Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Wayengubani ubaba kaJosefa?

UJosefa, umbazi waseNazaretha wayengusingababa kaJesu. Kodwa wayengubani ubaba kaJosefa? Uhlu lozalo lukaJesu oluseVangelini likaMathewu lukhuluma ngoJakobe othile, kuyilapho uLuka ethi uJosefa “indodana kaHeli.” Kungani kubonakala kuphikisana?—Luka 3:23; Mathewu 1:16.

Ukulandisa kukaMathewu kuthi: “UJakobe wazala uJosefa,” okuyindlela yesiGreki yokubhala ebonisa ukuthi uJakobe wayengubaba kaJosefa ongokwemvelo. Ngakho uMathewu wayelandelela uhlu lozalo lukaJosefa, uhlu lukaDavide lwasebukhosini, okwavela kulo indodana kaJosefa yokutholwa eyayinelungelo lokubusa, uJesu.

Ngakolunye uhlangothi, ukulandisa kukaLuka kuthi: ‘UJosefa indodana kaHeli.’ Inkulumo ethi “indodana ka-” ingabhekisela “kumkhwenyana.” Isimo esifanayo sitholakala kuLuka 3:27, lapho uSheyalitiyeli ebizwa ngokuthi “indodana kaNerayi” nakuba ubaba wakhe wangempela kwakunguJekoniya. (1 IziKronike 3:17; Mathewu 1:12) Kungenzeka uSheyalitiyeli wayeshade nendodakazi kaNerayi engabizwa ngegama, ngaleyo ndlela waba umkhwenyana wakwakhe. Kungaleso sizathu uJosefa abizwa ngokuthi “indodana” kaHeli, ngoba wayeshade nendodakazi kaHeli uMariya. Ngakho uLuka ulandelela uhlu lozalo lukaJesu esebenzisa ‘inzalo engokwenyama’ kamama wakhe uMariya. (Roma 1:3) Ngakho iBhayibheli lisinikeza izinhlu zozalo lukaJesu ezimbili ezingefani neziwusizo.

Yiziphi izindwangu nodayi okwakukhona ngezikhathi zeBhayibheli?

Uboya bemvu obudayiwe obatholakala emhumeni eduze nolwandle Olufile, obenziwa ngaphambi kuka-135 C.E.

Uboya bezimvu babusetshenziswa kakhulu eMpumalanga Ephakathi yasendulo ukuze kwenziwe izindwangu njengoba kwakusetshenziswa obezimbuzi nobamakamela. Izindwangu ezazijwayeleke kakhulu kwakungezikavolo futhi iBhayibheli likhuluma kakhulu ngezimvu, ngokuzigunda, nangezingubo ezenziwe ngoboya bemvu. (1 Samuweli 25:2; 2 AmaKhosi 3:4; Jobe 31:20) Ifilakisi okwakwenziwa ngalo ilineni, lalitshalwa eGibhithe nakwa-Israyeli. (Genesise 41:42; Joshuwa 2:6) Kungenzeka ukuthi ama-Israyeli angesikhathi seBhayibheli ayengawulimi ukotini, kodwa imiBhalo ikhuluma ngokotini owawusetshenziswa ePheresiya. (Esteri 1:6) Usilika wawubiza kakhulu, kungenzeka wawuza nabathengisi abavela eMpumalanga Ekude.—IsAmbulo 18:11, 12.

Incwadi ethi Jesus and His World ithi: “Uvolo wawuba nemibala ehlukahlukene, omunye wawuba mhlophe omunye ube nsundu ngokumnyama.” Ngaphezu kwalokho, uvolo wawuvame ukudaywa. Udayi obizayo onsomi wawukhishwa ohlotsheni oluthile lomnenke, futhi izitshalo, izimpande, amacembe, nezinambuzane okuhlukahlukene kwakusetshenziselwa ukwenza odayi abanemibala enjengobomvu, ophuzi, oluhlaza nomnyama.