Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Yini eyayingavamile ngendlela uJesu abaphatha ngayo ababenochoko?

AmaJuda asendulo ayesaba uhlobo oluthile lochoko olwaluvamile ngezikhathi zeBhayibheli. Lesi sifo esesabekayo sasihlasela amaphethelo ezinzwa, kuholele ekulimaleni nasekukhubazekeni unomphela. Lalingekho ikhambi elaziwayo lesifo sochoko. Kunalokho, abanochoko babehlaliswa bodwa futhi babenesibopho sokuxwayisa abanye ngesimo sabo.—Levitikusi 13:45, 46.

Abaholi benkolo bamaJuda bashaya imithetho eyedlulela ngale kwalokho okwakulotshwe emiBhalweni ngokuphathelene nochoko, benza ukuphila kwaba nzima ngokungenasidingo kwabagulayo. Ngokwesibonelo, imithetho yorabi yayenqabela noma ubani ukuba asondele ngebanga eliyizingalo ezine, noma amamitha angaba mabili, kumuntu onochoko. Kodwa lapho kuvunguza umoya akekho okwakufanele asondele ngebanga eliyizingalo eziyikhulu, noma ngamamitha angu-45. Izazi ezithile zeTalmud zabheka imfuneko engokomBhalo yokuba abanochoko bahlale “ngaphandle kwekamu” njengesho ukuthi ngaphandle kwezindonga zomuzi. Ngakho-ke, lapho omunye urabi ebona onochoko ngaphakathi komuzi wayemjikijela ngamatshe athi: “Iya endaweni yakho, ungabangcolisi abanye abantu.”

Yeka ukuthi indlela uJesu ayenza ngayo yayihluke kanjani! Kunokuba abaxoshe abantu abanochoko, wayezimisele ukubathinta—aze abaphulukise.—Mathewu 8:3.

Iziphi izizathu abaholi benkolo bamaJuda ababevumela ngazo isehlukaniso?

Isitifiketi sesehlukaniso sango-71/72 C.E.

Ngekhulu lokuqala C.E., abaholi benkolo babephikisana njalo ngendaba yesehlukaniso. Ngakho, kwesinye isenzakalo, abaFarisi abathile bavivinya uJesu ngalo mbuzo: “Kungokomthetho yini ukuba umuntu ahlukanise nomkakhe nganoma yisiphi isizathu?”—Mathewu 19:3.

UMthetho KaMose wawuvumela indoda ukuba ihlukanise nomkayo uma ‘ithole okuthile okuyihlazo kuye.’ (Duteronomi 24:1) Ngesikhathi sikaJesu, orabi babenezindlela ezimbili ezingafani zokuqonda incazelo yalowo mthetho. IQembu LikaShammai, elalicophelela kakhudlwana, lalithi usho ukuthi okuwukuphela kwesizathu esamukelekayo sokufaka isehlukaniso “ukungabi msulwa,” okusho ukuphinga. Ngakolunye uhlangothi, iQembu LikaHillel lalithi indoda ingahlukanisa ngokusemthethweni lapho kube nokungezwani emshadweni, kungakhathaliseki ukuthi kube kuncane kangakanani. NgokwelikaHillel, indoda yayingahlukanisa nomkayo lapho eye wona ukudla kwayo noma uma isithole omunye owesifazane embona emuhle kakhudlwana kunomkayo.

UJesu wawuphendula kanjani-ke lo mbuzo wabaFarisi? Washo ngokucacile: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.”—Mathewu 19:6, 9.