Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

Kungani UJesu Ahlupheka Futhi Wafa?

Kungani UJesu Ahlupheka Futhi Wafa?

“Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.”—Roma 5:12.

Ubungathini uma ungabuzwa ukuthi, “Uyafuna yini ukuphila phakade?” Cishe abantu abaningi bebengathi bayafuna kodwa banomuzwa wokuthi into enjalo ayinakwenzeka. Bathi ukufa kuyingxenye yokuphila, isiphetho sokuphila kwethu.

Nokho, ake sithi manje ubuzwa ukuthi, “Ukulungele yini ukufa?” Ezimweni ezivamile, abantu abaningi bangathi cha. Kubonisani lokhu? Naphezu kwezinselele nobunzima esibhekana nabo, sinesifiso esingokwemvelo sokuphila. IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu wadala abantu benesifiso sokuphila. Empeleni, lithi ‘ufake ngisho nobuphakade ezinhliziyweni zabo.’—UmShumayeli 3:11.

Nokho, iqiniso liwukuthi abantu abaphili phakade. Konakalaphi? Ngaphezu kwalokho, ingabe kukhona uNkulunkulu akwenzile ukuze alungise lesi simo? Izimpendulo zeBhayibheli zithinta inhliziyo futhi zikuveza ngokucacile ukuthi kungani uJesu ahlupheka futhi wafa.

KONAKALAPHI?

Izahluko ezintathu zokuqala zencwadi kaGenesise zisitshela ukuthi uNkulunkulu wanikeza umbhangqwana wokuqala ithemba lokuphila phakade futhi wawuchazela lokho okufanele ukwenze ukuze uthole lokho kuphila. Ukulandisa kube sekuchaza indlela lo mbhangqwana owahluleka ngayo ukulalela uNkulunkulu futhi walahlekelwa yilelo themba. Le ndaba ilandiswa ngendlela elula, kangangokuba abanye bavele bathi iyinganekwane. NjengamaVangeli, incwadi kaGenesise inikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi lokhu kulandisa kwenzeka ngempela. *

Uye waba yini umphumela wokungalaleli kuka-Adamu? IBhayibheli liphendula ngale ndlela: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Ngokungamlaleli uNkulunkulu, u-Adamu wona. Ngaleyo ndlela walahlekelwa ithuba lokuphila phakade futhi ekugcineni wafa. Njengenzalo yakhe, siye sazuza isono njengefa. Ngenxa yalokho siyagula, siguge futhi sife. Le ncazelo mayelana nokuthi kungani sifa ivumelana nalokho okushiwo ososayensi ngofuzo. Kodwa-ke, ingabe kukhona uNkulunkulu akwenzile ukuze alungise lesi simo?

LOKHO OKUYE KWENZIWA UNKULUNKULU

Yebo, uNkulunkulu wenze amalungiselelo okubuyisa lokho okuye kwalahlekela inzalo ka-Adamu, okungukuthi ithemba lokuphila phakade. UNkulunkulu ukwenze kanjani lokho?

KweyabaseRoma 6:23, iBhayibheli lithi: “Inkokhelo yesono ngukufa.” Lokhu kusho ukuthi ukufa kubangelwa isono. U-Adamu wona, ngenxa yalokho wafa. Ngokufanayo, siyona futhi ngenxa yalokho sithola inkokhelo yesono, ewukufa. Nakuba singonanga, sazalwa sinesono. Ngakho, ngothando uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, uJesu, ukuze isikhulule esonweni. Kwenzeka kanjani lokho?

Ukufa kukaJesu kuvula indlela eholela ekuphileni okuphakade okujabulisayo

Njengoba u-Adamu, indoda ephelele eyodwa, aletha isono nokufa ngokungalaleli, kwakudingeka indoda eyodwa ephelele ezolalela kuze kube sekugcineni ukuze isikhulule. IBhayibheli likuchaza ngale ndlela: “Njengoba nje ngokungalaleli komuntu oyedwa abaningi baba yizoni, ngokufanayo futhi ngokulalela komuntu oyedwa abaningi bayoba ngabalungileyo.” (Roma 5:19) UJesu “wayeyilowo muntu” odingekayo. Washiya izulu, waba indoda ephelele * futhi wafa ngenxa yethu. Ngenxa yalokho, singakwazi ukuthandeka emehlweni kaNkulunkulu futhi sithole ithuba lokuphila phakade.

OKWENZA UJESU WAHLUPHEKA FUTHI WAFA

Kungani kwakudingeka uJesu afe ukuze afeze lokho? UNkulunkulu uMninimandla onke wayengeke yini akwazi ukumane akhiphe umyalo wokuba inzalo ka-Adamu ivunyelwe ukuba iphile phakade? Ngokuqinisekile wayenalo igunya lokwenza kanjalo. Kodwa lokho kwakuyophikisana nomthetho wakhe othi inkokhelo yesono ukufa. Lowo mthetho ubaluleke kakhulu futhi ngeke ushalazelelwe noma ushintshwe. Uyisisekelo sobulungisa beqiniso.—IHubo 37:28.

Ukube uNkulunkulu ubenze ngendlela engenabulungisa kule ndaba, abantu bebeyolindela ukuba enze okufanayo nakwezinye izinto. Ngokwesibonelo, bekungaba ubulungisa yini ukuba anqume ukuthi obani enzalweni ka-Adamu abafanelekela ukuthola ukuphila okuphakade? Besingamethemba yini ukuba agcwalise izithembiso zakhe? Ukwenza ngobulungisa ekunqumeni ukuthi obani abayosinda kusiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu uyohlale enza okulungile.

Ngokufa kukaJesu okuwumhlatshelo, uNkulunkulu wavula indlela yokuthola ukuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi. Phawula amazwi kaJesu alotshwe kuJohane 3:16: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” Ngakho, ukufa kukaJesu akugcini nje ngokusibonisa ubulungisa bukaNkulunkulu obuphelele, kodwa ngokukhethekile kusibonisa uthando olukhulu analo ngabantu.

Nokho, kungani kwadingeka ukuba uJesu ahlupheke futhi afe kabuhlungu njengoba kuchazwe emaVangelini? Ngokubekezelela uvivinyo olunzima nangokuzigcina ethembekile, uJesu wafakazela ukuthi uSathane unamanga uma ethi abantu ngeke bakwazi ukuhlale beqotho kuNkulunkulu lapho bebhekene novivinyo. (Jobe 2:4, 5) Amazwi kaSathane ayengase abonakale eyiqiniso ngemva kokuba elinge u-Adamu ophelele ukuba one. Kodwa uJesu—owayephelele njengo-Adamu—waqhubeka ethembekile naphezu kobunzima obukhulu ayebhekene nabo. (1 Korinte 15:45) Ngaleyo ndlela wabonisa ukuthi no-Adamu wayengamlalela uNkulunkulu uma ayekhetha ukwenza kanjalo. Ngokukhuthazelela uvivinyo, uJesu wasishiyela isibonelo sokulingiswa. (1 Petru 2:21) UNkulunkulu wayivuza iNdodana yakhe ephelele, uJesu, ngokulalela kwayo, wayinika ukuphila okungenakufa ezulwini.

INDLELA ONGAZUZA NGAYO

UJesu wafa ngempela. Indlela eholela ekuphileni okuphakade ivulekile. Uyafuna yini ukuphila phakade? UJesu wabonisa lokho okudingeka sikwenze lapho ethi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Abanyathelisi balo magazini bakumema ukuba ufunde okwengeziwe ngoJehova, uNkulunkulu weqiniso, nangeNdodana yakhe, uJesu Kristu. OFakazi BakaJehova endaweni yangakini bayokujabulela ukukusiza. Ungathola nolwazi oluwusizo engosini yethu ethi, www.pr418.com/zu.

^ isig. 8 Bheka isihloko esithi “The Historical Character of Genesis,” kuyi-Insight on the Scriptures,” Volume 1 ikhasi 922, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 13 Ukuthumela kukaNkulunkulu iNdodana yakhe, isuka ezulwini iya esibelethweni sikaMariya kwabangela ukuba uMariya akhulelwe futhi umoya ongcwele kaNkulunkulu wavikela uJesu ekuzuzeni njengefa ukungapheleli kuMariya.—Luka 1:31, 35.