Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kungani kufanele uthandazele ukuba uMbuso kaNkulunkulu ufike?

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni wasezulwini. UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bathandazele ukuba uMbuso ufike ngoba uyobuyisela ukulunga nokuthula emhlabeni. Awukho uhulumeni wabantu ongabuqeda ngokuphelele ubudlova, ukungabi nabulungisa noma izifo, kodwa uMbuso kaNkulunkulu ungakuqeda konke lokhu futhi uyokuqeda. UNkulunkulu ukhethe iNdodana yakhe, uJesu, ukuba ibe iNkosi yoMbuso. UJehova ukhetha neqembu labalandeli bakaJesu ukuba libuse kanye noJesu kulo Mbuso.Funda uLuka 11:2; 22:28-30.

Maduzane, uMbuso kaNkulunkulu uzosusa bonke abamelene nokubusa kukaNkulunkulu. Ngakho-ke umthandazo wokuba uMbuso kaNkulunkulu uze uyisicelo sokuba uhulumeni kaNkulunkulu uthathele indawo bonke ohulumeni babantu.Funda uDaniyeli 7:13, 14; isAmbulo 11:15, 18.

Kungani uMbuso kaNkulunkulu uyozuzisa abantu?

UJesu uyiNkosi efaneleka kakhulu ngoba unesihawu. NjengeNdodana kaNkulunkulu, unawo namandla okusiza bonke abacela usizo kuNkulunkulu.Funda iHubo 72:8, 12-14.

UMbuso kaNkulunkulu uyozuzisa bonke abathandaza ngobuqotho becela ukuba ufike futhi abaphila ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Ngeke nanini wazisola ngokufunda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngoMbuso kaNkulunkulu.Funda uLuka 18:16, 17; Johane 4:23.

 

Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nangalokho oyokufeza?