Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Yini ebangela ukuba abantu abaningi bazibuze ngokuba khona koMdali?

Akumangalisi yini ukuphila?

Eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule, imbongi ethile yabhala: “Ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.” (IHubo 139:14) Akukumangalisi yini ukucabanga ngendlela ingane eyakhekha ngayo isuka engqamuzaneni elilodwa? Abantu abaningi bayavuma ukuthi izinto eziphilayo zaklanywa uMdali.—Funda iHubo 139:13-17; Hebheru 3:4.

Lowo owadala indawo yonke wenza nokuba umhlaba ukwazi ukusekela ukuphila, wadala nezinto eziphilayo. (IHubo 36:9) Uye wakhuluma nabantu futhi wenza ukuba bamazi.—Funda u-Isaya 45:18.

Ingabe savela ezilwaneni?

Imizimba yethu iyafana neyezilwane ngezindlela eziningi. Lokhu kubangelwa ukuthi izilwane nabantu benziwa uMdali ukuze baphile emhlabeni. Umuntu wokuqala akavelanga esilwaneni, uNkulunkulu wamenza ngothuli.—Funda uGenesise 1:24; 2:7.

Abantu bahlukile ezilwaneni ngezindlela ezimbili ezibalulekile. Okokuqala, abantu bayakwazi ukuqonda, ukuthanda nokuhlonipha uMdali. Okwesibili, ngokungafani nezilwane ezazingadalelwanga ukuba ziphile phakade, abantu badalelwa ukuba baphile phakade. Nokho manje, bonke abantu bayafa ngenxa yokuthi indoda yokuqala yasenqaba isiqondiso soMdali.—Funda uGenesise 1:27; 2:15-17.