Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LAPHO KUSHONA OTHANDEKAYO

Ukududuza Labo Abalilayo

Ukududuza Labo Abalilayo

Ingabe wake wadideka lapho umuntu oseduze kwakho elilela umuntu amthandayo oshonile? Ngezinye izikhathi singase singaqiniseki ngokuthi sithini noma senzeni—ngakho sigcina singasho lutho futhi singenzi lutho. Kodwa zikhona izinto eziwusizo esingazenza.

Ngokuvamile okudingekayo nje ukuthi ube khona futhi usho into elula njengokuthi, “phephisa.” Ezindaweni eziningi, ukwanga umuntu noma ukumbamba ingalo kubonisa ukuthi uyamkhathalela. Uma oshonelwe efuna ukukhuluma, lalela ngozwela. Okuwusizo nakakhulu, yenzela umndeni oshonelwe okuthile, mhlawumbe ungenza umsebenzi wasendlini onjengokupheka, ukunakekela izingane, noma ukusiza ngamalungiselelo omngcwabo uma befisa kanjalo. Izenzo ezinjalo zingaduduza kakhulu ukudlula amazwi enduduzo.

Ngokuhamba kwesikhathi, ungase uthande ukukhuluma ngomufi, mhlawumbe ngezimfanelo zakhe ezinhle noma ngezikhathi enazijabulela naye. Izingxoxo ezinjalo zingase zenze oshonelwe amomotheke. Ngokwesibonelo, uPam—owashonelwa umyeni wakhe u-Ian, eminyakeni eyisithupha edlule—uthi: “Ngezinye izikhathi abantu bangitshela izinto ezinhle u-Ian ayezenza mina engingazazi, futhi lokho kungenza ngijabule.”

Abacwaningi babika ukuthi abaningi abashonelwe basekelwa kakhulu lapho besanda kushonelwa, kodwa ngokushesha izidingo zabo ziyalibaleka njengoba abangane beqhubeka nokuphila kwabo. Ngakho, qiniseka ukuthi ulokhu uxhumana nomngane oshonelwe ngemva komngcwabo. * Abaningi abashonelwe balazisa ngokujulile ithuba lokuzikhulula osizini olungapheli.

Cabanga ngesibonelo sikaKaori, owesifazane osemusha ongumJapane owayekhungathekiswe ukushona kukanina okwalandelwa ukushona kukadadewabo omdala ngemva kwezinyanga ezingu-15. Ngokujabulisayo, abangane bakhe abaqotho baqhubeka bemsekela. Omunye umngane wakhe, uRitsuko, mdala kakhulu kunoKaori futhi wazicelela ukuba umngane wakhe oseduze. UKaori uthi, “Uma ngikhuluma iqiniso angikuthandanga lokho. Ngangingafuni kube nomuntu othatha isikhala sikamama futhi ngangingacabangi ukuthi ukhona owayengakwenza lokho. Nokho, ngenxa yendlela umama uRitsuko ayengiphatha ngayo, ngasondelana naye. Sasishumayela masonto onke futhi siya emihlanganweni yobuKristu ndawonye. Wayengimema ukuba sizophuza itiye, engilethela ukudla futhi engibhalela izincwadi namakhadi. Umoya omuhle kamama uRitsuko waba yithonya elihle kimi.”

Sekuphele iminyaka engu-12 umama kaKaori ashona futhi manje yena nomyeni wakhe bangabashumayeli besikhathi esigcwele. UKaori uthi, “Umama uRitsuko uyaqhubeka engikhathalela. Lapho ngibuyela ekhaya, ngihlale ngimvakashela futhi ngiyazijabulela izingxoxo ezakhayo esiba nazo.”

Esinye isibonelo somuntu owazuza ekusekelweni okuqhubekayo, uPoli, onguFakazi KaJehova eCyprus. UPoli wayenomyeni onomusa, uSozos, owayengumalusi ongumKristu oyisibonelo esihle, owayejwayele ukumema izintandane nabafelokazi ekhaya labo ukuze bajabulele ubudlelwane nokudla. (Jakobe 1:27) Ngokudabukisayo, uSozos washona eneminyaka engu-53, ngenxa yesimila ebuchosheni. UPoli uthi, “Ngashonelwa umyeni owayeqotho engangishade naye iminyaka engu-33.”

Thola izindlela ezingokoqobo ongasiza ngazo abashonelwe

Ngemva komngcwabo, uPoli wathuthela eCanada nendodana yakhe uDaniel eneminyaka engu-15. Bafika lapho bazihlanganisa nebandla loFakazi BakaJehova. UPoli uyakhumbula, “Abangane engabathola ebandleni elisha babengazi lutho ngathi nangobunzima esasibhekene nabo. Kodwa lokho akubavimbanga ukuba basondele kithi, basiduduze futhi basisize ngezindlela ezingokoqobo. Yeka indlela lokho okwaba usizo ngayo, ikakhulukazi ngaleso sikhathi indodana yami eyayidinga ngaso ubaba wayo kakhulu! Labo abaholayo ebandleli babonisa isithakazelo esikhulu kuDaniel. Omunye wabo ngokukhethekile, wayeqikelela ukuthi uyammema uDaniel lapho kunemibuthano noma kudlalwa ibhola. Bobabili umama nendodana baqhuba kahle.

Qiniseka ngokuthi ziningi izindlela esingasiza futhi siduduze ngazo abalilayo. IBhayibheli liphinde lisiduduze ngethemba elijabulisayo ngekusasa.

^ isig. 6 Abanye balubhala ekhalendeni usuku umuntu ashone ngalo ukuze bakhumbule ukududuza abashonelwe ngalolo suku.