Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ingabe uJesu wabavusa ngempela abantu?

UJesu wavusa uLazaru, okwase kuyizinsuku ezine efile

IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi uJesu wabavusa abantu abafile. Lokho kulandisa akuyona inganekwane; kuwukulandisa kwezenzakalo ezingokoqobo ezenzeka ngempela. Ngokwesibonelo, phakathi nehlobo lika-31 C.E, isixuku esikhulu sahamba noJesu sisuka eKapernawume siya eNayini. Lapho sifika, sahlangana nesinye isixuku. Ungakwethemba ukulandisa okukhuluma ngovuko okwenzeka lapho ngoba kulotshwe eZwini likaNkulunkulu iBhayibheli futhi kwenzeka phambi kwabantu abaningi.—Funda uLuka 7:11-15.

UJesu wavusa nomngane wakhe uLazaru okwase kuyizinsuku ezine efile. Ungawethemba umbiko walokho uJesu akwenza ngalolo suku ngoba nakho kwabonwa ofakazi abaningi.—Funda uJohane 11:39-45.

Kungani uJesu avusa abantu?

UJesu wavusa abantu ngoba wayeshukunyiswa uzwela. Esinye isizathu ukuthi wayefuna ukubonisa ukuthi uYise, uMdali wokuphila, wayemnike amandla okunqoba ukufa.—Funda uJohane 5:21, 28, 29.

Ukuvusa kukaJesu abantu kusenza siqiniseke ngezithembiso zakhe zekusasa. Uyovusa abantu abaningi kuhlanganise nabantu abangalungile abafa bengazi lutho ngoNkulunkulu weqiniso. Bayonikezwa ithuba lokwazi nokuthanda uJehova uNkulunkulu.—Funda izEnzo 24:15.