Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kungani Kufanele Sikhumbule Ukufa KukaJesu?

Yiliphi Ikusasa Elilethwa Ukufa KukaJesu?—Isaya 25:8; 33:24

Ukufa kukaJesu kwakuyisenzakalo esibaluleke kakhulu emlandweni—wafa ukuze abuyisele ukuphila kwabantu kulokho okufanele kube yikho. Umuntu wayengadalwanga enokuthambekela kokwenza izinto ezimbi, engadalelwanga nokuba agule noma afe. (Genesise 1:31) Kodwa isono sangena ezweni ngomuntu wokuqala, u-Adamu. UJesu wanikela ngokuphila kwakhe ukuze asisindise esonweni nasekufeni.—Funda uMathewu 20:28; Roma 6:23.

UNkulunkulu wabonisa uthando olukhulu ngokuthumela iNdodana yakhe emhlabeni ukuze isifele. (1 Johane 4:9, 10) UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe ngomkhosi ongenamicikilisho wesikwa newayini. Ukwenza lokho unyaka ngamunye kuyindlela yokubonisa ukwazisa kwethu ngothando olwaboniswa uNkulunkulu noJesu.—Funda uLuka 22:19, 20.

Obani okufanele badle isinkwa futhi baphuze iwayini?

Lapho uJesu etshela abafundi bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe, wakhuluma ngesivumelwano. (Mathewu 26:26-28) Sabavulela ithuba bona kanye nabanye abayinani elilinganiselwe lokuba amakhosi nabapristi kanye naye ezulwini. Nakuba beyizigidi abantu abakhumbula ukufa kukaJesu, yilabo abakuleso sivumelwano kuphela abadla isinkwa baphuze newayini.—Funda IsAmbulo 5:10.

Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000, uJehova ubelokhu ekhetha labo abazoba amakhosi. (Luka 12:32) Bambalwa ngesibalo kunalabo abazophila phakade emhlabeni.—Funda IsAmbulo 7:4, 9, 17.