Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
Ingabe uJesu wabavusa ngempela abantu?
UJesu wavusa uLazaru, okwase kuyizinsuku ezine efile
IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi uJesu wabavusa abantu abafile. Lokho kulandisa akuyona inganekwane; kuwukulandisa kwezenzakalo ezingokoqobo ezenzeka ngempela. Ngokwesibonelo, phakathi nehlobo lika-31 C.E, isixuku esikhulu sahamba noJesu sisuka eKapernawume siya eNayini. Lapho sifika, sahlangana nesinye isixuku. Ungakwethemba ukulandisa okukhuluma ngovuko okwenzeka lapho ngoba kulotshwe eZwini likaNkulunkulu iBhayibheli futhi kwenzeka phambi kwabantu abaningi.—Funda uLuka 7:11-15.
UJesu wavusa nomngane wakhe uLazaru okwase kuyizinsuku ezine efile. Ungawethemba umbiko walokho uJesu akwenza ngalolo suku ngoba nakho kwabonwa ofakazi abaningi.—Funda uJohane 11:39-45.
Kungani uJesu avusa abantu?
UJesu wavusa abantu ngoba wayeshukunyiswa uzwela. Esinye isizathu ukuthi wayefuna ukubonisa ukuthi uYise, uMdali wokuphila, wayemnike amandla okunqoba ukufa.—Funda uJohane 5:21, 28, 29.
Ukuvusa kukaJesu abantu kusenza siqiniseke ngezithembiso zakhe zekusasa. Uyovusa abantu abaningi kuhlanganise nabantu abangalungile abafa bengazi lutho ngoNkulunkulu weqiniso. Bayonikezwa ithuba lokwazi nokuthanda uJehova uNkulunkulu.—Funda izEnzo 24:15.