Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ubani ngempela obusa leli zwe?

Uma uNkulunkulu ebengumbusi waleli zwe, ingabe bekuyoba nokuhlupheka okungaka?

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uNkulunkulu weqiniso nguye obusa izwe. Ukube bekunjalo, ingabe bekuyoba nokuhlupheka okungaka emhlabeni? (Duteronomi 32:4, 5) IBhayibheli libonisa ukuthi umhlaba ubuswa umuntu omubi.Funda eyoku-1 Johane 5:19.

Kwenzeka kanjani ukuba lo muntu omubi abuse abantu? Ekuqaleni komlando wabantu, ingelosi ethile yavukela uNkulunkulu yabangela ukuba abantu ababili bokuqala nabo bavukele. (Genesise 3:1-6) Laba bantu bakhetha ukulalela leyo ngelosi eyisihlubuki, uSathane, bayenza umbusi wabo. UNkulunkulu uMninimandla onke nguyena kuphela uMbusi ofanelekayo, kodwa ufuna abantu bakhethe ukubuswa nguye ngoba bemthanda. (Duteronomi 6:6; 30:16, 19) Ngokudabukisayo, iningi labantu liye ladukiswa lenza isinqumo esibi njengoba kwenza abantu ababili bokuqala.Funda isAmbulo 12:9.

Ubani oyoxazulula izinkinga zabantu?

Ingabe uNkulunkulu uyovumela uSathane aqhubeke nokubusa kwakhe okubi? Cha! UNkulunkulu uzosebenzisa uJesu ukuze aqede bonke ububi obenziwe uSathane.Funda eyoku-1 Johane 3:8.

Ngamandla kaNkulunkulu, uJesu uzombhubhisa uSathane. (Roma 16:20) Ngemva kwalokho, uNkulunkulu uzobusa abantu abenze baphile ngenjabulo nangokuthula njengoba ayehlosile ekuqaleni.Funda isAmbulo 21:3-5.