ukuthi babezobaleka bamshiye isikhashana, uPetru wababukela phansi abanye, waziphakamisa wathi uyena yedwa owayeyoba qotho. (Math. 26:31-33) Nokho, ukuzethemba kwakhe ngokweqile kwakungenasisekelo, ngoba ngabo lobo busuku wehluleka ukubonisa umoya wokuzidela. Ezama ukuzivikela, waphika uJesu izikhathi ezintathu.Math. 26:69-75.

15. Kungani isibonelo sikaPetru sikhuthaza?

 15 Naphezu kwalezi zinselele namaphutha akhe, ukuphila kukaPetru kuyisibonelo esikhuthazayo. Ngokuzikhandla nangosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, wakwazi ukunqoba ukuthambekela kwakhe okungafanele futhi wabonisa ukuzithiba nothando lokuzidela. (Gal. 5:22, 23) Wakhuthazelela izilingo ezazingase zibonakale zinzima kakhulu kunalezo ayeke wakhubeka kuzo. Indlela asabela ngayo lapho umphostoli uPawulu emsola obala yabonisa ukuthi wayethobekile. (Gal. 2:11-14) Nangemva kwalokho kusolwa, uPetru akazange abambe igqubu, abe nomuzwa wokuthi uPawulu usethunaze isithunzi sakhe ngokumsola. UPetru waqhubeka embonisa uthando uPawulu. (2 Pet. 3:15) Isibonelo sikaPetru singasisiza ukuba sihlakulele umoya wokuzidela.

Wasabela kanjani uPetru ngemva kokusolwa? Ingabe nathi sasiyosabela ngendlela efanayo? (Bheka isigaba 15)

16. Singawubonisa kanjani umoya wokuzidela ezimweni ezinzima?

16 Cabanga ngendlela osabela ngayo ezimweni ezinzima. Lapho uPetru nabaphostoli beboshwa futhi bebhaxabulwa ngenxa yokushumayela, bajabula ‘ngoba babalwa njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama likaJesu.’ (IzE. 5:41) Nawe ungabheka ushushiso njengethuba lokulingisa uPetru futhi ulandele ezinyathelweni zikaJesu ngokubonisa umoya wokuzidela. (Funda eyoku-1 Petru 2:20, 21.) Ukubheka izinto ngale ndlela kungakusiza ngisho nalapho uthola isiyalo osidingayo kubadala. Kunokuba ucasuke, landela isibonelo sikaPetru.UmSh. 7:9.

17, 18. (a) Yini esingase sizibuze yona ngemigomo yethu engokomoya? (b) Yini esingayenza uma sibona iminonjana yobugovu ezinhliziyweni zethu?

17 Ungazuza esibonelweni sikaPetru nangokuphathelene nemigomo engokomoya. Ungayiphishekela ngendlela ebonisa umoya wokuzidela. Nokho, qaphela ukuba ungayiphishekeli ngoba ufuna ukuvelela. Ngakho zibuze, ‘Kungenzeka yini ukuthi isifiso sami sokwandisa inkonzo yami kuJehova sinomnonjana wokufuna ukuvelela noma ukuthola igunya elengeziwe, njengoba kubonakala sengathi yilokho okwenza uJakobe noJohane benza isicelo abasenza kuJesu?’

18 Uma ubona ukuthi kuneminonjana yobugovu enhliziyweni yakho, cela uJehova akusize ukuba ulungise imizwa yakho nendlela ocabanga ngayo; ngemva kwalokho, zikhandle ugxile enkazimulweni yakhe, hhayi kweyakho. (IHu. 86:11) Ungase futhi uphishekele imigomo engeke ikudonsele amehlo abantu. Ngokwesibonelo, ungase uhlakulele kakhudlwana imfanelo ethile yesithelo somoya oyithola iyinselele. Noma uma ulungiselela ngenkuthalo izinkulumo zakho kodwa ungakuthandi kangako ukuhlanganyela ekuhlanzeni iHholo LoMbuso, ungazibekela umgomo wokusebenzisa iseluleko esitholakala kweyabaseRoma 12:16.—Funda.

19. Yini esingayenza ukuze lokho isibuko esiyiZwi likaNkulunkulu esisibonisa khona kungasidumazi?

19 Singase sidumale lapho sizibukisisa esibukweni esiyiZwi likaNkulunkulu bese sibona amaphutha, ngisho nezimpawu zobugovu. Uma lokhu kungase kwenzeke kuwe, cabanga ngomuntu ophumelelayo ochazwe emfanekisweni kaJakobe. UJakobe akazange agxile ekutheni lo muntu washesha kangakanani ukulungisa izinkinga azibonayo noma ekutheni wakwazi yini ukulungisa isisihla ngasinye; kunalokho, uthi lo muntu ‘waphikelela emthethweni ophelele.’ (Jak. 1:25) Wakhumbula lokho akubona esibukweni futhi waqhubeka esebenzela ukukulungisa. Yebo, londoloza umbono ofanele nolinganiselayo ngawe nokungapheleli kwakho. (Funda umShumayeli 7:20.) Qhubeka ubukisisa emthethweni ophelele, futhi usebenzele ukulondoloza umoya wokuzidela. UJehova ukulungele ukukusiza, njengoba eye wasiza nabazalwane bakho abaningi abakufanelekelayo ukuthola umusa nesibusiso sikaNkulunkulu futhi abakutholayo nakuba bengaphelele.