Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UMBUSO KANKULUNKULU—UNGAKUZUZISA KANJANI?

UMbuso KaNkulunkulu—Uyokuzuzisa Kanjani Wena?

UMbuso KaNkulunkulu—Uyokuzuzisa Kanjani Wena?

Cishe izihloko ezisekuqaleni zikwenze wabona ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu koFakazi BakaJehova. Mhlawumbe ufuna ukwazi okwengeziwe ngezinye zezibusiso okukhulunywe ngazo eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu esikhathini esizayo. Ngesikhathi esifanayo kungenzeka uyazibuza ukuthi lezi zithembiso ziyiqiniso yini.

Wenza ngokuhlakanipha uma uqapha kunokuba ukholelwe yikho konke okuzwayo. (IzAga 14:15) Ngandlela thile, ukuqapha kwakho kungafaniswa nokwabantu baseBhereya lasendulo. * Lapho betshelwa okokuqala izindaba zoMbuso, abaseBhereya bakwamukela abakuzwa, kodwa abakwenzanga lokho ngoba nje befuna lezo zindaba zibe yiqiniso. Kunalokho, bahlolisisa imiBhalo ngokucophelela ukuze babone “ukuthi zinjalo yini lezi zinto.” (IzEnzo 17:11) Ngamanye amazwi, abaseBhereya baqhathanisa izindaba ezinhle ababezizwile nalokho okushiwo yimiBhalo. Ngokuhamba kwesikhathi baqiniseka ngokuthi lezo zindaba ezinhle zazisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu.

OFakazi BakaJehova bakukhuthaza ukuba nawe wenze okufanayo. Ngelungiselelo lethu lesifundo seBhayibheli samahhala, sikunikeza ithuba lokuba uqhathanise lokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo ngoMbuso kaNkulunkulu nalokho okufundiswa iBhayibheli.

Ukwenezela ekufundeni kwakho ngoMbuso kaNkulunkulu, isifundo seBhayibheli singakusiza uthole izimpendulo zeminye yemibuzo ebaluleke kakhulu ekuphileni.

Ngaphezu kwakho konke, ukufunda iBhayibheli kuyokusiza ukuba ‘usondele kuNkulunkulu.’ (Jakobe 4:8) Lapho usondela nakakhulu kuNkulunkulu, uyobona indlela uMbuso kaNkulunkulu ongakuzuzisa ngayo—hhayi manje kuphela kodwa kuze kube phakade. UJesu ngokwakhe washo lokhu lapho ethandaza kuYise: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”Johane 17:3.

 

^ isig. 4 IBhereya kwakuwumuzi waseMakedoniya yasendulo.