Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kufanele ‘Simphendule Kanjani Umuntu Ngamunye’?

Kufanele ‘Simphendule Kanjani Umuntu Ngamunye’?

“Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, . . . ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”KOL. 4:6.

1, 2. (a) Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukubaluleka kokubuza imibuzo ekhethwe kahle. (Bheka isithombe esisekuqaleni.) (b) Kungani kungadingeki sizesabe izihloko eziyinselele?

EMINYAKENI eminingi edlule, udade ongumKristu wayexoxa ngeBhayibheli nomyeni wakhe ongakholwa. Umyeni wakhe wayeke waba ilungu lokuzisholo lelinye lamasonto eLobukholwa. Kuleyo ngxoxo, umyeni wathi ukholelwa kuZiqu-zintathu. Eqaphela ukuthi kungenzeka umyeni akazi ngempela ukuthi uyini uZiqu-zintathu, lo dade wabuza ngokuhlakanipha, “Ingabe ukholelwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu, uJesu unguNkulunkulu nomoya ongcwele unguNkulunkulu; kodwa kunoNkulunkulu oyedwa, hhayi abathathu?” Emangele, umyeni wathi, “Cha, akukhona lokho engikukholelwayo!” Kwalandela ingxoxo emnandi ngokuthi unjani ngempela uNkulunkulu.

2 Lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa ukubaluleka kokubuza imibuzo engacunuli nekhethwe kahle. Kubuye kuqokomise iphuzu elibalulekile: Akudingeki sizesabe izihloko eziyinselele, njengoZiqu-zintathu, isihogo somlilo noma ukuba khona koMdali. Uma sincika kuJehova nasekuqeqesheni akunikezayo, singakwazi ukunikeza impendulo egculisayo, engafinyelela izinhliziyo zezilaleli zethu. (Kol. 4:6) Manje ake sihlole lokho okwenziwa izikhonzi  eziphumelelayo lapho zixoxa ngalezi zihloko. Sizoxoxa ngendlela (1) yokubuza imibuzo eyenza umuntu aveze lokho akukholelwayo, (2) yokubonisana nabantu ngalokho okushiwo imiBhalo (3) neyokusebenzisa imifanekiso ukuze sicacise iphuzu.

BUZA IMIBUZO EYENZA IZILALELI ZIVEZE EZIKUKHOLELWAYO

3, 4. Kungani kubalulekile ukusebenzisa imibuzo ukuze isisize sithole lokho umuntu akukholelwayo? Nikeza isibonelo.

3 Imibuzo ingasisiza sithole lokho umuntu akukholelwayo. Kungani lokho kubalulekile? IzAga 18:13 zithi: “Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ayizwe, lokho kungubuwula kuye nokululazeka.” Ngokuqinisekile, ngaphambi kokukhuluma ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngendaba ethile, senza kahle ngokuqale sithole lokho umuntu esixoxa naye akukholelwayo ngempela. Uma kungenjalo, singachitha isikhathi esiningi simbonisa ukuba yiphutha kwenkolelo ethile angayikholelwa nokuyikholelwa!1 Kor. 9:26.

4 Ake sithi sixoxa nomuntu ngesihogo somlilo. Akuwona wonke umuntu okholelwa ukuthi isihogo somlilo siyindawo yokuhlushwa engokoqobo. Abanye bakholelwa ukuthi siyisimo sokuzizwa uhlukanisiwe noNkulunkulu. Ngakho-ke, mhlawumbe singasho into enjengokuthi: “Njengoba abantu benemibono ehlukene ngesihogo, ngicela ukubuza ukuthi uyini owakho?” Ngemva kokuzwa impendulo yakhe, siyoba sethubeni elingcono lokumsiza aqonde lokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba.

5. Imibuzo ingasisiza kanjani sithole ukuthi kungani umuntu ekholelwa kulokho akukholelwayo?

5 Imibuzo engacunuli ingaphinde isisize sithole ukuthi kungani umuntu ekholelwa kulokho akukholelwayo. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma sihlangana nomuntu enkonzweni othi akakholelwa kuNkulunkulu? Kungaba lula ukuphetha ngokuthi lowo muntu uthonywe imibono yezwe, enjengokuziphendukela kwemvelo. (IHu. 10:4) Noma kunjalo, abanye baye bayeka ukukholelwa kuNkulunkulu ngenxa yokuhlupheka okukhulu abakubonile noma ababhekane nakho. Bangase bakuthole kunzima ukuhlobanisa lokho kuhlupheka nokuba khona koMdali onothando. Ngakho-ke, uma umninikhaya ekungabaza ukuba khona kukaNkulunkulu, singambuza, “Ingabe ubulokhu uzizwa ngale ndlela?” Uma ethi cha, singase simbuze ukuthi kukhona yini okumenze wangabaza ukuthi ukhona uNkulunkulu. Impendulo yakhe ingasisiza sibone ukuthi iyiphi indlela engcono kakhulu yokumsiza ngokomoya.Funda izAga 20:5.

6. Yini okufanele siyenze ngemva kokubuza umbuzo?

6 Ngemva kokubuza umbuzo, kudingeka siyilalele ngempela impendulo yomuntu, siyinake indlela azizwa ngayo. Ngokwesibonelo, omunye umuntu angase aveze ukuthi yinhlekelele ethile eyamenza wakungabaza ukuba khona koMdali onothando. Ngaphambi kokumnikeza ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona, senza kahle ngokuzwelana naye futhi simtshele ukuthi akukubi ukuzibuza ukuthi kungani sihlupheka. (Hab. 1:2, 3) Ukubonisa isineke nothando kungamshukumisela ukuba afune ukwazi okwengeziwe. *

BONISANA NABANTU NGOKUSHIWO IMIBHALO

Yini ngokukhethekile esenza siphumelele enkonzweni? (Bheka isigaba 7)

7. Ukuphumelela kwethu ngokwengeziwe ensimini kuxhomeke kuphi?

7 Manje ake sixoxe ngokuthi singabonisana kanjani ngalokho okushiwo imiBhalo. Yiqiniso, iBhayibheli liyithuluzi lethu eliyinhloko enkonzweni. Lisenza ‘siyifanelekele ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thim. 3:16, 17) Ukuphumelela kwethu ngokwengeziwe ensimini akuxhomekile enanini lemiBhalo esiyifundayo, kodwa endleleni esibonisana  futhi siyichaze ngayo leyo miBhalo. (Funda izEnzo 17:2, 3.) Ngokwesibonelo, cabanga ngalezi zimo ezintathu.

8, 9. (a) Iyiphi enye indlela esingabonisana ngayo nomuntu okholelwa ukuthi uJesu ulingana noNkulunkulu? (b) Iziphi ezinye izindlela zokubonisana nabantu ngale ndaba ozithole ziphumelela?

8 Isimo 1: Ensimini sihlangana nomuntu okholelwa ukuthi uJesu ulingana noNkulunkulu. Imiphi imiBhalo esingayisebenzisa lapho sibonisana naye ngale ndaba? Singase simcele ukuba afunde amazwi kaJesu akuJohane 6:38 athi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.” Ngemva kokufunda lelo vesi, singase simbuze: “Uma uJesu enguNkulunkulu, ubani owamthuma ukuba eze emhlabeni? Ingabe Lowo muntu akamkhulu kunoJesu? Ngokuvamile, umuntu othuma omunye mkhulu kunalowo othunywayo.”

9 Lapho sixoxa ngayo le ndaba singafunda neyabaseFilipi 2:9, lapho umphostoli uPawulu echaza khona lokho uNkulunkulu akwenza ngemva kokufa nokuvuswa kukaJesu. Leli vesi lithi: ‘UNkulunkulu waphakamisela uJesu esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama.’ Ukuze sisize umuntu acabange ngalo mBhalo singase simbuze: “Uma uJesu ayelingana noNkulunkulu ngaphambi kokuba afe futhi uma kamuva uNkulunkulu amphakamisela esikhundleni esiphakeme, kwakungeke yini lokho kwenze uJesu abe ngaphezu kukaNkulunkulu? Kungenzeka kanjani-ke ukuba kube khona umuntu ongaphezu kukaNkulunkulu?” Uma umuntu elihlonipha iZwi likaNkulunkulu futhi enenhliziyo eqotho, ukubonisana naye ngaleyo ndlela kungamshukumisela ukuba ayihlolisise ngokwengeziwe le ndaba.IzE. 17:11.

10. (a) Singabonisana kanjani nomuntu okholelwa ukuthi kunesihogo somlilo? (b) Iyiphi indlela yokubonisana nabantu oyithole iphumelela lapho uxoxa ngesihogo somlilo?

10 Isimo 2: Umninikhaya onamathele kakhulu enkolweni ukuthola kunzima ukukholelwa ukuthi abantu ababi ngeke bahlushwe phakade esihogweni somlilo. Kungenzeka inkolelo yakhe yesihogo somlilo isekelwe esifisweni sakhe sokubona abantu ababi bejeziselwa izenzo zabo ezimbi. Singabonisana kanjani nomuntu ozizwa ngaleyo ndlela? Okokuqala singamqinisekisa ukuthi abantu ababi bazojeziswa. (2 Thes. 1:9) Singabe sesimcela ukuba afunde uGenesise 2:16, 17, obonisa ukuthi inkokhelo yesono ingukufa. Singase simchazele ukuthi ukona kuka-Adamu kwabangela bonke abantu ukuba bazalwe beyizoni. (Roma 5:12) Kodwa singambonisa ukuthi uNkulunkulu akashongo lutho ngokujeziswa esihogweni somlilo. Singabe sesibuza, “Uma u-Adamu no-Eva babesengozini yokuhlushwa phakade, kwakungeke yini  kube ubulungisa ukubaxwayisa ngakho?” Singabe sesifunda uGenesise 3:19, okhuluma ngesijeziso esakhishwa ngemva kwesono sabo kodwa ongakhulumi ngesihogo somlilo. Kunalokho, u-Adamu watshelwa ukuthi wayeyobuyela othulini. Singase sibuze, “Kwakuyoba ubulungisa yini ukutshela u-Adamu ukuthi uyobuyela emhlabathini kanti empeleni uzoya esihogweni somlilo?” Uma umuntu enomqondo ovulekile, umbuzo onjalo ungambangela ukuba acabangisise ngale ndaba.

11. (a) Iyiphi enye indlela yokubonisana nomuntu okholelwa ukuthi bonke abantu abalungile baya ezulwini? (b) Iyiphi indlela yokubonisana nabantu oyithole iphumelela endabeni yokuya ezulwini?

11 Isimo 3: Ensimini sihlangana nomuntu okholelwa ukuthi bonke abantu abalungile baya ezulwini. Inkolelo enjalo ingathonya indlela umninikhaya alichaza ngayo iBhayibheli. Ngokwesibonelo, ake sithi sifunda naye isAmbulo 21:4. (Funda.) Lowo muntu angase aphethe ngokuthi izibusiso ezichazwe kulelo vesi zibhekisela ekuphileni kwasezulwini. Singabonisana kanjani naye? Kunokuba sifunde eminye imiBhalo efakazelana nalona, singase sigxile enkulumweni ekuwo lo mBhalo. Ithi “ukufa ngeke kusaba khona.” Singase simbuze ukuthi uyavuma yini ukuthi ukuze into ingabe isaba khona, kudingeka iqale ngokuba khona. Cishe uyovuma. Singabe sesichaza ukuthi akukaze kube khona ukufa ezulwini; abantu bafa lapha emhlabeni kuphela. Ngakho-ke, kunengqondo ukuthi isAmbulo 21:4 kumelwe ukuba sibhekisela ezibusisweni zesikhathi esizayo ezizoba lapha emhlabeni.IHu. 37:29.

SEBENZISA IMIFANEKISO UKUZE UCACISE IPHUZU

12. Kungani uJesu asebenzisa imifanekiso?

12 Ngaphezu kokusebenzisa imibuzo, uJesu wasebenzisa imifanekiso emsebenzini wakhe wokushumayela. (Funda uMathewu 13:34, 35.) Imifanekiso kaJesu yasiza ekwambuleni izisusa zalabo ababemlalele. (Math. 13:10-15) Imifanekiso kaJesu yenza izimfundiso zakhe zakhanga futhi zakhumbuleka kalula. Singayisebenzisa kanjani imifanekiso ekufundiseni kwethu?

13. Singakufanekisa kanjani ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunoJesu?

13 Imifanekiso elula iyona okuvame ukuba ngcono kakhulu ukuyisebenzisa. Ngokwesibonelo, lapho sichaza ukuthi uNkulunkulu mkhulu kunoJesu, mhlawumbe singazama le ndlela. Singabonisa ukuthi lapho uJehova noJesu bechaza ubuhlobo babo, basebenzisa ubuhlobo bomndeni. UNkulunkulu wabiza uJesu ngeNdodana yakhe, noJesu wathi uNkulunkulu unguYise. (Luka 3:21, 22; Joh. 14:28) Singabe sesibuza umninikhaya: “Uma ufuna ukungifundisa ukuthi abantu ababili bayalingana, yibuphi ubuhlobo bomndeni obungabusebenzisa ukuze uveze lelo phuzu?” Umninikhaya angase akhulume ngezingane zandawonye—noma ngisho amawele. Uma esho njalo, singase sisho ukuthi lokho kuqhathanisa kunengqondo ngempela. Singabe sesibuza: “Uma kube lula kithina ukuthola umfanekiso ofanelekayo, ucabanga ukuthi uJesu—uMfundisi Omkhulu—wayengeke acabange ngesiqhathaniso esifanayo? Kunalokho, wathi uNkulunkulu unguYise. Ngakho, uJesu waveza uNkulunkulu njengomdala kunaye futhi onegunya elikhulu kunelakhe.”

14. Imuphi umfanekiso obonisa ukuthi bekungaba okungenangqondo ngoNkulunkulu ukuba athume uDeveli ukuba ahluphe abantu esihogweni somlilo?

14 Cabanga ngesinye isibonelo. Abanye bakholelwa ukuthi uSathane “uyena ophethe” esihogweni somlilo. Ukusebenzisa umfanekiso kungasiza umzali abone ukuthi bekungaba okungenangqondo kanjani ukuba uNkulunkulu athume uDeveli ukuba ahluphe abantu esihogweni somlilo. Singase sisho into enjengokuthi: “Ake sithi ingane yakho isiyihlongandlebe futhi yenza izinto eziningi ezimbi. Ungenzenjani?” Cishe umzali uyothi angayiyala ingane yakhe. Angase azame izikhathi eziningana  ukuyisiza ingane yakhe ukuba iyeke ukwenza okubi. (IzAga 22:15) Kuleli qophelo, singambuza umzali ukuthi angenzenjani uma ingane yakhe ingamlaleli naphezu kwayo yonke imizamo yakhe yokuyisiza. Abazali abaningi bangathi ekugcineni kungadingeka bayijezise leyo ngane. Singabe sesibuza, “Ungathini uma uthola ukuthi kunomuntu omubi othonye ingane yakho ukuba ibe ihlongandlebe?” Ngokuqinisekile, umzali angamthukuthelela lowo muntu. Ukuze sicacise iphuzu lalo mfanekiso, singase sibuze umzali, “Njengoba sewazi ukuthi kunomuntu omubi othonye ingane yakho, ubungamcela yini yena lowo muntu ukuba akujezisele ingane yakho?” Ngokusobala impendulo kuyoba ucha. Kuyakhanya-ke ukuthi uNkulunkulu ngeke asebenzise uSathane ukuba ajezise abantu abathonywe nguye ukuba benze izinto ezimbi!

GCINA UMBONO OLINGANISELAYO

15, 16. (a) Kungani kungafanele silindele ukuthi wonke umuntu esimshumayezayo uyosamukela isigijimi soMbuso? (b) Ingabe kufanele sibe namakhono akhethekile ukuze sikwazi ukufundisa ngokuphumelelayo? Chaza. (Bheka nebhokisi elithi  “Ithuluzi Lokusisiza Siphendule Imibuzo.”)

15 Siyaqonda ukuthi akuyena wonke umuntu esimshumayezayo oyokwamukela isigijimi soMbuso. (Math. 10:11-14) Lokho kuyoba njalo ngisho noma sibuza imibuzo efanele, sibonisana nabo ngendlela engcono kakhulu noma sisebenzisa nemifanekiso emihle kakhulu. Bambalwa nabasabela ekufundiseni kukaJesu nakuba ayenguMfundisi omkhulu kunabo bonke abake baba khona emhlabeni!Joh. 6:66; 7:45-48.

16 Ngakolunye uhlangothi, nakuba sinomuzwa wokuthi asinawo amakhono akhethekile, singaphumelela enkonzweni yethu. (Funda izEnzo 4:13.) IZwi likaNkulunkulu lisinikeza izizathu ezinengqondo zokukholelwa ukuthi ‘bonke abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade’ bayozamukela izindaba ezinhle. (IzE. 13:48) Ngakho masibe nombono olinganiselayo ngathi nangalabo esifuna ukuhlanganyela nabo izindaba ezinhle zoMbuso. Kwangathi singakusebenzisa konke ukuqeqeshwa uJehova asinikeza kona, sinethemba lokuthi kuyozuzisa thina nalabo abasilalelayo. (1 Thim. 4:16) UJehova angasisiza sazi ukuthi ‘singamphendula kanjani umuntu ngamunye.’ Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, enye indlela yokuphumelela enkonzweni yethu ukusebenzisa lokho okuvame ukubizwa ngokuthi uMthetho Wegolide.

^ isig. 6 Bheka isihloko esithi “Kungenzeka Yini Ukuba Nokholo KuMdali?” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 2009.