Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukulalela Isixwayiso Esikhishwa Kusenesikhathi Kungasindisa Ukuphila Kwakho!

Ukulalela Isixwayiso Esikhishwa Kusenesikhathi Kungasindisa Ukuphila Kwakho!

NGO-DECEMBER 26, 2004, ukuzamazama komhlaba okuyisilinganiso esingu-9.1 kwanyakazisa iSimeulue, isiqhingi esisenyakatho-ntshonalanga yogu lwaseSumatra e-Indonesia. Bonke ababelapho babheka olwandle. Amanzi ayehlehlela emuva ngendlela engavamile. Ngokushesha bonke abantu baqala ukubalekela ezintabeni, bememeza bethi, “Smong! Smong!” igama lendawo elisho ukuthi tsunami. Ingakapheli imizuzu engu-30, amagagasi anamandla eza ekhukhuleka, ashaya ogwini, ashabalalisa imizi eminingi.

Isiqhingi saseSimeulue siyindawo yokuqala eyahlaselwa yileyo tsunami. Nokho, kubantu abangu-78 000 ababehlala kuleyo ndawo, kwafa abangu-7 kuphela. Kungani kwashona abantu abambalwa kangaka uma kuqhathaniswa nakwezinye izindawo? * Isisho sakuleso siqhingi sithi: ‘Uma kuzamazama umhlaba, bese ulwandle luhlehla, balekela ezintabeni ngoba ngokushesha ulwandle luzokapakela ogwini.’ Okwenzeka esikhathini esidlule kwafundisa abantu baseSimeulue ukuthi ukuhlehla kolwandle kusho ukuza kwe-tsunami. Ukulalela isixwayiso esakhishwa kusenesikhathi kwasindisa ukuphila kwabo.

IBhayibheli likhuluma ngenhlekelele ezayo, “usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.” (Mathewu 24:21) Kodwa lokhu akusho ukushabalala koMhlaba ngenxa yezinto ezilimazayo ezenziwa abantu noma inhlekelele yemvelo—ngoba injongo kaNkulunkulu iwukuba umhlaba uhlale phakade. (UmShumayeli 1:4) Kunalokho, usizi olukhulu oluzayo luyisenzo sikaNkulunkulu ‘sokuchitha abachitha umhlaba.’ Kuyoqedwa bonke ububi nokuhlupheka. (IsAmbulo 11:18; IzAga 2:22) Yeka ukuthi lokho kuyoba isibusiso kanjani!

Ngaphezu kwalokho, ngokungafani ne-tsunami, ukuzamazama komhlaba noma ukuqhuma kwentaba-mlilo, inhlekelele ezayo ngeke ibulale abantu abangenacala. IBhayibheli lithi “uNkulunkulu uluthando” futhi uNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova, uthembisa ukuthi “abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (1 Johane 4:8; IHubo 37:29) Nokho, ungasinda kanjani osizini olukhulu futhi ujabulele izibusiso ezithenjisiwe? Nakhu okuyokusiza: Lalela isixwayiso esikhishwa kusenesikhathi!

PHAPHAMELA UKUBONA USHINTSHO

Asilwazi usuku oluqondile lokuqedwa kobubi nokuhlupheka ngoba uJesu wathi: “Ngokuphathelene nalolo suku nalelo hora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa nguBaba kuphela.” Noma kunjalo, uJesu wasikhuthaza ukuba ‘sihlale silindile.’ (Mathewu 24:36; 25:13) Sikwenzelani lokho? IBhayibheli lichaza izimo zomhlaba ngaphambi kokuba uNkulunkulu alethe ukuphela. Njengoba nje ukuhlehla okungazelelwe kwamagagasi kwaxwayisa izakhamuzi zaseSimeulue ngokuza kwe-tsunami, ukushintsha ngokushesha kwezenzakalo zomhlaba kusisiza sibone ukuthi ukuphela kwezwe kuseduze. Ibhokisi elihambisana nalesi sihloko liveza ezinye izinguquko eziphawulekayo iBhayibheli elikhuluma ngazo.

Kuyavunywa ukuthi ezinye zalezo zenzakalo noma izimo—ebezingenzeki ngesikhathi esisodwa—ziye zenzeka esikhathini esidlule ngokwezinga elithile. Kodwa uJesu wathi lapho sibona “zonke lezi zinto,” siyokwazi ukuthi ukuphela kusondele. (Mathewu 24:33) Zibuze, ‘Kwake kwenzeka yini ngaphambili ukuba zonke izinto ezichaziwe (1) zenzeke emhlabeni wonke, (2) ngesikhathi esisodwa futhi (3) izinto zibe zimbi kakhulu kunakuqala?’ Ngokucacile, siphila kuleso sikhathi.

UKUBONAKALISWA KOTHANDO LUKANKULUNKULU

Owayengumongameli waseMelika wathi, “Izixwayiso ezikhishwa kusenesikhathi . . . ziyakusindisa ukuphila.” Ngemva kwe-tsunami eyenzeka ngo-2004, kwafakwa izinto ezixwayisa abantu ezindaweni ezathinteka ukuze abantu bavikeleke ezinhlekeleleni esikhathini esizayo. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu wenze indlela yokuba sixwayiswe ngaphambi kokuba kufike ukuphela. IBhayibheli labikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Ngonyaka odlule, oFakazi BakaJehova bachitha amahora angaphezu kuka-1 900 000 000 beshumayela izindaba ezinhle emazweni angu-240 ngezilimi ezingaphezu kuka-700. Lesi senzakalo sanamuhla sinikeza ubufakazi obuqinile bokuthi ukuphela kusondele. Beshukunyiswa uthando ngomakhelwane, oFakazi BakaJehova bayazikhandla njengoba bexwayisa abanye ngosuku lukaNkulunkulu lokwahlulela olusondela ngokushesha. (Mathewu 22:39) Ukwazi ukuthi ungazuza kulolu lwazi kuwubufakazi bokuthi uJehova uyakuthanda. Khumbula, “[UNkulunkulu] akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) Ingabe uzosabela othandweni lukaNkulunkulu futhi ulalele isixwayiso esikhishwe kusenesikhathi?

BALEKELA ENDAWENI EPHEPHILE!

Khumbula ukuthi izakhamuzi zasemzini waseSimeulue owawugudle ulwandle zabalekela ezintabeni ngokushesha lapho zibona amagagasi ehlehla, azilindanga aze abuya. Ukusabela kwazo ngokushesha kwazisindisa. Ukuze usinde osizini oluzayo, kudingeka ubalekele entabeni ngaphambi kokuba kwephuze. Kanjani. Umprofethi u-Isaya waphefumulelwa ukuba alobe ngesimemo esishukumisayo esidluliselwa phakathi ‘nengxenye yokugcina yezinsuku,’ isikhathi esiphila kuso manje. Sithi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova  . . uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.”—Isaya 2:2, 3.

Ukuya esiqongweni sentaba kukwenza ukwazi ukubona yonke into usendaweni elondekile. Ngendlela efanayo, ukwazi izindlela zikaNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli kusiza izigidi zabantu emhlabeni wonke ukuba zenze izinguquko ezidingekayo ekuphileni kwazo. (2 Thimothewu 3:16, 17) Ngokwenza kanjalo, ziqala ‘ukuhamba emikhondweni [kaNkulunkulu]’ futhi zijabulele ukwamukelwa nokuvikelwa nguye.

Uyosamukela yini leso simemo futhi uvume ukuvikelwa uNkulunkulu kulezi zinsuku ezibucayi? Sikukhuthaza ukuba uhlole ngokucophelela ubufakazi obungokomBhalo bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina,” ebhokisini elihambisana nalesi sihloko. OFakazi BakaJehova endaweni yangakini bayokujabulela ukukusiza uyiqonde ngokucacile imiBhalo esebhokisini futhi wazi ukuthi ungayisebenzisa kanjani. Ungathola nezimpendulo zemibuzo onayo ngokungena engosini yethu ethi www.pr418.com/zu. Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI.

^ isig. 3 Le tsunami eyenzeka ngo-2004, eyabulala abantu abangaphezu kuka-220 000, iphakathi kwama-tsunami abulala ebantu abaningi emlandweni.