Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNGATHANDA YINI UKUFUNDA IBHAYIBHELI?

Ukufunda IBhayibheli Nabantu Bonke

Ukufunda IBhayibheli Nabantu Bonke

OFakazi BakaJehova baziwa kakhulu ngomsebenzi wabo wokushumayela emphakathini. Kodwa ingabe bewazi ukuthi siphinde sibe nelungiselelo lokufundisa abantu iBhayibheli emhlabeni wonke?

Ngo-2014, oFakazi abangaphezu kuka-8 000 000 emazweni angu-240, baye bafunda iBhayibheli nabantu abangaba ngu-9 500 000 inyanga ngayinye. * Abantu abafunda nathi iBhayibheli baningi kakhulu ukwedlula inani labantu abasemazweni angaba ngu-140 anenani labantu elingaphansi kuka-9 500 000!

Ukuze benze lo msebenzi wokufundisa, unyaka ngamunye oFakazi BakaJehova banyathelisa amaBhayibheli, izincwadi, omagazini kanye nezinye izincwadi zokufunda iBhayibheli ezicishe zibe ngu-1 500 000 000—ngezilimi ezingaba ngu-700! Ukunyatheliswa kwezincwadi okubabazeka ngale ndlela, kwenza abantu bafunde iBhayibheli ngolimi abaluthandayo.

IZIMPENDULO ZEMIBUZO EVAME UKUBUZWA MAYELANA NENDLELA ESIFUNDELA NGAYO ABANTU IBHAYIBHELI

Isifundo seBhayibheli sihlelwe kanjani?

Sibheka izihloko zeBhayibheli ezihlukahlukene bese sixoxa ngamavesi eBhayibheli ahlobana nesihloko esisuke sixoxa ngaso. Ngokwesibonelo, iBhayibheli liphendula imibuzo enjengethi: Ungubani uNkulunkulu? Unjani? Ingabe unalo igama? Uhlala kuphi? Ingabe singakwazi ukusondela kuye? Inselele iba ukwazi ukuthi kumelwe uvule liphi ivesi eBhayibhelini ukuze uthole izimpendulo.

Ukuze sisize abantu bathole izimpendulo, sivame ukusebenzisa incwadi enamakhasi angu-224 ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? * Le ncwadi iklanyelwe ngokukhethekile ukusiza abantu baqonde izimfundiso zeBhayibheli eziyinhloko. Inezifundo ezikhuluma ngoNkulunkulu, uJesu Kristu, ukuhlupheka kwabantu, uvuko, umthandazo kanye nezinye eziningi.

Isifundo seBhayibheli singenziwa kuphi futhi nini?

Isifundo singenzelwa endaweni ethandwa nguwe nangesikhathi osithandayo.

Kufundwa isikhathi eside kangakanani ngosuku?

Abantu abaningi bakhetha ukufunda nathi iBhayibheli isikhathi esingangehora isonto ngalinye. Kodwa umuntu angazikhethela ukuthi ufuna ukufunda isikhathi eside kangakanani. Thina sizosebenzisa isikhathi osinika sona. Abanye bafunda imizuzu eyishumi noma eyishumi nanhlanu isonto ngalinye.

Kubiza malini ukufunda?

Ukufunda, nezincwadi zokufunda kumahhala. Lokhu kuvumelana nesiqondiso uJesu asinika abafundi bakhe: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”—Mathewu 10:8.

Umuntu uqeda nini ukufunda?

Ungaqhubeka ufunda uma nje usathanda. Incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? inezifundo ezingu-19. Ungazifunda zonke noma ufunde ozithandayo kuphela, kuye ngezimo zakho.

Ingabe kumelwe ngibe omunye woFakazi BakaJehova?

Cha. Siyalihlonipha ilungelo lomuntu ngamunye lokukhetha lokho afuna ukukukholelwa. Nokho, abantu abathola ulwazi oluyisisekelo lweBhayibheli bangakwazi ukwenza isinqumo esihlakaniphe kakhudlwana.

Ngingaluthola kuphi ulwazi olwengeziwe?

Ingosi ethi jw.org/zu inikeza ukwaziswa okunembile ngezinkolelo nemisebenzi yoFakazi BakaJehova.

Ngingacela kanjani ukufundelwa iBhayibheli?

  • Faka isicelo kuyi-Internet engosini ethi www.pr418.com/zu.

  •  
  • Xhumana noFakazi BakaJehova abaseduze nawe. Ungafuna igama elithi “Jehovah’s Witnesses” ohlwini lwezinombolo zocingo endaweni yangakini.

^ isig. 4 Ngokuvamile kufundwa nomuntu ngamunye noma neqembu elincane labantu.

^ isig. 9 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova. Kuye kwanyatheliswa amakhophi ale ncwadi angaphezu kuka-230 000 000 ngezilimi ezingaphezu kuka-260.