Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Buvelaphi ububi?

Ubani owazama ukulinga uJesu ukuba enze okubi?—Mathewu 4:8-10

Ngokuvamile, abantu bafuna ukuba nokuthula, bathembeke futhi babe nomusa. Pho-ke, kungani sivame ukubona ubudlova, ukungabi nabulungisa nonya? Sihlale sizwa imibiko ethusayo. Ingabe kukhona umuntu obangela ukuba abantu benze izinto ezimbi?— Funda eyoku-1 Johane 5:19.

Ingabe uNkulunkulu wadala abantu benokuthambekela kokwenza okubi? Cha, uJehova uNkulunkulu wadala abantu ngomfanekiso wakhe, bethambekele ekulingiseni uthando lwakhe. (Genesise 1:27; Jobe 34:10) Kodwa uNkulunkulu wahlonipha abantu ngokubanikeza inkululeko yokuzikhethela. Lapho abazali bethu bokuqala bekhetha ukwenza okubi, benqaba isibonelo sikaNkulunkulu futhi baba abantu abangaphelele. Sikuzuze kubo ukuthambekela ekwenzeni isono.—Funda uDuteronomi 32:4, 5.

Ingabe siyohlale senza okubi?

UNkulunkulu ufuna sinqobe ukuthambekela kwethu kokubi. (IzAga 27:11) Ngakho usifundisa indlela yokugwema ukwenza okubi nendlela yokuthola injabulo yangempela. Nokho okwamanje, asikwazi ukulingisa uthando lukaNkulunkulu ngokuphelele.—Funda iHubo 32:8.

Nakuba ububi bubuningi manje, uNkulunkulu ubuvumele okwesikhashana ukuze sonke sibone imiphumela yabo edabukisayo. (2 Petru 3:7-9) Nokho, maduzane, umhlaba uzogcwala abantu abajabulayo abalalela uNkulunkulu.—Funda iHubo 37:9-11.