Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyambona “Lowo Ongabonakali”?

Ingabe Uyambona “Lowo Ongabonakali”?

“Waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”HEB. 11:27.

1, 2. (a) Chaza ukuthi kungani kwakubonakala sengathi uMose usengozini. (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani uMose engayesabanga intukuthelo yenkosi?

UFARO wayengumbusi owesabekayo futhi ebhekwa njengonkulunkulu eGibhithe. Incwadi ethi When Egypt Ruled the East ithi: “Kubo, wayedlula zonke izidalwa zasemhlabeni ngokuhlakanipha nangamandla.” Ukuze esabise izikhonzi zakhe, uFaro wayefaka umqhele onomfanekiso kaphempethwane olungele ukugadla—isikhumbuzo sokuthi izitha zenkosi zaziyoqothulwa ngokushesha. Cabanga-ke ukuthi uMose wazizwa kanjani lapho uJehova ethi: “Woza ngikuthume kuFaro, ukhiphe abantu bami abantwana bakwa-Israyeli eGibhithe.”Eks. 3:10.

2 UMose waya eGibhithe, wamemezela isigijimi sikaNkulunkulu okwenza uFaro wavutha ngolaka. Ngemva kokuba izwe lakhe lishaywe ngezinhlupho eziyisishiyagalolunye, uFaro waxwayisa uMose: “Qaphela! Ungazami ukuphinde ubone ubuso bami futhi, ngoba mhla ubona ubuso bami uyokufa.” (Eks. 10:28) Ngaphambi kokuba uMose asuke phambi kukaFaro, waprofetha ukuthi izibulo lale nkosi lalizokufa. (Eks. 11:4-8) Ekugcineni, uMose wayala yonke imikhaya yama-Israyeli ukuba ihlabe imbuzi noma inqama—isilwane esasingcwele kunkulunkulu wabaseGibhithe uRa—futhi ibhece igazi layo eminyango yayo. (Eks. 12:5-7) UFaro  wayezosabela kanjani? UMose wayengesabi. Kungani? Ngokholo walalela uJehova, “engayesabi intukuthelo yenkosi, ngoba waqhubeka egxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali.”Funda amaHebheru 11:27, 28.

3. Yini esizoyihlola ngokholo lukaMose ‘kuLowo ongabonakali’?

3 Ingabe ukholo lwakho luqine njengokungathi ‘uyambona uNkulunkulu’? (Math. 5:8) Sizocabangela isibonelo sikaMose ukuze amehlo ethu angokomoya abe bukhali, sikwazi ukumbona kahle “Lowo ongabonakali.” Ukholo lwakhe kuJehova lwamvikela kanjani ekwesabeni umuntu? Walubonisa kanjani ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu? Ukumbona kwakhe “Lowo ongabonakali” kwamqinisa kanjani lapho yena nabantu bakubo besengozini?

AKAZANGE AYESABE “INTUKUTHELO YENKOSI”

4. Ngokubona komuntu, wayeyini uMose uma eqhathaniswa noFaro?

4 Ngokubona komuntu, uMose wayengelutho kuFaro. Ukuphila kukaMose, inhlalakahle yakhe nekusasa lakhe kwakubonakala kusezandleni zikaFaro. UMose ngokwakhe wayebuze uJehova: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro futhi ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibhithe?” (Eks. 3:11) Eminyakeni engaba ngu-40 ngaphambili, uMose wayebalekile eGibhithe. Kungenzeka wazibuza, ‘Kuwukuhlakanipha ngempela yini ukuba ngibuyele eGibhithe ngiyothukuthelisa inkosi?’

5, 6. Yini eyasiza uMose ukuba esabe uJehova, hhayi uFaro?

5 Ngaphambi kokuba uMose abuyele eGibhithe, uNkulunkulu wamfundisa isimiso esibalulekile, isimiso esifanayo naleso uMose kamuva asiloba encwadini kaJobe: “Ukumesaba uJehova—lokho ngukuhlakanipha.” (Jobe 28:28) Ukuze asize uMose ukuba azuze lokho kwesaba futhi enze ngokuhlakanipha, uJehova waveza umehluko okhona phakathi kwabantu noNkulunkulu uMninimandla onke. Wabuza: “Ubani owanika umuntu umlomo, noma, ubani omisa isimungulu noma oyisithulu noma obona ngokucacile noma impumputhe? Akumina, Jehova?”Eks. 4:11.

6 Yisiphi isifundo ayefuna uMose asithole kulokhu? Ukuthi akudingeki ukuba esabe. Wayethunywe uJehova, owayeyomnika noma yini ayeyidinga ukuze ayise isigijimi sikaNkulunkulu kuFaro. Ngaphandle kwalokho, uFaro wayengelutho kuJehova. Futhi-ke kwakungekhona okokuqala izinceku zikaNkulunkulu ziba sengozini ngaphansi kwababusi baseGibhithe. Mhlawumbe uMose wazindla ngendlela uJehova ayevikele ngayo u-Abrahama, uJosefa ngisho naye uMose ngesikhathi kubusa abanye oFaro. (Gen. 12:17-19; 41:14, 39-41; Eks. 1:22–2:10) Enokholo kuJehova, “Ongabonakali,” uMose waya ngesibindi phambi kukaFaro futhi wamemezela wonke amazwi uJehova ayemyale ukuba awakhulume.

7. Ukuba nokholo kuJehova kwamvikela kanjani omunye udade?

7 Ngokufanayo, ukuba nokholo kuJehova kwavikela omunye udade okuthiwa u-Ella ukuba angagajwa ukwesaba umuntu. Ngo-1949, u-Ella waboshwa i-KGB e-Estonia, yamkhumula waba nqunu, ngemva kwalokho wagqolozelwa izinsizwa ezingamaphoyisa. Uthi: “Ngazizwa ngihlazekile. Nokho, ngemva kokuthandaza kuJehova, ngezwa ukuthula nokuzola enhliziyweni.” Ngemva kwalokho, u-Ella wagqunywa esitokisini yedwa izinsuku ezintathu. Uyalandisa: “Izikhulu zamemeza: ‘Sizolenza lingakhunjulwa nakukhunjulwa igama elithi Jehova e-Estonia! Wena uzoya ekamu, abanye bazoya eSiberia!’ Zanezela ngokukloloda, ‘Uphi-ke uJehova wakho?’ ” Ingabe u-Ella wayezokwesaba abantu noma wayezothembela kuJehova? Lapho ephekwa ngemibuzo, wakhuluma ngesibindi etshela labo baklolodeli: “Ngiyicabange kahle le ndaba, futhi ngincamela ukuhlala ejele nginobuhlobo obuhle noNkulunkulu kunokudedelwa bese ngilahlekelwa umusa wakhe.” Ku-Ella, uJehova  wayengokoqobo njengoba nje ayenjalo nalawo madoda ayemi phambi kwakhe. Ukholo lwakhe lwamsiza ukuba agcine ubuqotho.

8, 9. (a) Liyini ikhambi lokunqoba ukwesaba abantu? (b) Uma ulingelwa ukuba wesabe abantu, ubani okufanele ugxile kuye?

8 Ukholo kuJehova luyokusiza unqobe ukwesaba. Uma izikhulu ezinamandla zizama ukuvimbela inkululeko yakho yokukhulekela uNkulunkulu, kungase kubonakale sengathi ukuphila kwakho, inhlalakahle yakho nekusasa lakho kusezandleni zabantu. Ungazibuza ngisho nokuthi kuwukuhlakanipha yini ukuqhubeka ukhonza uJehova, uthukuthelise iziphathimandla. Khumbula: Ikhambi lokunqoba ukwesaba abantu ukuba nokholo kuNkulunkulu. (Funda izAga 29:25.) UJehova uyabuza: “Ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo ozokufa, nendodana yomuntu eyokwenziwa ibe njengotshani nje obuluhlaza?”Isaya 51:12, 13.

9 Gxila kuYihlo uMninimandla onke. Uyababona, uyazwelana nabo futhi uyabasiza labo abashushiswa ababusi abangenabulungisa. (Eks. 3:7-10) Ngisho noma kumelwe uvikele ukholo lwakho ezikhulwini ezinamandla, ‘ungakhathazeki ngokuthi uyokhuluma kanjani noma ngokuthi uyothini; ngoba lokho oyokukhuluma uyokunikwa ngalo lelo hora.’ (Math. 10:18-20) Ababusi abangabantu nezikhulu zikahulumeni abalutho kuJehova. Ukuqinisa ukholo lwakho manje kuzokusiza ukuba ubone uJehova njengoMuntu ongokoqobo ozimisele ukukusiza.

WABA NOKHOLO EZITHEMBISWENI ZIKANKULUNKULU

10. (a) Yiziphi iziqondiso uJehova azinika ama-Israyeli ngenyanga kaNisani 1513 B.C.E.? (b) Kungani uMose alalela iziqondiso zikaNkulunkulu?

10 Ngenyanga kaNisani 1513 B.C.E., uJehova watshela uMose no-Aroni ukuba badlulisele lezi ziqondiso ezingavamile kuma-Israyeli: Khethani imvu noma imbuzi yeduna ephilile, niyihlabe futhi nibhece igazi layo eminyango yezindlu zenu. (Eks. 12:3-7) Wasabela kanjani uMose? Umphostoli uPawulu kamuva waloba ngaye: “Ngokholo wayegubhe umkhosi wephasika wachela negazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.” (Heb. 11:28) UMose wayazi ukuthi angathembela kuJehova, futhi wabonisa ukholo esithembisweni saKhe sokubulala amadodana abaseGibhithe angamazibulo.

11. Kungani uMose axwayisa abanye?

11 Kubonakala sengathi amadodana kaMose wona ayekwaMidiyani, kude ‘nombhubhisi.’ * (Eks. 18:1-6) Nakuba kunjalo, walalela waxwayisa eminye imindeni yama-Israyeli amadodana ayo angamazibulo ayesengozini. Ukuphila kwakusengozini futhi uMose wayebathanda abantu bakubo. IBhayibheli lithi: “Ngokushesha uMose wabiza wonke amadoda amadala akwa-Israyeli wathi kuwo: . . . ‘[Hlabani] isisulu sephasika.’ ”Eks. 12:21.

12. UJehova usiyale ukuba sidlulisele siphi isigijimi esibalulekile?

12 Beqondiswa yizingelosi, abantu bakaJehova bamemezela isigijimi esibalulekile: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.” (IsAm. 14:7) Manje yisikhathi sokumemezela leso sigijimi. Kumelwe sixwayise omakhelwane bethu ukuba baphume eBhabhiloni Elikhulu, ukuze ‘bangamukeli ingxenye yezinhlupho zalo.’ (IsAm. 18:4) “Ezinye izimvu” zihlanganyela namaKristu agcotshiwe ekuncengeni labo abangenabo ubuhlobo noNkulunkulu ukuba ‘babuyisane’ naye.Joh. 10:16; 2 Kor. 5:20.

Ukholo ezithembisweni zikaJehova luyokhulisa isifiso sakho sokuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye (Bheka isigaba 13)

13. Yini eyokhulisa isifiso sethu sokuhlanganyela nabanye izindaba ezinhle?

13 Siyaqiniseka ukuthi ngempela “ihora lokwahlulela” selifikile. Sinanokholo  lokuthi uJehova akenzi ihaba ngokuba athi umsebenzi wethu wokushumayela nokwenza abafundi uyaphuthuma. Embonweni, umphostoli uJohane “[wabona] izingelosi ezine zimi emagumbini amane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba.” (IsAm. 7:1) Ngamehlo okholo, uyazibona yini lezo zingelosi zimi ngomumo ukuze zidedele imimoya ebhubhisayo yosizi olukhulu kuleli zwe? Uma uzibona lezo zingelosi ngamehlo akho okholo, uyokwazi ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye ngokuqiniseka.

14. Yini esishukumisela ukuba ‘sixwayise omubi endleleni yakhe embi’?

14 Kakade amaKristu eqiniso ajabulela ubungane noJehova futhi anethemba lokuphila okuphakade. Nokho, siyaqaphela ukuthi kuwumthwalo wethu ‘ukuxwayisa omubi endleleni yakhe embi ukuze simsindise.’ (Funda uHezekeli 3:17-19.) Yiqiniso, asishumayeli ngoba nje sifuna ukugwema icala legazi. Siyamthanda uJehova nomakhelwane wethu. UJesu wabonisa lokho ngempela okushiwo uthando nesihe emfanekisweni wakhe womSamariya olungileyo. Singase sizibuze, ‘Ingabe nami njengomSamariya, “ngiba nesihawu” nginikeze ubufakazi?’ Asisoze sathanda ukuba njengompristi nomLevi abakulowo mfanekiso, sizihlangule futhi sidlule “ngakolunye uhlangothi.” (Luka 10:25-37) Ukholo ezithembisweni zikaNkulunkulu nothando ngomakhelwane wethu kuyosishukumisela ukuba sihlanganyele ngokugcwele emsebenzini wokushumayela ngaphambi kokuba isikhathi siphele.

“BADABULA ULWANDLE OLUBOMVU”

15. Kungani ama-Israyeli azibona evalelekile?

15 Ukholo lukaMose “kuLowo ongabonakali” lwamsiza ngesikhathi  ama-Israyeli esengozini ngemva kokuphuma eGibhithe. IBhayibheli lithi: “Abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo futhi bheka abaseGibhithe babebalandela; abantwana bakwa-Israyeli besaba kakhulu baqala ukukhala kuJehova.” (Eks. 14:10-12) Ingabe lesi simo esibucayi sasingalindelekile? Lutho neze. UJehova wayebikezele: “Ngizoyiyeka impela inhliziyo kaFaro ibe yisijaka, nakanjani uzowasukela futhi mina ngizozitholela inkazimulo ngoFaro nangawo wonke amabutho akhe empi; abaseGibhithe bazokwazi ngokuqinisekile ukuthi nginguJehova.” (Eks. 14:4) Noma kunjalo, ama-Israyeli ayebona lokho okwakuphambi kwamehlo awo kuphela—uLwandle Olubomvu olungaweleki ngaphambili, amabutho empi kaFaro asheshayo ngemuva nekhehla elineminyaka engu-80 elingumalusi libahola! Azibona evalelekile.

16. Ukholo lwamqinisa kanjani uMose oLwandle Olubomvu?

16 Nokho, uMose akazange antengantenge. Kungani? Ngenxa yokuthi amehlo akhe okholo abona okuthile okunamandla ngaphezu kolwandle noma ibutho lempi. ‘Wayebona insindiso kaJehova,’ futhi wayazi ukuthi uJehova uzowalwela ama-Israyeli. (Funda u-Eksodusi 14:13, 14.) Ukholo lukaMose lwabakhuthaza abantu bakaNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Ngokholo badabula uLwandle Olubomvu njengokungathi kusezweni elomile, kodwa lapho bezama, abaseGibhithe bagwinywa.” (Heb. 11:29) Ngemva kwalokho, “abantu baqala ukumesaba uJehova nokuba nokholo kuJehova nakuMose inceku yakhe.”Eks. 14:31.

17. Isiphi isenzakalo esizayo esizovivinya ukholo lwethu?

17 Maduze, kuzobonakala sengathi ukuphila kwethu kusengozini. Umvuthwandaba wosizi olukhulu uyofika ohulumeni baleli zwe sebezibhubhise baziqothula zonke izinhlangano zenkolo ebezinkulu futhi ziziningi kunathi. (IsAm. 17:16) Esiprofethweni esithile uJehova uchaza isimo sethu sokungavikeleki ‘njengezwe lasemaphandleni elingabiyelwe elingenazindonga futhi elingenamigoqo ngisho nazicabha.’ (Hez. 38:10-12, 14-16) Emehlweni ethu, kuzobonakala sengathi ngeke sisinde. Uyosabela kanjani?

18. Chaza ukuthi yini engasenza siqine phakathi nosizi olukhulu.

18 Akudingeki sintengantenge ngenxa yokwesaba. Kungani? Ngoba uJehova ukubikezele lokho kuhlaselwa kwabantu bakhe. Uwubikezele nomphumela wako. “ ‘Kuyothi ngalolo suku, mhla uGogi efika ezweni lakwa-Israyeli,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, ‘ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami. Kuyomelwe ngikhulume ngentshiseko yami, ngomlilo wokufutheka kwami.’ ” (Hez. 38:18-23) UNkulunkulu uyobe esebabhubhisa bonke abafuna ukulimaza abantu bakhe. Ukholo lwakho kulokho okuyokwenzeka ‘ngosuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo’ luyokusiza ukuba ‘ubone insindiso kaJehova’ futhi ugcine ubuqotho bakho.Joweli 2:31, 32.

19. (a) UMose noJehova babenobuhlobo obuseduze kangakanani? (b) Isiphi isibusiso oyosithola uma uqaphela uJehova kuzo zonke izindlela zakho?

19 Zilungiselele manje lezo zenzakalo ezivusa amadlingozi ngokuqhubeka ‘ugxilile sengathi uyambona Lowo ongabonakali’! Qinisa ubuhlobo bakho noJehova uNkulunkulu ngokutadisha njalo nangomthandazo. UMose wayenobuhlobo obuseduze noJehova futhi uJehova emsebenzisa ngendlela enamandla kangangokuba iBhayibheli lithi uJehova ‘wayemazi ubuso nobuso.’ (Dut. 34:10) UMose wayengumprofethi okhethekile. Nokho, ngokholo, nawe ungamazi ngokuseduze uJehova njengokungathi uyambona. Uma uhlale umqaphela “kuzo zonke izindlela zakho,” njengoba iZwi likaNkulunkulu likukhuthaza ukuba wenze kanjalo, “uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”IzAga 3:6.

^ isig. 11 Kubonakala sengathi uJehova wathumela izingelosi ukuba zikhiphe isahlulelo kwabaseGibhithe.IHu. 78:49-51.