Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Lalela Futhi Uqonde Incazelo’

‘Lalela Futhi Uqonde Incazelo’

“Ngilaleleni nonke, futhi nithole incazelo.”—MARKU 7:14.

1, 2. Kungani abaningi ababelalele uJesu bengakwazanga ukuqonda incazelo yamazwi akhe?

KUNGENZEKA umuntu ezwe othile ekhuluma naye. Kungenzeka azi nokuthi izwi likabani. Kodwa kungamsiza ngani uma engazange akuqonde lokho obekushiwo kuye? (1 Kor. 14:9) Ngokufanayo, kunezinkulungwane ezezwa uJesu ekhuluma. Wayekhuluma nazo nangolimi ezaziluqonda. Noma kunjalo, akuzona zonke ezayiqonda incazelo yamazwi akhe. Ngenxa yalokhu, uJesu wathi kwababemlalele: “Ngilaleleni nonke, futhi nithole incazelo.”—Marku 7:14.

2 Kungani abaningi bengazange bayiqonde incazelo yalokho okwashiwo uJesu? Abanye base benemibono yabo kakade kanye nezisusa ezimbi. Kulabo uJesu wathi: “Ngobuhlakani nibekela eceleni umyalo kaNkulunkulu ukuze nilondoloze isiko lenu.” (Marku 7:9) Laba bantu abazange ngempela bazame ukuthola incazelo yamazwi kaJesu. Babengafuni ukushintsha izindlela nemibono yabo. Kungenzeka ukuthi izindlebe zabo zazivulekile, kodwa izinhliziyo zabo zazivaleke ngci! (Funda uMathewu 13:13-15.) Nokho, singaqiniseka kanjani ukuthi izinhliziyo zethu zihlale zivulekile ukuze sizuze kulokho uJesu akufundisa?

INDLELA YOKUZUZA KULOKHO UJESU AKUFUNDISA

3. Kungani abafundi bakwazi ukuqonda amazwi kaJesu?

3 Kudingeka silandele isibonelo sabafundi bakaJesu abathobekile. Wathi ngabo: “Ayajabula amehlo enu ngoba ayabona, nezindlebe zenu ngoba ziyezwa.” (Math. 13:16) Kungani bakwazi ukuqonda kuyilapho abanye bengakwazanga? Okokuqala, babezimisele ukubuza imibuzo nokuthola ukuthi uJesu wayesho ukuthini ngempela. (Math. 13:36; Marku 7:17) Okwesibili, babezimisele ukwakhela kulokho abase bekwamukele ezinhliziyweni zabo. (Funda uMathewu 13:11, 12.) Okwesithathu, babezimisele ukusebenzisa ababekuzwile futhi bakuqonda, hhayi kuphela ekuphileni kwabo siqu kodwa nasemizamweni yabo yokusiza abanye.—Math. 13:51, 52.

4. Yiziphi izinyathelo ezintathu ezihilelekile ekuqondeni imifanekiso kaJesu?

4 Uma sifuna ukuqonda imifanekiso kaJesu, kudingeka silandele isibonelo sabafundi bakhe abathembekile. Nakulokhu kuhileleke izinyathelo ezintathu. Esokuqala, kudingeka sizimisele ukubekela eceleni isikhathi sokutadisha nokuzindla ngalokho uJesu akusho, ukwenza ucwaningo oludingekayo nokubuza imibuzo ehambisana nendaba. Lokhu kusenza sibe nolwazi. (IzAga 2:4, 5) Esesibili, kudingeka sibone ukuthi lolo lwazi luhlobana kanjani nalokho esesikwazi, sibone nokuthi lusizuzisa kanjani thina. Lokhu kusenza sibe nokuqonda. (IzAga 2:2, 3) Esokugcina, kufanele sikusebenzise ekuphileni kwethu lokho esikufundile. Lokhu kubonisa ukuhlakanipha.—IzAga 2:6, 7.

5. Bonisa umahluko phakathi kolwazi, ukuqonda nokuhlakanipha.

5 Uyini umahluko phakathi kolwazi, ukuqonda nokuhlakanipha? Ungase ufanekiswe ngale ndlela: Zicabange umi maphakathi nomgwaqo futhi ubona ibhasi liza ngakuwe. Okokuqala, uyaqaphela ukuthi yibhasi leli elizayo—lokho kuwulwazi. Okwesibili, uyaqaphela ukuthi uma ungaqhubeka umi lapho, leli bhasi lizokushayisa—lokho kuwukuqonda! Ngakho uyagxuma usuke endleleni—lokho kuwukuhlakanipha! Akumangalisi ukuthi iBhayibheli ligcizelela ukuthi kudingeka ‘silonde ukuhlakanipha okusebenzayo.’ Kungasindisa ukuphila kwethu!—IzAga 3:21, 22; 1 Thim. 4:16.

6. Imiphi imibuzo emine esizoyibuza njengoba sihlola imifanekiso kaJesu engu-7? (Bheka  ibhokisi elikulesi sihloko.)

6 Kulesi sihloko nakwesilandelayo, sizohlola imifanekiso engu-7 uJesu ayisebenzisa. Njengoba siyihlola, sizobuza imibuzo elandelayo: Usho ukuthi lo mfanekiso? (Lokhu kusisiza sibe nolwazi.) Kungani uJesu asinika lo mfanekiso? (Lokhu kusenza sibe nokuqonda.) Singakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa ukuze sizisize thina nabanye? (Lokhu kuwukuhlakanipha.) Owokugcina, lokhu kusifundisani ngoJehova nangoJesu?

UHLAMVU LWESINAPHI

7. Iyini incazelo yomfanekiso wohlamvu lwesinaphi?

7 Funda uMathewu 13:31, 32. Iyini incazelo yomfanekiso kaJesu wohlamvu lwesinaphi? Uhlamvu ngokwalo lumelela isigijimi soMbuso nomphumela wokushumayela leso sigijimi—ibandla lobuKristu. Njengohlamvu lwesinaphi “oluyimbewu encane kunazo zonke,” ibandla lobuKristu laba nesiqalo esincane ngo-33 C.E. Nokho, ngemva nje kwamashumi ambalwa eminyaka, lelo bandla lakhula ngokushesha. Lakhula ngendlela eyayingalindelwe muntu. (Kol. 1:23) Lokho kukhula kwazuzisa ngoba uJesu usitshela ukuthi “izinyoni zezulu” zakwazi ‘ukuthola indawo yokuhlala phakathi kwamagatsha’ alo muthi. Lezi zinyoni ezingokomfanekiso zifanekisela abantu abanhliziyo ziqotho abathola ukudla okungokomoya, umthunzi nesikhoselo ebandleni lobuKristu.—Qhathanisa noHezekeli 17:23.

8. Kungani uJesu asebenzisa umfanekiso wohlamvu lwesinaphi?

8 Kungani uJesu asebenzisa lo mfanekiso? Wasebenzisa ukukhula okumangalisayo kohlamvu lwesinaphi ukuze afanekise amandla elungiselelo loMbuso kaNkulunkulu okukhula, ukuvikela nokunqoba zonke izithiyo. Kusukela ngo-1914, ingxenye ebonakalayo yenhlangano kaNkulunkulu ibilokhu ikhula ngezinga elimangalisayo! (Isaya 60:22) Labo abazihlanganisa nale nhlangano batholé isivikelo esingokomoya esihle kakhulu. (IzAga 2:7; Isaya 32:1, 2) Ngaphezu kwalokho, ukwanda okuqhubekayo kwezinto eziphathelene noMbuso kuye kwabonakala kunganqandeki, kunqoba konke ukuphikiswa.—Isaya 54:17.

9. (a) Isiphi isifundo esingasifunda emfanekisweni wohlamvu lwesinaphi? (b) Lokhu kusifundisani ngoJehova nangoJesu?

9 Singafundani emfanekisweni wohlamvu lwesinaphi? Kungenzeka sihlala endaweni enoFakazi abambalwa noma esingayiboni ngokushesha kuyo imiphumela yomsebenzi wethu wokushumayela. Nokho, ukukhumbula ukuthi ilungiselelo loMbuso linganqoba zonke izithiyo kuyosiqinisa ukuba sikhuthazele. Ngokwesibonelo, ngesikhathi uMfoweth’ u-Edwin Skinner efika eNdiya ngo-1926, kwakunoFakazi abambalwa kuphela kulelo zwe. Yayiyincane kakhulu intuthuko ekuqaleni, futhi umsebenzi wachazwa ngokuthi “uyenyukela.” Kodwa waqhubeka eshumayela futhi wabona indlela isigijimi soMbuso esanqoba ngayo izithiyo ezinkulu. Manje kunoFakazi abangaphezu kuka-37 000 ababika njalo eNdiya, futhi bangaphezu kuka-108 000 ababekhona eSikhumbuzweni ngonyaka odlule. Cabanga nangesibonelo sendlela ilungiselelo loMbuso eliye lakhula ngayo ngokumangalisayo. Ngonyaka uMfoweth’ uSkinner afika ngawo eNdiya, umsebenzi wokushumayela wawusanda kuqala eZambia. Manje kunabamemezeli abangaphezu kuka-170 000 abashumayelayo kulelo zwe futhi bangu-763 915 ababekhona eSikhumbuzweni ngo-2013. Lokhu kusho ukuthi umuntu oyedwa kwabangu-18 eZambia waba khona eSikhumbuzweni. Yeka ukukhula okumangalisayo!

IMVUBELO

10. Iyini incazelo yomfanekiso wemvubelo?

10 Funda uMathewu 13:33. Iyini incazelo yomfanekiso wemvubelo? Lo mfanekiso nawo ubhekisela esigijimini soMbuso nakulokho esikuvezayo. “Yonke inhlama” kafulawa imelela zonke izizwe, futhi inqubo yokubila imelela ukusakazeka kwesigijimi soMbuso ngomsebenzi wokushumayela. Nakuba ukukhula kohlamvu lwesinaphi kubonakala ngokucacile, ukusakazeka kwemvubelo kona kuqale kungabonakali. Imiphumela yako iba sobala ngemva kwesikhathi esithile.

11. Kungani uJesu asebenzisa umfanekiso wemvubelo?

11 Kungani uJesu asebenzisa lo mfanekiso? Wayebonisa ukuthi isigijimi soMbuso sinamandla okusakazeka yonke indawo nokubangela izinguquko. Isigijimi soMbuso siye safinyelela “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Nokho, izinguquko ezibangelwa yilesi sigijimi azibi sobala ngaso sonke isikhathi; empeleni eminye imiphumela yaso ingase ingabonakali ekuqaleni. Kodwa lukhona ushintsho olwenzekayo—hhayi nje ezibalweni zodwa kodwa nasebuntwini balabo abamukela lesi sigijimi esifinyelela yonke indawo.—Roma 12:2; Efe. 4:22, 23.

12, 13. Nikeza izibonelo zendlela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso oye wakhula ngayo ngendlela okuchazwe ngayo emfanekisweni wemvubelo.

12 Ngokuvamile, umphumela womsebenzi wokushumayela ubonakala sekudlule iminyaka eminingi umsebenzi uqalile. Ngokwesibonelo, uFranz noMargit, manje abakhonza kwelinye igatsha, ngo-1982 babekhonza ehhovisi legatsha eBrazil. Bashumayela edolobhaneni elithile elisemaphandleni. Phakathi kwabantu abaqala ukubafundela kwakunomama nezingane zakhe ezine. Umfana omdala, ngaleso sikhathi owayeneminyaka engu-12, wayebulawa amahloni futhi ngokuvamile wayezama ukucasha lapho isifundo sesizoqala. Lo mbhangqwana awukwazanga ukuqhubeka nalesi sifundo ngoba isabelo sawo sashintsha. Kodwa wakwazi ukuvakasha kuleli dolobhana ngemva kweminyaka engu-25. Watholani? Kwase kunebandla elinabamemezeli abangu-69, abangu-13 kubo bengamaphayona avamile, behlanganyela eHholo LoMbuso elisha. Kuthiwani ngaloya mfanyana owayenamahloni? Manje usekhonza njengomxhumanisi wendikimba yabadala! Njengemvubelo yomfanekiso kaJesu, isigijimi soMbuso sasikhulile futhi sashintsha ukuphila kwabaningi—okwawujabulisa kakhulu lo mbhangqwana owawuvakashile!

13 Amandla angabonakali esigijimi soMbuso okushintsha abantu abelokhu esobala ikakhulukazi emazweni lapho umsebenzi woMbuso uvinjelwe khona ngokomthetho. Kunzima ukwazi ukuthi isigijimi sesisakazeke kangakanani kulawo mazwe, futhi imiphumela ivame ukusimangaza. Ngokwesibonelo, cabanga ngezwe laseCuba. Isigijimi soMbuso safinyelela kulelo zwe ngo-1910, kwathi ngo-1913 uMfoweth’ uRussell wahambela khona. Nokho, ekuqaleni intuthuko yayihamba kancane. Yini esiyibonayo manje eCuba? Kunabamemezeli abangaphezu kuka-96 000 abashumayela izindaba ezinhle, futhi bangu-229 726 ababekhona eSikhumbuzweni ngo-2013—okuyisilinganiso somuntu oyedwa kwabangu-48 enanini labantu bakuleso siqhingi. Ngisho nasemazweni umsebenzi wethu ongavinjelwe kuwo, kungenzeka ukuthi isigijimi soMbuso siye safinyelela nasezindaweni oFakazi bendawo abacabanga ukuthi kuncane kakhulu okungenziwa kuzo. *UmSh. 8:7; 11:5.

14, 15. (a) Singazuza kanjani thina ngokwethu esifundweni esitholakala emfanekisweni wemvubelo? (b) Lokhu kusifundisani ngoJehova nangoJesu?

14 Singazuza kanjani kulokho uJesu asifundisa kona emfanekisweni wemvubelo? Lapho sizindla ngencazelo yomfanekiso kaJesu, siyaqaphela ukuthi asikho isidingo sokuba sikhathazeke kakhulu ngokuthi isigijimi soMbuso siyozifinyelela kanjani izigidi zabantu abangakasizwa. Akuyona neze inkinga lokho kuJehova. Yini thina okumelwe siyenze? IZwi likaNkulunkulu liyaphendula: “Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule; ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona, kungaba lapha noma laphaya, noma ukuthi zombili ziyoba zinhle ngokufanayo.” (UmSh. 11:6) Ngesikhathi esifanayo akufanele sikhohlwe ukuthandazela ukuba umsebenzi wokushumayela uphumelele, ikakhulukazi emazweni ovinjelwe kuwo.—Efe. 6:18-20.

15 Ngaphezu kwalokho, akufanele sidikibale uma singayiboni imiphumela yomsebenzi wethu ekuqaleni. Akufanele nanini silwedelele “usuku lwezinto ezincane.” (Zak. 4:10) Singathola ukuthi imiphumela igcina imikhulu futhi imihle kakhulu kunalokho esake sakucabanga!—IHu. 40:5; Zak. 4:7.

UMTHENGISI OHAMBAHAMBAYO NOMCEBO OFIHLIWE

16. Iyini incazelo yomfanekiso womthengisi ohambahambayo nowomcebo ofihliwe?

16 Funda uMathewu 13:44-46. Iyini incazelo yomfanekiso womthengisi ohambahambayo nowomcebo ofihliwe? Ngosuku lukaJesu, abanye abathengisi babehamba baze bafike nase-Indian Ocean ukuze bathole amaparele amahle kakhulu. Umthengisi kulo mfanekiso umelela abantu abanhliziyo ziqotho abadela lukhulu ukuze banelise izidingo zabo ezingokomoya. “Iparele elilodwa lenani eliphakeme” limelela iqiniso loMbuso eliyigugu. Ngemva kokuba ebone ukuthi lelo parele lalingelenani elingakanani, umthengisi wayezimisele ukudayisa “masinyane” zonke izinto ayenazo ukuze alithenge. UJesu wabuye wakhuluma ngomuntu okwathi esebenza ensimini wathola umcebo “ofihliwe.” Ngokungafani nomthengisi, lo muntu yena wayengahambi efuna umcebo. Kodwa njengomthengisi, wayezimisele ukudayisa “lokho anakho” ukuze athenge lowo mcebo.

17. Kungani uJesu enza umfanekiso womthengisi ohambahambayo nowomcebo ofihliwe?

17 Kungani uJesu enza le mifanekiso emibili? Wayebonisa ukuthi iqiniso litholakala ngezindlela ezihlukahlukene. Abanye bayalifuna futhi badele lukhulu ukuze balithole. Abanye, nakuba bengazange bahambe belifuna, baye balithola—mhlawumbe ngokulilethelwa. Kunoma yikuphi, ngamunye walaba bantu uye waqaphela inani lalokho akutholile futhi wazimisela ukuzidela kakhulu ukuze akuzuze.

18. (a) Singazuza kanjani kule mifanekiso emibili? (b) Lokhu kusifundisani ngoJehova nangoJesu?

18 Singazuza kanjani kule mifanekiso emibili? (Math. 6:19-21) Zibuze: ‘Ingabe nginesimo sengqondo esifanayo nesalaba bantu? Ingabe iqiniso ngilazisa ngendlela efanayo? Ngizimisele yini ukuzidela ukuze ngilithole, noma ngivumela ezinye izinto, njengezinkathazo zokuphila, ukuba zingithikameze?’ (Math. 6:22-24, 33; Luka 5:27, 28; Fil. 3:8) Indlela esijabula kakhulu ngayo ngokuthola iqiniso iyosenza sizimisele ngokuqinile ukuligcina lisendaweni yokuqala ekuphileni kwethu.

19. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?

19 Kwangathi singabonisa ukuthi siye salalela futhi sayiqonda ngempela incazelo yale mifanekiso yoMbuso. Masikhumbule ukuthi lokhu asikwenzi ngokwazi incazelo yayo kuphela kodwa nangokusebenzisa izifundo esizithola kuyo. Esihlokweni esilandelayo sizoxoxa ngeminye imifanekiso emithathu bese sibona ukuthi iziphi izifundo esingazithola kuyo.

^ isig. 13 Kuye kwaba nemiphumela efanayo emazweni anjenge-Argentina (INcwadi Yonyaka Ka-2001, ikhasi 186); iMpumalanga Jalimane (INcwadi Yonyaka Ka-1999, ikhasi 83); iPapua New Guinea (INcwadi Yonyaka Ka-2005, ikhasi 63); iSiqhingi saseRobinson Crusoe (INqabayokulinda ka-June 15, 2000, ikhasi 9).