Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“UJehova Uyabazi Abangabakhe”

“UJehova Uyabazi Abangabakhe”

“Uma umuntu emthanda uNkulunkulu, lowo uyaziwa nguye.” —1 KOR. 8:3.

1. Landisa indaba eseBhayibhelini egcizelela uhlobo lokucabanga kokuzikhohlisa okuye kwanqoba abanye babantu bakaNkulunkulu. (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

NGOLUNYE usuku ekuseni, uMpristi Ophakeme u-Aroni wama ngasemnyango wetabernakele likaJehova ephethe umcengezi womlilo wokushisa impepho. Eduze kwakhe kwakunoKhora namadoda angu-250 nabo benikela impepho kuJehova, ngamunye ephethe umcengezi wakhe womlilo. (Num. 16:16-18) Uma uwathi nje nhla la madoda, kungabonakala sengathi wonke angabakhulekeli bakaJehova abaqotho. Nokho, ngokungafani no-Aroni, lawa amanye amadoda ayengabavukeli abakhukhumele ababezama ukugabadela isikhundla sobupristi. (Num. 16:1-11) Ayezikhohlisile ngokucabanga ukuthi uNkulunkulu wayeyokwamukela ukukhulekela kwawo. Kodwa lokho kucabanga kwakuwukumbukela phansi uJehova, okwaziyo ukufunda izinhliziyo nokubona ubuzenzisi bawo.—Jer. 17:10.

2. Yini uMose ayeyibikezele, futhi ingabe amazwi akhe agcwaliseka?

2 Ngayizolo, uMose wayebikezele ngokunembile: “Ekuseni uJehova uzokwenza kwaziwe ukuthi ngubani ongowakhe.” (Num. 16:5) Nembala, uJehova wabahlukanisa abakhulekeli beqiniso kulabo ababengabazenzisi lapho “kuphuma umlilo uvela kuJehova [uqothula uKhora nalawo] madoda angamakhulu amabili  namashumi amahlanu ayenikela impepho.” (Num. 16:35; 26:10) Ngesikhathi esifanayo, uJehova wamsindisa u-Aroni, ebonisa obala ukuthi ubani ayemamukela njengompristi wakhe wangempela nomkhulekeli wakhe weqiniso.—Funda eyoku-1 Korinte 8:3.

3. (a) Isiphi isimo esavela osukwini lomphostoli uPawulu? (b) Isiphi isandulela sendlela yokusingatha izihlubuki uJehova asibeka emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambili?

3 Kwavela isimo esifanayo eminyakeni engaba ngu-1 500 kamuva osukwini lomphostoli uPawulu. Abathile ababethi bangamaKristu bamukela izimfundiso zamanga; noma kunjalo, baqhubeka bezihlanganisa nebandla. Kumuntu ongaqaphelisisi, lezi zihlubuki zazingase zibonakale zingahlukile kwabanye ababesebandleni. Kodwa izimfundiso zazo zokuhlubuka zaziyingozi kumaKristu athembekile. Lezi zimpisi ezazembethe isikhumba semvu zaqala ‘ukuchitha ukholo lwabanye.’ (2 Thim. 2:16-18) Nokho, uJehova uyaqaphelisisa, futhi kumelwe ukuba uPawulu wayekwazi lokhu, ekufunde endleleni uNkulunkulu asingatha ngayo indaba yezihlubuki—uKhora nababemsekela—emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambili. Kule ndaba, ake sixoxe ngendinyana ethile ethakazelisayo emBhalweni futhi sibone ukuthi iziphi izifundo eziwusizo esingazifunda kuyo.

“NGINGUJEHOVA; ANGIZANGE NGISHINTSHE”

4. Yini uPawulu ayeqiniseka ngayo, futhi wakuveza kanjani ukuqiniseka kwakhe kuThimothewu?

4 UPawulu wayeqiniseka ukuthi uJehova uyakwazi ukubona ukukhulekela kobuzenzisi, futhi eqiniseka ukuthi uJehova wayekwazi ukubabona labo abamlalelayo. UPawulu wabonisa lokhu kuqiniseka kwakhe ngamazwi awasebenzisa lapho ephefumulelwa ukuba abhalele uThimothewu. Ngemva kokukhuluma ngengozi engokomoya izihlubuki ezase ziyiyo kwabathile ebandleni, uPawulu wabhala: “Naphezu kwakho konke lokho, isisekelo esiqinile sikaNkulunkulu silokhu simile, sinalolu phawu: ‘UJehova uyabazi abangabakhe,’ nalolu: ‘Wonke umuntu obiza igama likaJehova makalahle ukungalungi.’”—2 Thim. 2:18, 19.

5, 6. Yini ephawulekayo ngokusebenzisa kukaPawulu inkulumo ethi “isisekelo esiqinile sikaNkulunkulu,” futhi cishe lawo mazwi amthinta kanjani uThimothewu?

5 Yini ephawulekayo ngamazwi uPawulu awasebenzisile kulo mBhalo? Inkulumo ethi “isisekelo esiqinile sikaNkulunkulu” itholakala kuleli vesi kuphela eBhayibhelini. IBhayibheli liyalisebenzisa igama elithi “isisekelo” ngomqondo ongokomfanekiso ezintweni ezihlukahlukene, ezihlanganisa neJerusalema elingokoqobo elaliyinhloko-dolobha yakwa-Israyeli wasendulo. (IHu. 87:1, 2) Indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu nayo ifaniswa nesisekelo. (1 Kor. 3:11; 1 Pet. 2:6) Wayecabanga ngani uPawulu lapho ebhala ‘ngesisekelo esiqinile sikaNkulunkulu’?

6 UPawulu ukhuluma ‘ngesisekelo esiqinile sikaNkulunkulu’ emongweni ofanayo acaphuna kuwo amazwi kaMose ngoKhora nabasekeli bakhe, alotshwe kuNumeri 16:5. Cishe uPawulu wabhekisela ezenzakalweni zangosuku lukaMose ngoba ezama ukukhuthaza uThimothewu nokumkhumbuza ngamandla kaJehova okubona nokumelana nezenzo zokuhlubuka. Izihlubuki ezazikhona ebandleni zazingeke ziyishafise injongo kaJehova njengoba nje noKhora ahluleka emakhulwini eminyaka ngaphambili. UPawulu akazange achaze ngokuningiliziwe ukuthi “isisekelo esiqinile sikaNkulunkulu” simelelani. Noma kunjalo, amazwi awasebenzisile kumelwe ukuba enza uThimothewu wazethemba izindlela zikaJehova futhi waqiniseka ngazo.

7. Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uyothatha isinyathelo ngokulunga nangokwethembeka?

7 Izimiso zikaJehova eziphakeme azinakunyakaziswa. IHubo 33:11 lithi: “Injongo kaJehova iyokuma kuze kube nini nanini;  imicabango yenhliziyo yakhe isezizukulwaneni ngezizukulwane.” Eminye imiBhalo ikhuluma ngobukhosi bukaJehova, umusa wakhe wothando, ukulunga nokuba kwakhe neqiniso njengokuhlala njalo. (Eks. 15:18; IHu. 106:1; 112:9; 117:2) UMalaki 3:6 uthi: “NginguJehova; angizange ngishintshe.” Ngokufanayo, uJakobe 1:17 uthi uJehova ‘akashintshashintshi njengokuphenduka kwethunzi.’

‘UPHAWU’ OLWAKHA UKHOLO KUJEHOVA

8, 9. Isiphi isifundo esingasifunda ‘ngophawu’ olusemfanekisweni kaPawulu?

8 Amazwi kaPawulu akweyesi-2 Thimothewu 2:19 akha engqondweni umfanekiso wesisekelo esinomlayezo obhalwe kuso, njengokungathi ugxivizwe ngophawu. Ezikhathini zasendulo, kwakuvamile ukuba isisekelo sesakhiwo sibe nombhalo oqoshiwe, mhlawumbe obonisa ukuthi sakhiwe ngubani noma ukuthi singesikabani. UPawulu wayengumlobi wokuqala ukusebenzisa lo mfanekiso. * Uphawu ‘olusesisekelweni esiqinile sikaNkulunkulu’ lunemiyalezo emibili. Owokuqala uthi, “UJehova uyabazi abangabakhe,” futhi owesibili uthi, “Wonke umuntu obiza igama likaJehova makalahle ukungalungi.” Lokhu kusikhumbuza lokho esikufunda kuNumeri 16:5.Funda.

9 Isiphi isifundo esingasifunda kulolu “phawu” olusemfanekisweni kaPawulu? Kulabo abangabakaNkulunkulu, izindinganiso nezimiso zikaJehova zingafingqwa ngamaqiniso amabili ayisisekelo: (1) UJehova uyabathanda labo abaqotho kuye, (2) UJehova uyakuzonda ukungalungi. Lesi sifundo sihlangene ngani nodaba lwezihlubuki ebandleni?

10. Izenzo zezihlubuki zabathinta kanjani abathembekileyo osukwini lukaPawulu?

10 Kumelwe ukuba izenzo zezihlubuki ezaziphakathi kwabo zazibaphazamisa oThimothewu nabanye abathembekile. Mhlawumbe amanye amaKristu ayebuza ukuthi bayekelwani abantu abanjalo ukuba baqhubeke besebandleni. Kungenzeka abathembekile babezibuza ukuthi uJehova wayewubona yini ngempela umahluko phakathi kobuqotho babo kuye obungenakunyakaziswa nokukhulekela kwezihlubuki kobuzenzisi.—IzE. 20:29, 30.

UThimothewu wayengeke antengantengiswe izenzo zabantu ababenokuthambekela kokuhlubuka (Bheka izigaba 10-12)

11, 12. Kumelwe ukuba incwadi kaPawulu yaluqinisa kanjani ukholo lukaThimothewu?

11 Incwadi kaPawulu kumelwe ukuba yaluqinisa ukholo lukaThimothewu ngokumkhumbuza lokho okwenzeka lapho u-Aroni othembekile eboniswa efaneleka futhi uKhora ozenzisayo nabangane bakhe  bedalulwa, belahlwa futhi bebhujiswa. Kunjengokungathi uPawulu wayethi ngisho noma kwakunamaKristu mbumbulu phakathi kwabo, uJehova wayeyobazi abangabakhe ngempela, njengoba nje enza ezinsukwini zikaMose.

12 UJehova akashintshi nanini; singamethemba. Uyakuzonda ukungalungi, futhi ngesikhathi esifanele uyabahlulela abenzi bobubi abangaphenduki. Njengomuntu “obiza igama likaJehova,” uThimothewu wakhunjuzwa nangesibopho ayenaso sokwenqaba ithonya elingalungile lamaKristu mbumbulu. *

UKUKHULEKELA KWEQINISO AKULONA IZE NANINI

13. Yini esingaqiniseka ngayo?

13 Nathi singathola amandla angokomoya emazwini kaPawulu aphefumulelwe. Okokuqala, kuyakhuthaza ukwazi ukuthi uJehova uyabubona ubuqotho bethu kuye. Akagcini nje ngokububona. Kunalokho, ubakhathalela ngokujulile labo abangabakhe. IBhayibheli lithi: “Amehlo [kaJehova] aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKr. 16:9) Ngakho-ke, singaqiniseka ngokuphelele ukuthi lokho esikwenzela uJehova ‘ngokuvela enhliziyweni ehlanzekile’ akulona neze ize.—1 Thim. 1:5; 1 Kor. 15:58.

14. Iluphi uhlobo lokukhulekela uJehova angalubekezeleli?

14 Kuyasangulukisa nokwazi ukuthi uJehova akakubekezeleli ukukhulekela kobuzenzisi. Njengoba amehlo akhe ‘eqalaza kuwo wonke umhlaba,’ uyakwazi ukubabona labo abanhliziyo yabo ‘ingaphelele kuye.’ IzAga 3:32 zithi: “Umuntu okhohlisayo uyinto enengekayo kuJehova,” njengomuntu okhohlisa ngamabomu, azenze sengathi uyamlalela kanti wenza isono ekusithekeni. Nakuba umuntu okhohlisayo engase ngobuqili abakhohlise abanye abantu okwesikhashana, ukuba kukaJehova uMninimandla onke nokuba kwakhe olungile kuyisiqinisekiso sokuthi “omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele.”—IzAga 28:13; funda eyoku-1 Thimothewu 5:24; Hebheru 4:13.

15. Yini okufanele siyigweme, futhi kungani?

15 Abantu bakaJehova abaningi kakhulu baqotho ekuzinikeleni kwabo. Kungaba yinto ethuke yenzeka ngempela ukuba othile ebandleni akhethe ngamabomu ukukhulekela kobuzenzisi. Noma kunjalo, uma kwenzeka osukwini lukaMose nasesikhathini sebandla lobuKristu lokuqala, kungenzeka nanamuhla. (2 Thim. 3:1, 5) Nokho, ingabe kufanele siwazindlekele amaKristu esikanye nawo, singabaze ubuqotho bawo kuJehova? Lutho neze! Kungaba into engalungile ukuba nezizindlo ezingasekelwe ndawo ngabafowethu nodadewethu. (Funda eyabaseRoma 14:10-12; 1 Korinte 13:7.) Ngaphezu kwalokho, ukuba nokuthambekela kokungabethembi ubuqotho babanye ebandleni kungalilimaza ingokomoya lethu siqu.

16. (a) Yini umuntu ngamunye kithi angase ayenze ukuze avimbele ubuzenzisi bungabi nampande enhliziyweni yakhe? (b) Iziphi izifundo esingazithola ebhokisini elinesihloko esithi “ Qhubekani Nihlola . . . ”?

16 UmKristu ngamunye kufanele “ahlole umsebenzi wakhe siqu.” (Gal. 6:4) Ngenxa yokuthambekela kwethu esonweni, kuhlale kunengozi yokungenwa singahlosile imikhuba ebonisa ukungabi qotho. (Heb. 3:12, 13) Ngakho, kudingeka ukuba sizihlole njalo izisusa zethu zokukhonza uJehova. Singase sizibuze: ‘Ingabe ngikhulekela uJehova ngoba ngimthanda futhi ngiqaphela ubukhosi bakhe? Noma, ingabe ngikhathalela kakhulu izibusiso engethemba ukuzithola ePharadesi?’ (IsAm. 4:11) Ngokuqinisekile, sonke singazuza ngokuhlola izenzo zethu siqu nangokususa yonke iminonjana yobuzenzisi ezinhliziyweni zethu.

 UBUQOTHO OBULETHA INJABULO

17, 18. Kungani kufanele sibe qotho ekukhulekeleni kwethu uJehova?

17 Njengoba silwela ukuba qotho ekukhulekeleni kwethu, sizuza ngezindlela eziningi. Umhubi uthi: “Uyajabula umuntu uJehova angambaleli siphambeko, nokungekho nkohliso emoyeni wakhe.” (IHu. 32:2) Yebo, labo abasusa ubuzenzisi ezinhliziyweni zabo bajabula ngokwengeziwe futhi bazibeka ohlwini lwabayothola injabulo ephelele esikhathini esizayo.

18 Ngesikhathi esifanele, uJehova uyobadalula bonke abenza okubi noma abaphila ukuphila okumbaxambili, enze ucace “umehluko phakathi kolungileyo nomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongazange amkhonze.” (Mal. 3:18) Okwamanje, kuyakhuthaza ukwazi ukuthi “amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.”—1 Pet. 3:12.

^ isig. 8 IsAmbulo 21:14, esabhalwa ngemva kwamashumi eminyaka uPawulu ebhale izincwadi azibhalela uThimothewu, sikhuluma ‘ngamatshe esisekelo’ angu-12 abhalwe amagama abaphostoli abangu-12.

^ isig. 12 Isihloko esilandelayo sixoxa ngendlela esingamlingisa ngayo uJehova ngokulahla ukungalungi.