Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA IBHAYIBHELI ELASINDA NGAYO

Indaba Ebalulekile

Indaba Ebalulekile

IBhayibheli lihlukile kwezinye izincwadi zenkolo. Ayikho enye incwadi eye yathonya izinkolelo zabantu abaningi kangaka isikhathi eside kangaka. Kodwa futhi ayikho enye incwadi eye yacutshungulwa futhi yagxekwa njengalo.

Ngokwesibonelo, ezinye izazi ziyangabaza ukuthi amaBhayibheli anamuhla asho kona ngempela okwakushiwo yimibhalo yokuqala. Omunye uprofesa wezifundo zenkolo uthi: “Asikwazi ukuqiniseka ngokuthi umbhalo esinawo siwubeke ngendlela owawubekwe ngayo ekuqaleni. Amakhophi esinawo agcwele amaphutha futhi amaningi awo aba khona ngemva kwamakhulu eminyaka kusukela kwabhalwa imibhalo yokuqala futhi kubonakala ehluke kakhulu kuyo.”

Abanye bangabaza ukunemba kweBhayibheli ngenxa yenkolo yabo. Ngokwesibonelo, uFaizal wafundiswa umndeni wakubo ongewona amaKristu ukuthi iBhayibheli liyincwadi engcwele kodwa eyashintshwa. Uthi: “Ngenxa yalokho, ngangingathembi kahle lapho abantu befuna ukungitshela ngeBhayibheli. Ingani vele iBhayibheli labo alisafani nalokho elaliyikho ekuqaleni. Lashintshwa!”

Kunendaba yini ukuthi iBhayibheli lashintshwa? Cabanga ngale mibuzo: Ingabe ungazethemba izethembiso zeBhayibheli eziduduzayo zekusasa uma ungazi ukuthi lezo zithembiso zazikhona yini embhalweni wokuqala? (Roma 15:4) Ubungazisebenzisa yini izimiso zeBhayibheli ukuze wenze izinqumo ezibalulekile mayelana nomsebenzi, umndeni, noma ukukhululekela kwakho ukube amaBhayibheli anamuhla amane nje angamakhophi anamaphutha abhalwe abantu?

Nakuba izincwadi zokuqala zeBhayibheli zingasekho, singakwazi ukuhlola amakhophi akudala—kuhlanganise nezinkulungwane zemibhalo yesandla. Kwenzeka kanjani ukuba leyo mibhalo yesandla isinde naphezu kokuguga, ukuphikiswa nemizamo yokushintsha okulotshiwe? Ukusinda kwayo kungakwenza kanjani uqiniseke nakakhulu ukuthi iBhayibheli lanamuhla onalo linembile? Hlola izimpendulo zaleyo mibuzo esihlokweni esilandelayo sendaba yokusinda kweBhayibheli.