Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Ukhona Yini Okwazi Ukubikezela Ikusasa?

Ukhona Yini Okwazi Ukubikezela Ikusasa?

Sonke siyacabanga ngekusasa. Siyazibuza ukuthi kuyoba njani ukuphila kwethu nokwabantu esibathandayo. Sizibuza imibuzo enjengokuthi: ‘Ingabe izingane zami zizophila ezweni elingcono? Ingabe umhlaba uzobhujiswa inhlekelele ethile? Kukhona yini engingakwenza ukuze ngenze ikusasa lami libe ngcono?’ Njengabantu sinesifiso sokwazi, sifuna ukuqinisekiswa, ukuhleleka nokuzinza. Ukube ubuqiniseka ngekusasa, ubungazilungiselela, kokubili ngokwenyama nangokomzwelo.

Likuphatheleni ikusasa? Ukhona yini owaziyo? Ochwepheshe abazama ukubikezela ikusasa baye banemba ngezinye izikhathi kodwa bayehluleka izikhathi eziningi. Nokho, kuthiwa uNkulunkulu angabikezela ikusasa ngokunembile. IZwi lakhe lithi: “Lowo owazisa isiphetho kwasekuqaleni, nalowo owazisa izinto ezingakenziwa kusukela kudala.” (Isaya 46:10) Akubikezele kuye kwanemba kangakanani?

UKUNEMBA KUKANKULUNKULU

Kungani kufanele ube nesithakazelo ekugcwalisekeni kweziprofetho zikaNkulunkulu zasendulo? Ubuyohlabeka umxhwele uma lokho okubikezelwa isangoma sezulu kunemba nsuku zonke. Cishe ubuyokunaka lokho esikubikezelayo ngesimo sezulu sangakusasa. Ngendlela efanayo, ukube ubungathola ukuthi ziningi izenzakalo uNkulunkulu azibikezele futhi zenzeka zonke, ngokuqinisekile ubuyothanda ukwazi lokho akushoyo ngekusasa lakho.

Izindonga ezakhiwe kabusha emanxiweni aseNineve lasendulo

UKUBHUJISWA KOMUZI OMKHULU:

Ngokwesibonelo, kungaba into ephawulekayo ukubikezela ngokunembile ukuthi umuzi omkhulu, osunamakhulu eminyaka ukhona, uzobhujiswa maduzane. Esebenzisa omunye wabakhulumeli bakhe, uNkulunkulu wabikezela lokho kanye—ukubhujiswa kweNineve. (Zefaniya 2:13-15) Yini elotshwe izazi-mlando? Cishe ngekhulu lesikhombisa B.C.E., eminyakeni engaba  ngu-15 ngemva kokuba uNkulunkulu ebikezele lokhu, abaseBhabhiloni namaMede bahlasela iNineve balinqoba. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wabikezela kusengaphambili ukuthi iNineve laliyoba “ugwadule oluyincithakalo.” Ingabe lesi sibikezelo sagcwaliseka? Yebo. Nakuba iNineve nemizi yalo lalingamakhilomitha skwele angaba ngu-518, abanqobi balo abazange balithumbe futhi balisebenzise kamuva, njengoba kwakulindelekile. Kunalokho balishabalalisa. Ukhona yini umhlaziyi wezombusazwe owayengabikezela lezi zenzakalo ngokunemba okungaka?

AMATHAMBO ABANTU AYOKUSHA:

Ubani owayengaba nesibindi sokumemezela—kusasele iminyaka engu-300—igama elinembile nohlu lozalo lomuntu owayezoshisa amathambo abantu e-altare, kanye negama lomuzi i-altare elaliyoba kuwo? Ukugcwaliseka kwesimemezelo esinjalo, nakanjani kwakuyomenza adume lowo osimemezele. Umkhulumeli kaNkulunkulu wamemezela: “Indodana ezelwe endlini kaDavide, egama layo linguJosiya . . .  iyoshisa amathambo abantu” e-altare emzini waseBhethele. (1 AmaKhosi 13:1, 2) Cishe emakhulwini amathathu eminyaka kamuva, inkosi egama layo linguJosiya—okuyigama elingajwayelekile eBhayibhelini—yavela ohlwini lozalo lukaDavide. Njengoba nje kwakubikezelwe, uJosiya “wathatha amathambo ezindaweni zokungcwaba wawashisa phezu kwe-altare” eBhethele. (2 AmaKhosi 23:14-16) Akekho umuntu owayengabikezela imininingwane enjalo ngaphandle kokuba eqondiswa amandla angaphezu kwavamile!

Iziprofetho zeBhayibheli zakubikezela ngokunembile ukuwa kweBhabhiloni

UKUNQOTSHWA KOMBUSO:

Kungaba isimanga uma umuntu engabikezela ngokunembile igama lendoda—kusasele isikhathi eside ukuba izalwe—eyogumbuqela umbuso wezwe omkhulu, aze asho neqhinga elingavamile le ndoda eyolisebenzisa. UNkulunkulu wamemezela ukuthi indoda egama layo linguKoresi yayiyogumbuqela umbuso. Lo Koresi wayeyokhulula namaJuda athunjiwe futhi asekele ukwakhiwa kabusha kwethempeli lawo elingcwele. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wabikezela ukuthi indlela kaKoresi yokunqoba yayiyohlanganisa ukomisa imifula futhi wathi abanqobi babeyothola amasango evuliwe, banqobe kalula. (Isaya 44:27–45:2)  Ingabe le mininingwane eminingi yesiprofetho sikaNkulunkulu yagcwaliseka ngokunembile? Izazi-mlando ziyavuma ukuthi uKoresi wawunqoba lo mbuso. Amabutho kaKoresi asebenzisa iqhinga eliwubuhlakani ukuze achezukise imifula yaseBhabhiloni, ngaleyo ndlela imifula yoma. Ngaphezu kwalokho, amabutho angena kulowo muzi emasangweni ayeshiywe evuliwe. Ngemva kwalokho, uKoresi wakhulula amaJuda futhi wakhipha umyalo wokuba ayokwakha kabusha ithempeli lawo eJerusalema. Kwakungalindelekile lokho ngoba uKoresi wayengamkhulekeli uNkulunkulu wamaJuda. (Ezra 1:1-3) UNkulunkulu kuphela owayengabikezela imininingwane yalezo zenzakalo zomlando.

Sixoxe ngezibonelo ezintathu ezibonisa indlela uNkulunkulu abikezela ngayo izenzakalo ngokunembile. Kwakungaqali futhi kungagcini. Umholi wamaJuda uJoshuwa watshela abantu abaningi ababemlalele iqiniso ababelazi kahle: “Nazi kahle ngazo zonke izinhliziyo zenu nangayo yonke imiphefumulo yenu ukuthi akukho nelilodwa izwi kuwo wonke amazwi amahle uJehova uNkulunkulu wenu awakhulumile kini eliye laphutha. Agcwaliseke wonke kini. Akuphuthanga nezwi elilodwa kuwo.” (Joshuwa 23:1, 2, 14) Abantu bangosuku lukaJoshuwa babengenakubuphika ubufakazi bokugcwaliseka kwezithembiso neziprofetho zikaNkulunkulu. UNkulunkulu uzigcwalisa kanjani iziprofetho? Kunomehluko omkhulu phakathi kwezindlela zikaNkulunkulu nezabantu. Kubalulekile ukuba ukwazi lokhu, ngoba kunezinto ezinkulu uNkulunkulu azibikezele ngokuphathelene nekusasa eziyokuthinta nakanjani.

IZIPROFETHO ZIKANKULUNKULU NEZIBIKEZELO ZABANTU

Izibikezelo zabantu ngokuvamile zisekelwe ocwaningweni lwezesayensi, ekuhlaziyweni kwamaqiniso nezinto ezithandwayo nasekusebenzelaneni nemimoya imbala. Lapho sebebikezele, ngokuvamile abantu bayahlala balinde ukuze babone ukuthi kuzokwenzekani.IzAga 27:1.

Ngokungafani nabantu, uNkulunkulu wazi konke. Ubaqonda kahle abantu nokuthambekela kwabo; ngakho-ke, uma ethanda, angakubona kusengaphambili lokho okuzokwenziwa umuntu ngamunye nezizwe. Kodwa uNkulunkulu angenza okungaphezu kwalokho. Angaqondisa ngisho nendlela izinto ezenzeka ngayo ukuze lokho akubikezele kwenzeke. Uthi: ‘Izwi lami eliphuma emlonyeni wami ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela futhi liyophumelela.’ (Isaya 55:11) Ngakho ezinye izibikezelo zikaNkulunkulu zifana nezimemezelo zalokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo. Uyaqikelela ukuthi konke akubikezelayo kuyafezeka.

IKUSASA LAKHO

Ukhona yini umuntu ongamethemba ongabikezela ikusasa lakho nelalabo obathandayo? Uma wazi ukuthi kuzoba nesiphepho, ungenza okuthile ukuze usinde. Ungasabela ngendlela efanayo esiprofethweni seBhayibheli. UNkulunkulu ubikezele ukuthi maduzane kuzokwenzeka izinguquko ezinkulu emhlabeni. (Bheka ibhokisi elithi:  “Lokho UNkulunkulu Akwembulile Ngekusasa.”) Lokhu okubikezelwa uNkulunkulu kuhlukile kulokho okubikezelwa abaningi okuthiwa bangababikezeli bekusasa.

Ungase uyicabange ngale ndlela: Ukuphila kwesintu kufana nendaba. Isibhaliwe kakade futhi ungakwazi ukubona isiphetho sayo. UNkulunkulu uthi uyilowo “owazisa isiphetho kwasekuqaleni, . . . Lowo othi, ‘Injongo yami iyokuma, futhi ngizokwenza konke okungijabulisayo.’ ” (Isaya 46:10) Wena nomndeni wakho ningaba nekusasa elihle. Buza oFakazi BakaJehova ngalokho okushiwo yiBhayibheli mayelana nezenzakalo ezizokwenzeka. OFakazi abasebenzelani nemimoya; abasho ukuthi bakhuluma nezingelosi; abanawo amandla akhethekile okubikezela ikusasa. Bangabafundi beBhayibheli abangakubonisa izinto ezinhle uNkulunkulu azenzayo manje ukuze alungiselele ikusasa lakho.