Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INDLELA YOKUBHEKANA NOKUKHATHAZEKA

Izwe Ligcwele Izinkathazo!

Izwe Ligcwele Izinkathazo!

“Ngaya esitolo ngiyothenga ukudla kodwa ngathola amakhekhe kuphela—intengo yawo yayisiphindeke izikhathi ezingu-10 000 kunenani elivamile! Ngosuku olulandelayo, ukudla kwakungasekho nhlobo ezitolo.”—UPaul, eZimbabwe.

“Umyeni wami wangitshela ukuthi uyahamba ekhaya. Ngangizobhekana kanjani nalobu buhlungu? Lokhu kwakuzozithinta kanjani izingane zami?”—UJanet, e-United States.

“Lapho ngizwa inhlabamkhosi, ngiyabaleka ngicashe bese ngilala phansi njengoba kuqhuma amabhomu. Lokhu kungishiya ngiqhaqhazela, ngisho nangemva kwamahora amaningi kwenzekile.”—U-Alona, e-Israel.

Siphila ezikhathini ezigcwele izinkathazo, “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1) Abantu abaningi babhekene nezinkinga zezimali, ukuwohloka kwemindeni, izimpi, izifo ezibulalayo nezinhlekelele zemvelo noma ezibangelwa abantu. Ukwenezela kulokho, kunemibuzo abantu abazibuza yona ebenza bakhathazeke, enjengokuthi: ‘Ingabe leli qhubu elisemzimbeni wami lizoba umdlavuza?’ ‘Liyobe linjani leli zwe lapho abazukulu bami sebekhulile?’

Izinga elithile lokukhathazeka liyafaneleka. Kungokwemvelo ukuba sicindezeleke ngaphambi kokubhala isivivinyo, ukwenza into ethile phambi kwesixuku noma ukuhlolelwa umsebenzi. Ukwesaba ukulimala kusisiza sigweme izingozi. Kodwa ukukhathazeka njalo noma ngokweqile kungasilimaza. Ucwaningo lwakamuva oluhlanganisa abantu abangaphezu kuka-68 000 lubonise ukuthi ngisho nokukhathazeka okuncane kwandisa amathuba okufa ngaphambi kwesikhathi. UJesu wabuza kufanele: “Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa esikhathini sakhe sokuphila?” Ngempela ukukhathazeka akwenezeli izinsuku ekuphileni komuntu. Ngakho uJesu weluleka: “Yekani ukukhathazeka.” (Mathewu 6:25, 27) Kodwa lokho kungenzeka kanjani?

Impendulo yalo mbuzo ihilela ukusebenzisa ukuhlakanipha okusebenzayo, ukuba nokholo lwangempela kuNkulunkulu nokwakha ithemba eliqinisekisiwe ngekusasa. Ngisho noma okwamanje singabhekene nezimo ezinzima, kungenzeka sibhekane nazo ngokuhamba kwesikhathi. Ngakho ake sibone ukuthi uPaul, uJanet kanye no-Alona kwabasiza kanjani ukusebenzisa la macebiso ukuze babhekane nokukhathazeka.