Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INDLELA YOKUBHEKANA NOKUKHATHAZEKA

Ukukhathazeka Ngomndeni

Ukukhathazeka Ngomndeni

UJanet uthi: “Ngemva nje kokushona kukababa, umyeni wami wangitshela ukuthi uthandana nomunye owesifazane. Ngokushesha ngemva kwalokho, wathatha izimpahla zakhe wangishiya nezingane zethu ezimbili, akazange asho lutho kimi noma avalelise.” UJanet wathola umsebenzi, kodwa ngenxa yokuthi umholo ayewuthola wawumncane, akakwazanga ukuqhubeka ekhokhela isikweletu sendlu yabo. Akabhekananga nezinkinga zezimali kuphela. Uthi: “Ukukhathazeka okwakubangelwa yizo zonke izinto manje okwakudingeka ngizenze ngedwa, kwakungicindezela kakhulu. Ngangiphatheka kabi ngoba kwakukuncane kakhulu engangikwazi ukukwenzela izingane zami uma kuqhathaniswa nokwakwenziwa abanye abazali. Ngisho namanje, ngiyakhathazeka lapho ngicabanga ngendlela abantu abasibheka ngayo, mina nezingane zami. Ingabe bazibuza ukuthi ngiye ngenza konke yini ebengingakwenza ukuze ngisindise umshado wami?”

UJanet

UJanet usizwa umthandazo ukuze akwazi ukulawula imizwa yakhe futhi aqinise ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Uthi: “Njengoba kusuke kuthulekile, isikhathi sasebusuku siyisikhathi esinzima kunazo zonke, imicabango ekhathazayo ivele ingenze ngikhungatheke. Ukuthandaza nokufunda iBhayibheli kungisiza ukuba ngilale. Umbhalo engiwuthanda kakhulu uFilipi 4:6, 7 othi: ‘Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo.’ Ngiye ngachitha ubusuku obuningi ngithandaza futhi ngiye ngezwa ukuthula okuvela kuJehova kungiduduza.”

Amazwi aqinisayo uJesu awasho lapho ekhuluma ngomthandazo eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, asebenza kuzo zonke izinhlobo zokukhathazeka: “UYihlo uyazazi izinto enizidingayo ningakaceli nakucela kuye.” (Mathewu 6:8) Kodwa kuyadingeka ukuba simcele. Umthandazo uyindlela eyinhloko ‘yokusondela kuNkulunkulu.’ Uba yini umphumela? “Naye uyosondela kini.”—Jakobe 4:8.

Yebo, ukuthululela izinkathazo zethu kuNkulunkulu ngomthandazo akugcini nje ngokudambisa ukukhathazeka kwethu. UJehova, ‘uMuzwi womthandazo’ uphinde asize bonke labo abamfuna ngokholo. (IHubo 65:2) Yingakho uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba “bathandaze ngaso sonke isikhathi bangayeki.” (Luka 18:1) Kumelwe siqhubeke sicela isiqondiso nosizo lukaNkulunkulu, siqiniseka ngokuthi uyosivuza ngokholo lwethu. Akumelwe nanini singabaze isifiso noma amandla akhe okusisiza. ‘Ukuthandaza singaphezi’ ngale ndlela kubonisa ukuthi sinokholo lwangempela.—1 Thesalonika 5:17.

LOKHO OKUSHIWO UKUBA NOKHOLO

Luyini ngempela ukholo? Ukuba nokholo kuhilela ‘ukungenisa ulwazi’ ngoNkulunkulu njengomuntu ongokoqobo. (Johane 17:3) Lokho sikwenza ngokwamukela imicabango kaNkulunkulu eseBhayibhelini. Sifunda ukuthi ubona ngamunye kithi futhi ufuna ukusisiza. Nokho, ukholo lwangempela luhilela okungaphezu kokwazi nje okuthile ngoNkulunkulu. Luhilela ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngeke sibe nobuhlobo noNkulunkulu ngosuku olulodwa, njengoba nje singeke sakhe ubungane nomuntu ngosuku olulodwa. Ukholo lwethu luqhubeka “lwandiswa” njengoba sifunda okwengeziwe ngaye, ‘senza izinto ezimjabulisayo’ futhi sibona indlela asisiza ngayo. (2 Korinte 10:15; Johane 8:29) Yilolo hlobo lokholo olwasiza uJanet wabhekana nezinkathazo.

UJanet uthi: “Okuye kwangisiza ngaqinisa ukholo lwami, ukubona indlela uJehova aye wangisekela ngayo. Ezikhathini eziningi besibhekana nokungabi nabulungisa okwakubonakala kungaphezu kwamandla ethu. Lapho ngithandaza kuye, uJehova ubehlale eveza isu ebengingeke ngilicabange. Lapho ngimbonga, ngivele ngikhumbule indlela ebabazekayo angisize ngayo. Njalo ubesisiza ngesikhathi esidinga ngaso usizo. Uye wanginika abangane beqiniso, abesilisa nabesifazane abangamaKristu eqiniso. Bahlale bekulungele ukungisiza futhi bayisibonelo esihle ezinganeni zami.” *

“Sengiyazi ukuthi kungani uJehova ethi kuMalaki 2:16: “Uyakuzonda ukuhlukanisa umshado.” Kumuntu ongenacala kuletha ubuhlungu obukhulu. Sekuphele iminyaka umyeni wami ahamba, kodwa ngezinye izikhathi ngiba nomzwangedwa futhi ngizizwa ngingelutho. Lapho ngizizwa ngaleyo ndlela, ngizama ukwenza into engasiza omunye umuntu, ukwenza kanjalo kuhlale kungisiza.” Ngokusebenzisa isimiso seBhayibheli sokugwema ukuzahlukanisa, uJanet unciphisa ukukhathazeka kwakhe. *IzAga 18:1.

“UNkulunkulu unguyise wentandane nomahluleli wabafelokazi.”—IHubo 68:5.

UJanet uthi: “Kungiduduza kakhulu ukwazi ukuthi ‘uNkulunkulu unguyise wentandane nomahluleli wabafelokazi.’ Akasoze asilahle njengoba kwenza umyeni wami.” (IHubo 68:5) UJanet uyazi ukuthi uNkulunkulu akasilingi “ngezinto ezimbi.” Ngokuphambene nalokho, upha bonke abantu ukuhlakanipha “ngesandla esivulekile” futhi usinika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze asisize sibhekane nezinkathazo zethu.—Jakobe 1:5, 13; 2 Korinte 4:7.

Kuthiwani uma sikhathazeke ngokuthi ukuphila kwethu kusengozini?

^ isig. 10 Ukuze uthole izindlela ezengeziwe zokubhekana nokukhathazeka, bheka izihlokwana eziwuchungechunge ezingaphansi kwesihloko esisesembozweni esithi “Ingabe Uyakulawula Ukuphila Kwakho?” kuyi-Phaphama! kaJuly 2015, iyatholakala engosini ethi www.pr418.com/zu.