Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UKHONA YINI OKWAZI UKUBIKEZELA IKUSASA?

Okunye Kuyenzeka, Okuningi Akwenzeki

Okunye Kuyenzeka, Okuningi Akwenzeki

Ungathanda yini ukwazi ikusasa lakho? Baningi abantu abanaleso sifiso. Abantu abaningi babikezela izenzakalo zekusasa kodwa nansi imiphumela ehlukahlukene abayitholayo:

  • OSOSAYENSI basebenzisa imishini eyinkimbinkimbi nezindodla zemali ukuze babikezele izinto ezihlukahlukene njengokuthi ukungcoliswa komhlaba kuyogcina kuwuthinte kanjani umhlaba nokuthi lizona yini kusasa endaweni yangakini.

  • ABAHLAZIYI ABACHWEPHESHILE babikezela izinguquko kwezamabhizinisi nakwezombusazwe. UWarren Buffett, ongomunye wabantu abacebe kunabo bonke emhlabeni, uye wabizwa ngokuthi umbikezeli wekusasa ngenxa yempumelelo yakhe ekutshaleni izimali kwezamabhizinisi. UNate Silver, omunye umhlaziyi, usebenzisa imininingwane yabacwaningi ukuze abikezele nganoma yini kusukela kwezombusazwe zase-United States kuye emiklomelweni yamafilimu aseHollywood.

  • IMIBHALO YASENDULO iye yachazwa ngokuthi iziprofetho. Abanye abantu bayakubona ukugcwaliseka kwemibhalo engaqondakali kaMichel de Notredame (Nostradamus) yangekhulu leminyaka le-16 C.E. Abanye baye bachaza ikhalenda lamaMaya elaphela ngo-December 21, 2012 njengesibikezelo sezenzakalo eziyinhlekelele.

  • ABAHOLI BENKOLO ngezinye izikhathi babikezela izenzakalo eziyinhlekelele emhlabeni ukuze baxwayise abantu futhi bathole abalandeli. Umprofethi wembubhiso uHarold Camping nabalandeli bakhe babikezela ukuthi umhlaba wawuzobhujiswa ngo-2011. Kodwa nakhu siselapha.

  • ABASEBENZISA IMIMOYA bathi banamakhono akhethekile okubikezela ikusasa. U-Edgar Cayce noJeane Dixon bazibikezela ngokunembile ezinye zezinto ezenzeka ngekhulu lama-20 leminyaka. Bobabili babikezela nezinye izinto eziningi ezingazange zenzeke. Ngokwesibonelo uDixon wabikezela ukugqashuka kweMpi Yezwe III ngo-1958, uCayce wabikezela ukuthi ngawo-1970 iNew York iyombozwa ulwandle.

Ikhona yini ngempela indlela enokwethenjelwa yokubona ikusasa? Lona umbuzo onengqondo. Ukube ubukwazi ukubona lokho okuzokwenzeka esikhathi esizayo, ukuphila kwakho bekungaba okuhluke kakhulu.