Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kumelwe Sibe Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwethu

Kumelwe Sibe Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwethu

“Nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu.”—1 PET. 1:15

1, 2. (a) Abantu bakaNkulunkulu kulindeleke ukuba baziphathe kanjani? (b) Lesi sihloko siphendula miphi imibuzo?

UJEHOVA waphefumulela umphostoli uPetru ukuba ahlobanise ubungcwele obugcizelelwe encwadini kaLevitikusi nesidingo sokuba ngcwele ekuziphatheni kwethu njengamaKristu. (Funda eyoku-1 Petru 1:14-16.) “ONgcwele,” uJehova, ulindele ukuba abagcotshiweyo ‘nabezinye izimvu’ benze konke abangakwenza ukuze babe ngcwele kukho konke ukuziphatha kwabo—hhayi nje kokunye ukuziphatha kwabo.—Joh. 10:16.

2 Siyozuza kakhulu ngokuqhubeka sihlola amagugu angokomoya esiwathola kuLevitikusi, futhi ukukusebenzisa lokho esikufundayo kuyosisiza ukuba sibe ngcwele kukho konke ukuziphatha kwethu. Sizodingida imibuzo enjengale: Kufanele sikubheke kanjani ukuyekethisa? Incwadi kaLevitikusi isifundisani ngokusekela ubukhosi bukaJehova? Yini esingayifunda emihlatshelweni eyayinikelwa?

QAPHELA UKUYEKETHISA

3, 4. (a) Kungani amaKristu kumelwe agweme ukuyekethisa emithethweni nasezimisweni zeBhayibheli? (b) Kungani kungafanele siphindisele noma sibambe amagqubu?

3 Ukuze sijabulise uJehova, kumelwe sinamathele ngokuqinile emithethweni nasezimisweni zakhe, singalokothi sibe nesimo sengqondo esingengcwele sokuyekethisa kuyo. Nakuba singekho ngaphansi koMthetho KaMose, izimfuneko ezikuwo zisenza siqonde ukuthi yini eyamukelekayo nengamukeleki kuNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ama-Israyeli ayalwa: “Ungaphindiseli noma ubambele amadodana abantu bakini igqubu; kumelwe uthande omunye umuntu njengoba uzithanda wena. NginguJehova.”—Lev. 19:18.

4 UJehova ulindele ukuba sigweme ukuphindisela, ufuna sigweme nokubamba amagqubu. (Roma 12:19) UDeveli angajabula afe uma singayishaya indiva imithetho nezimiso zikaNkulunkulu kanti futhi singase silethe isihlamba kuJehova. Ngisho noma othile esizwise ubuhlungu ngamabomu, masingavumi ukuba yizitsha zokugcina intukuthelo. UNkulunkulu usinike ilungelo lokuba ‘izitsha zobumba’ eziqukethe ingcebo yenkonzo. (2 Kor. 4:1, 7) Intukuthelo elimazayo ayinandawo ezitsheni ezinjalo!

5. Singafundani endabeni ka-Aroni neyokufa kwamadodana akhe? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

5 ULevitikusi 10:1-11 ukhuluma ngesenzakalo esidabukisa kakhulu esehlela umndeni ka-Aroni. Kumelwe ukuba washaqeka kakhulu ngesikhathi umlilo ovela ezulwini ushwabadela amadodana ka-Aroni uNadabi no-Abhihu. Cabanga ukuthi ukholo luka-Aroni nomndeni wakhe lwavivinywa kanjani lapho betshelwa ukuba bangawalileli la malungu omndeni ashonile! Ingabe uyabulondoloza ubungcwele endabeni yokungazihlanganisi namalungu omndeni noma abanye abasusiwe ekuhlanganyeleni?—Funda eyoku-1 Korinte 5:11.

6, 7. (a) Lapho sinquma ukuthi siye yini emshadweni oqhutshelwa esontweni, imaphi amaphuzu okumelwe sicabangisise kakhulu ngawo? (Bheka umbhalo waphansi.) (b) Singabonisana kanjani nezihlobo ezingebona oFakazi ngombono wethu ngomshado oqhutshelwa esontweni?

6 Singase singabhekani novivinyo olunzima njengalolo u-Aroni nomndeni wakhe ababhekana nalo. Kodwa kuthiwani uma simenyelwa emshadweni wesihlobo esingeyena uFakazi ozoqhutshelwa esontweni futhi sicelwa ukuba sibe nengxenye kuwo? Awukho umyalo ocacile eBhayibhelini osenqabela ukuba siye, kodwa ingabe zikhona izimiso zeBhayibheli ezihilelekile ekwenzeni isinqumo esinjalo? *

7 Ukuzimisela kwethu ukuba ngcwele kuJehova kulezi zimo esisanda kukhuluma ngazo kungase kuzidide izihlobo ezingebona oFakazi. (1 Pet. 4:3, 4) Yiqiniso, siyazama ukugwema ukuzicasula, kodwa kuvame ukuba ngcono kakhulu ukukhuluma nazo ngendlela enomusa nokho engagwegwesi. Mhlawumbe lokhu kungenziwa kusenesikhathi eside kakhulu ngaphambi kwaleso senzakalo. Singase sizibonge futhi sisho ukuthi siyajabula ngokuthi zisicele ukuba sibe nengxenye kulowo mshado. Singabe sesichaza ukuthi ngenxa yezindaba ezithile ezingokwenkolo ezihilelekile, ukuba kwethu nengxenye kungase kuphazamise injabulo yosuku lwazo olukhethekile bese ziphoxeka kanye nabanye abantu abamenyiwe. Lena ngenye yezindlela esingagwema ngazo ukuyekethisa ezinkolelweni nasokholweni lwethu.

SEKELA UBUKHOSI BUKAJEHOVA

8. Incwadi kaLevitikusi ibuqokomisa kanjani ubukhosi bukaJehova?

8 Incwadi kaLevitikusi iqokomisa ubukhosi bukaJehova. Isho izikhathi ezingaphezu kuka-30 ukuthi imithetho ekuyo ingekaJehova. UMose wakuqaphela lokhu futhi wenza lokho uJehova ayemyala ukuba akwenze. (Lev. 8:4, 5) Nathi kufanele ngaso sonke isikhathi senze lokho uMbusi wethu, uJehova, afuna sikwenze. Inhlangano kaNkulunkulu iyasisekela kulokhu. Kodwa ukholo lwethu lungase luvivinywe lapho sisodwa, njengoba kwenzeka nakuJesu lapho elingwa ehlane. (Luka 4:1-13) Uma sigxile ebukhosini bukaNkulunkulu futhi sethembele kuye, akekho ongasenza siyekethise futhi sibanjwe ugibe lokwesaba.—IzAga 29:25.

9. Kungani abantu bakaNkulunkulu bezondwa ezizweni zonke?

9 Njengabalandeli bakaKristu noFakazi BakaJehova, sishushiswa izizwe zomhlaba wonke. Kumelwe sikulindele lokhu ngoba uJesu watshela abafundi bakhe: “Abantu bayoninikela osizini banibulale, futhi niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Math. 24:9) Nokho, lapho sibhekene nenzondo enjalo, siyakhuthazela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso futhi siyaqhubeka singcwele phambi kukaJehova. Kungani sizondwa kangaka sibe siyizakhamuzi ezithembekile, eziphila ukuphila okuhlanzekile nezigcina umthetho? (Roma 13:1-7) Kungoba siye senza uJehova waba iNkosi yethu EnguMbusi! Sinikela inkonzo engcwele ‘kuye yedwa’ futhi asisoze sayekethisa emithethweni nasezimisweni zakhe zokulunga.—Math. 4:10.

10. Yini eyenzeka ngesinye isikhathi lapho umzalwane othile eyekethisa endabeni yokungathathi-hlangothi?

10 Ngaphezu kwalokho ‘asiyona ingxenye yezwe.’ Ngenxa yalokho, asithathi hlangothi ezimpini zomhlaba nasezindabeni zombusazwe. (Funda uJohane 15:18-21; Isaya 2:4.) Abanye abazinikezele kuNkulunkulu baye bayekethisa endabeni yokungathathi-hlangothi. Abaningi babo baye baphenduka babuye baba nobuhlobo obuhle noBaba wethu osezulwini onesihe. (IHu. 51:17) Abambalwa abazange baphenduke. Ngokwesibonelo, phakathi neMpi Yezwe II, iziphathimandla zaqoqa abafowethu abangu-160 abaneminyaka engaphansi kwengu-45 ubudala, ababeboshwe ngokungafanele kuwo wonke amajele aseHungary, zabayisa edolobheni elilodwa. Zafike zabayala ukuba bangenele inkonzo yezempi. Laba bazalwane abathembekile baqhubeka benqaba ngokuqinile, kodwa abangu-9 kubo bavuma ukwenza isifungo sezempi nokugqoka iyunifomu. Ngemva kweminyaka emibili, omunye wababeyekethisile wazithola eyingxenye yamasosha ayejutshwe ukubulala oFakazi abathembekile. Phakathi kwabo kwakukhona nomntanakubo! Nokho, lowo myalo wokubabulala awubange usafezwa.

NIKELA KUJEHOVA NGOKUNGCONO KAKHULU KWAKHO

11, 12. Indlela uJehova ayefuna ukuba imihlatshelo isingathwe ngayo kwa-Israyeli wasendulo ibaluleke kanjani kumaKristu namuhla?

11 UMthetho KaMose wawufuna ukuba ama-Israyeli enze imihlatshelo ethile. (Lev. 9:1-4, 15-21) Le mihlatshelo kwakumelwe ingabi nasici ngoba yayifanekisela umhlatshelo ophelele kaJesu. Ngaphezu kwalokho, kwakunenqubo ethile eqondile okwakumelwe ilandelwe lapho kwenziwa uhlobo ngalunye lomnikelo noma umhlatshelo. Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho okwakudingeka owesifazane osanda kubeletha akwenze. Incwadi kaLevitikusi 12:6 ithi: “Ekupheleleni kwezinsuku zokuhlanzwa kwakhe ngenxa yendodana noma ngenxa yendodakazi uyoletha kumpristi emnyango wetende lokuhlangana iwundlu leduna elisonyakeni walo wokuqala ukuze libe umnikelo wokushiswa nephuphu lejuba noma ihobhe kube umnikelo wesono.” Izimfuneko uNkulunkulu ayezibekile zazicacile kodwa ukucabangela kwakhe kothando kuvela kahle kakhulu eMthethweni. Uma lona wesifazane ayengenakukwazi ukunikela ngemvu, wayevunyelwe ukuba anikele ngamahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba. (Lev. 12:8) Nakuba ayempofu, lo mkhulekeli wayethandwa futhi aziswa ngendlela efanayo nomuntu owenze umnikelo obiza kakhulu. Singafundani kulokhu?

12 Umphostoli uPawulu wakhuthaza ayekholwa nabo ukuba banikele kuNkulunkulu “umhlatshelo wokudumisa.” (Heb. 13:15) Izindebe zethu kufanele zivume obala igama likaJehova elingcwele. Abafowethu nodadewethu abayizithulu basebenzisa ulimi lwezandla ukuze banikele udumo olunjalo kuNkulunkulu. AmaKristu asevaleleke ezindlini amdumisa ngokubhala izincwadi, ukufakaza ngocingo nokushumayela kubantu abawanakekelayo noma abawavakashelayo. Umhlatshelo wethu wokudumisa—ukunikela kwethu udumo kuJehova ngokwenza igama lakhe laziwe nangokumemezela izindaba ezinhle—kufanele uhambisane nempilo namakhono ethu. Kufanele ube ongcono kakhulu.—Roma 12:1; 2 Thim. 2:15.

13. Kungani kufanele siwubike umsebenzi wethu wasensimini?

13 Imihlatshelo yethu yokudumisa iyiminikelo yomuntu siqu esiyenza ngokuzithandela kuNkulunkulu ngoba simthanda. (Math. 22:37, 38) Kodwa sicelwe ukuba siwubike umsebenzi wethu esiwenza enkonzweni. Ngakho-ke, isiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso ngaleli lungiselelo? Umbiko esiwufaka zinyanga zonke uhlobene nokuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu. (2 Pet. 1:7) Yebo, akekho kithi okufanele azizwe ecindezelekile ukuba asebenze amahora amaningi enkonzweni ukuze nje akwazi ukufaka umbiko othe xaxa walokho akwenzile enkonzweni yasensimini. Phela, yingakho ummemezeli woMbuso osekhaya lasebekhulile noma okhinyabezeke ngandlela-thile evunyelwe ukubika inkonzo yasensimini ngamaqoqo emizuzu engu-15 kunokubika amahora agcwele. UJehova wazisa leyo mizuzu njengomnikelo ongcono kakhulu walowo mmemezeli woMbuso futhi uyibheka njengesibonakaliso sothando analo ngaYe nokwazisa anakho ngelungelo elingenakuqhathaniswa lokukhonza njengomunye woFakazi baKhe. Njengama-Israyeli azimo zawo zazingawavumeli ukuba anikele ngeminye yemihlatshelo ebiza kakhulu, izinceku zikaJehova eziyigugu ngandlela-thile ezinezimo ezizilinganiselayo, zingakwazi ukubika. Imibiko yethu yomuntu ngamunye iba ingxenye yombiko womhlaba wonke, osiza inhlangano ukuba ikwazi ukuhlelela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wesikhathi esizayo. Ngakho-ke, ingabe sisuke sicelwa into elukhuni uma sicelwa ukuba sibike lokho esikwenzile emsebenzini wokushumayela?

IMIKHUBA YETHU YOKUTADISHA NEMINIKELO YOKUDUMISA

14. Chaza ukuthi kungani kufanele sihlole imikhuba yethu yokutadisha.

14 Ngemva kokuxoxa ngamagugu angokomoya ambalwa asencwadini kaLevitikusi, kungenzeka uyacabanga, ‘Sengiziqonda kangcono izizathu zokuba le ncwadi ifakwe eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe.’ (2 Thim. 3:16) Kungenzeka usuzimisele ngokwengeziwe ukuba ngcwele, hhayi ngoba uJehova efuna ube ngcwele kuphela kodwa ngoba ekufanelekela ukuba senze konke esingakwenza ukuze simjabulise. Mhlawumbe okufundile ngencwadi kaLevitikusi kulezi zihloko ezimbili kuye kwakhulisa isifiso sakho sokuba umbe ujule nakakhulu emiBhalweni isiyonke. (Funda izAga 2:1-5.) Yihlole ngosizo lomthandazo imikhuba yakho yokutadisha. Ngokuqinisekile ufisa ukuba imihlatshelo yakho yokudumisa yamukeleke kuJehova. Ingabe uthola ukuthi uvumela izinhlelo zethelevishini, imidlalo yama-computer, ezemidlalo noma imisetshenzana yokuzilibazisa kukuthikameze futhi kuphazamise intuthuko yakho engokomoya? Uma kunjalo, ungakuthola kuzuzisa kakhulu ukuzindla ngamazwi omphostoli uPawulu asencwadini yamaHebheru.

Ingabe izikhathi zokutadisha iBhayibheli nokuKhulekela Komkhaya ziza kuqala ekuphileni kwakho? (Bheka isigaba 14)

15, 16. Kungani uPawulu akhuluma ngendlela engagunci kangaka lapho ebhalela amaKristu angamaHebheru?

15 UPawulu wakhuluma ngendlela engagunci ngempela lapho ebhalela amaKristu angamaHebheru ayekanye nawo. (Funda eyamaHebheru 5:7, 11-14.) Lo mphostoli akazange agwegwese! Wawatshela ukuthi ayesebe “buthuntu” ekuzweni kwawo. Kungani uPawulu asebenzisa inkulumo enamandla kangaka, engagwegwesi? Wayebonakalisa uthando nokukhathalela kukaJehova ngalawo maKristu ayezama ukuphila ngobisi olungokomoya. Kubalulekile ukwazi izimfundiso eziyisisekelo zobuKristu. Nokho, kudingeka “ukudla okuqinile” ukuze umuntu akhule ngokomoya afinyelele ekuvuthweni kobuKristu.

16 La maHebheru ayengazange athuthuke aze afike ezingeni lokufundisa abanye, kunalokho ayesadinga umuntu ozowafundisa. Kungani? Kungenxa yokuthi ayegwema “ukudla okuqinile.” Zibuze: ‘Ingabe nginesimo sengqondo esifanele ngokudla okungokomoya okuqinile? Ngiyakudla yini? Noma ingabe ngiyakugwema ukuthandaza nokutadisha iBhayibheli ngokujulile? Uma kunjalo, kungenzeka yini ukuthi ngokwengxenye inkinga idalwa imikhuba yami yokutadisha?’ Akumelwe sishumayele kuphela kodwa kumelwe futhi sibafundise abantu, sibenze abafundi.—Math. 28:19, 20.

17, 18. (a) Kungani kufanele sikudle njalo ukudla okungokomoya okuqinile? (b) Ngokuphathelene nemihlangano yobuKristu, singase sikubheke kanjani ukusebenzisa uphuzo oludakayo?

17 Ukutadisha iBhayibheli kungase kungabi lula kwabaningi bethu. UJehova akazami ukukhuthaza abantu bakhe ukuba batadishe ngokubenza babe nomuzwa wecala. Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi sekuyiminyaka siyizinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele noma sisanda kuzinikezela, kufanele siqhubeke sidla ukudla okungokomoya okuqinile. Kubalulekile ukukwenza lokhu ukuze siqhubeke sihamba endleleni yobungcwele.

18 Ukuze sibe ngcwele, kumelwe sicabangisise ngemiBhalo futhi senze lokho uNkulunkulu asicela ukuba sikwenze. Cabanga ngamadodana ka-Aroni uNadabi no-Abhihu, abulawa ngenxa yokunikela “umlilo ongekho emthethweni,” mhlawumbe edakiwe. (Lev. 10:1, 2) Phawula lokho uNkulunkulu abe esekutshela u-Aroni. (Funda uLevitikusi 10:8-11.) Ingabe leyo ndinyana isho ukuthi akumelwe siphuze noma yiluphi uphuzo oludakayo ngaphambi kokuya emihlanganweni yobuKristu? Cabanga ngala maphuzu: Asikho ngaphansi koMthetho. (Roma 10:4) Kwamanye amazwe, amanye amaKristu esikanye nawo ayaluphuza uphuzo oludakayo ngokulinganisela ngezikhathi zokudla ngaphambi kokuya emihlanganweni yebandla. Kwakusetshenziswa izindebe zewayini ezine ngePhasika. Lapho emisa iSikhumbuzo, uJesu wanika abaphostoli bakhe iwayini elalimelela igazi lakhe. (Math. 26:27) IBhayibheli lilahla ukuphuza kakhulu nokudakwa. (1 Kor. 6:10; 1 Thim. 3:8) Unembeza wamaKristu amaningi ungawashukumisela ukuba alugweme ngokuphelele uphuzo oludakayo ngaphambi kokuhlanganyela kunoma yiluphi uhlobo lwenkonzo engcwele. Nokho, izimo ziyehluka emazweni ngamazwe, ngakho into ebalulekile ukuba amaKristu akwazi “ukwahlukanisa into engcwele nengcolile” ukuze aziphathe ngobungcwele obujabulisa uNkulunkulu.

19. (a) Yini okufanele siyikhumbule njalo ngokuphathelene nokukhulekela komkhaya nesifundo somuntu siqu? (b) Yini ozimisele ukuyenza endabeni yokuba ngcwele?

19 Kunamagugu angokomoya amaningi ozowathola uma umba eZwini likaNkulunkulu. Sebenzisa amathuluzi okucwaninga atholakalayo ukuze uthuthukise ukukhulekela komkhaya wakho nesifundo sakho somuntu siqu. Yandisa ulwazi lwakho ngoJehova nezinjongo zakhe. Qhubeka usondela kuye. (Jak. 4:8) Thandaza kuNkulunkulu njengoba kwenza umhubi owahlabelela: “Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.” (IHu. 119:18) Ungalokothi uyekethise emithethweni nasezimisweni zeBhayibheli. Wuthobele ngokuzithandela umthetho ophakeme kakhulu ‘woNgcwele,’ uJehova, futhi uhlanganyele ngentshiseko ‘emsebenzini ongcwele wezindaba ezinhle zikaNkulunkulu.’ (1 Pet. 1:15; Roma 15:16) Zibonakalise ungcwele kulezi zinsuku zokugcina zeziyaluyalu. Kwangathi sonke singaba ngcwele ekuziphatheni kwethu ngaleyo ndlela sisekele ubukhosi bukaNkulunkulu wethu ongcwele, uJehova.

^ isig. 6 Bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 2002.