Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 EZIVELA EZINQOLOBANENI ZETHU

“Kunomsebenzi Omningi Wokuvuna Okumelwe Wenziwe”

“Kunomsebenzi Omningi Wokuvuna Okumelwe Wenziwe”

UGeorge Young wafika eRio de Janeiro ngo-March 1923

KUNGONYAKA ka-1923. Ihholo lamakhonsathi laseSão Paulo okuthiwa iDrama and Music Conservatory ligcwele phama! Uyalizwa yini izwi likaGeorge Young elinomfutho? Umusho nomusho wenkulumo yakhe uhunyushelwa esiPutukezini. Bonke abangu-585 abakhona bathule balalele. Kuvela amavesi eBhayibheli ngesiPutukezi ngama-slide. Esiphethweni sale nkulumo, abantu banikezwa amakhophi encwajana ethi Millions Now Living Will Never Die! ngesiPutukezi, kukhona nawesiNgisi, isiJalimane nesiNtaliyane. Le nkulumo iba yimpumelelo enkulu! Izindaba eziphathelene nayo zibhebhethekisa okomlilo wequbula. Ngemva kwezinsuku ezimbili, leli hholo liphinde ligcwala abantu bezozwa enye inkulumo. Kodwa yini eyaholela kulezi zenzakalo?

Ngo-1867, uSarah Bellona Ferguson wathuthela eBrazil nomkhaya wakubo besuka e-United States. Ngo-1899 wazi ukuthi usethole iqiniso ngemva kokufunda izincwadi ezithile zeBhayibheli ezazifike nomfowabo omncane evela e-United States. Njengoba ayekuthanda ukufunda, wenza isikhokhelo se-Nqabayokulinda ngesiNgisi. Ehlatshwe umxhwele isigijimi seBhayibheli, wabhalela uMfoweth’ uC. T. Russell, ezichaza ngokuthi “uwubufakazi obuphilayo bokuthi akekho umuntu okude kakhulu ukuba angefinyelelwe.”

Ingabe Abaphilayo Bangakhuluma Nabafileyo? (NgesiPutukezi)

USarah Ferguson wenza konke okusemandleni ukuba atshele abanye iqiniso leBhayibheli, kodwa wayehlale ezibuza ukuthi ubani owayeyoqhubeka ebasiza yena nomkhaya wakubo kanye nabo bonke abantu baseBrazil. Ngo-1912, wathola incwadi evela eBethel yaseBrooklyn imazisa ukuthi kukhona owayezofika eSão Paulo nezinkulungwane zamapheshana esiPutukezi anesihloko esithi Bakuphi Abafileyo? Ngo-1915 wathi kwakulokhu kummangaza ukuthi abaFundi BeBhayibheli abaningi babelindele ukuba bathathwe bayiswe ezulwini ngokushesha. Eveza umbono wakhe, wabhala: “Kuthiwani ngeBrazil nalo lonke elaseNingizimu Melika? . . . Uma ucabanga ukuthi izwe laseNingizimu Melika likhulu kangakanani, kuyoba lula ukubona ukuthi kunomsebenzi  omningi wokuvuna okumelwe wenziwe.” Yebo, kwakusazokwenziwa umsebenzi omkhulu kakhulu wokuvuna!

Ngo-1920, izinsizwa ezingamatilosi ezingu-8 zaseBrazil zaya emihlanganweni yebandla eNew York City ngesikhathi umkhumbi wazo wempi usalungiswa. Lapho zibuyela eRio de Janeiro, zaxoxa nabanye ngethemba eliseBhayibhelini ezazisanda kufunda ngalo. Kungakabiphi, ngo-March 1923, uGeorge Young owayekhonza njengomjikelezi ngaleso sikhathi, wafika eRio de Janeiro wathola abantu abanesithakazelo. Wahlela ukuba kuhunyushwe izincwadi eziningana ngesiPutukezi. Ngokushesha, uMfoweth’ uYoung waya edolobheni laseSão Paulo, ngaleso sikhathi elalinabantu abangu-600 000. Wafike wanikeza inkulumo futhi wasakaza nezincwajana ezithi Millions, njengoba kushiwo ekuqaleni kwalesi sihloko. Wabika, “Njengoba ngangingedwa, kwadingeka ngithembele ngokuphelele ekukhangiseni ngamaphephandaba.” Wanezela, “Kwakuyizinkulumo zeningi zokuqala ezakhangiswa egameni le-I.B.S.A. eBrazil.” *

Amavesi eBhayibheli ayevela ngama-slide ngesikhathi uMfoweth’ uYoung enikeza izinkulumo

Lapho ibika ngeBrazil, INqabayokulinda ka-December 15, 1923 yesiNgisi yathi: “Lapho sicabanga ukuthi umsebenzi kule ndawo waqala ngo-June 1 nokuthi zazingekho izincwadi ngaleso sikhathi, kuyamangaza ngempela ukubona indlela iNkosi ewubusise ngayo umsebenzi.” Umbiko waveza nokuthi izinkulumo zeningi ezimbili kwezingu-21 uMfoweth’ uYoung azinikeza kusukela ngo-June 1 kuya ku-September 30, wazinikeza eSão Paulo futhi bangu-3 600 ababa khona. ERio de Janeiro, isigijimi soMbuso sasilokhu sisakazeka kancane kancane. Ngemva kwezinyanga ezimbalwa nje, kwase kuhanjiswe izincwadi zethu ezingu-7 000 zesiPutukezi. Ngaphezu kwalokho, INqabayokulinda yesiPutukezi yaqala ukunyatheliswa ngomagazini ka-November-December 1923.

USarah Bellona Ferguson, umuntu wokuqala owenza isikhokhelo se-Nqabayokulinda yesiNgisi eBrazil

UGeorge Young wavakashela uSarah Ferguson, futhi INqabayokulinda yabika: “Lo dade weza egumbini lokuphumula, futhi wake wathi ukuphelelwa amazwi. Exhawula uMfoweth’ uYoung, wamgqolozela, ekugcineni wathi: ‘Ngibona uMjikelezi ngempela noma ngiyaphupha?’ ” Yena nezinye zezingane zakhe babhapathizwa masinyane. Eqinisweni, wayelinde iminyaka engu-25 ngaphambi kokuba abhapathizwe! INqabayokulinda ka-August 1, 1924, yathi kwabhapathizwa abangu-50 eBrazil, iningi labo labhapathizwa eRio de Janeiro.

Manje, ngemva kweminyaka engu-90, asisekho isidingo sokubuza umbuzo othi: “Kuthiwani ngeBrazil nalo lonke elaseNingizimu Melika?” KunoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-760 000 abashumayela izindaba ezinhle eBrazil. Manje isigijimi soMbuso simenyezelwa kulo lonke elaseNingizimu Melika ngesiPutukezi, iSpanishi nangezinye izilimi eziningi zomdabu. Ngo-1915, uSarah Ferguson washo kufanele ukuthi, ‘Kwakunomsebenzi omningi wokuvuna okwakumelwe wenziwe.’—Sivela ezinqolobaneni zethu eBrazil.

^ isig. 6 Isifushaniso esithi I.B.S.A. simelela ukuthi International Bible Students Association [iNhlangano Yezizwe Zonke YabaFundi BeBhayibheli].