Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungaba Khona Yini Umhlaba Ongenabo Ubudlova?

Ungaba Khona Yini Umhlaba Ongenabo Ubudlova?

Ingabe wena noma othile emndenini wakho uke waba yisisulu sobudlova? Kukhona yini okwenza ube novalo lokuthi uzoba yisisulu sabo? Ubudlova buye babizwa ngokuthi “inkinga eyandayo empilweni yomphakathi emhlabeni-jikelele.” Nazi izibonelo ezimbalwa.

UBUDLOVA BASEKHAYA NOKUNUKUBEZA NGOKOCANSI: Umbiko weZizwe Ezihlangene uthi: “Owesifazane oyedwa kwabathathu uye waba yisisulu sobudlova noma wanukubezwa ngokocansi ngumuntu athandana naye esikhathini esithile ekuphileni kwakhe.” Ngokudabukisayo, “kulinganiselwa ukuthi emhlabeni wonke owesifazane oyedwa kwabahlanu uzodlwengulwa noma acishe adlwengulwe.”

UBUGEBENGU BASEMGWAQWENI: Kubikwa ukuthi e-United States kunamaqembu ezigelekeqe anobudlova angaphezu kuka-30 000. ELatin America, cishe umuntu oyedwa kwabathathu wake wabika ukuthi ugetshengwe ngobudlova.

UKUBULALA: Kulinganiselwa ukuthi ngo-2012 kwabulawa abantu abangaphezu kwesigamu sesigidi, inani elingaphezu kwelababulawa ezimpini. ENingizimu ye-Afrika naseMelika Ephakathi kwaba namanani aphakeme kakhulu abantu ababulewe, aliphinda ngaphezu kwezikhathi ezine inani lomhlaba wonke. Ngonyaka owodwa, kwabulawa abantu abangaphezu kuka-100 000 eLatin America, kanti eBrazil iyodwa babecishe babe ngu-50 000. Singatholakala yini isixazululo sobudlova esihlala njalo?

INGABE UBUDLOVA BUNGAQEDWA?

Kungani ubudlova bugcwele yonke indawo? Ziningi izimbangela eziye zavezwa, ezihlanganisa nalezi: ukunganambithisisani okudalwa ukungalingani ngokwenhlalo nangokwezomnotho, ukungakwazisi ukuphila kwabanye abantu, ukusetshenziswa kabi kotshwala nezidakamizwa, ukuchayeka kwezingane ebudloveni babantu abadala nokuthi izigebengu ezinobudlova zibonakala zingajezi.

Kuyavunywa ukuthi ezingxenye ezithile zomhlaba ikhona intuthuko ekunqandweni kobudlova. Phakathi neminyaka eyishumi edlule, edolobheni eliminyene laseSão Paulo, eBrazil, kubikwa ukuthi inani lababulawa lancipha ngamaphesenti angaba ngu-80. Noma kunjalo, ubugebengu obunobudlova obuhlukahlukene busadlangile kulelo dolobha futhi inani labantu ababulawayo lisengu-10 ezakhamuzini ezingu-100 000. Yini-ke eyodingeka ukuze buqedwe nya ubudlova?

Isixazululo sobudlova esihlala njalo empeleni sihilela abantu—indlela yabo yokucabanga neyokuziphatha. Ukuze abantu abanobudlova bashintshe, kudingeka bayeke izinto ezinjengokuqhosha, ukuhaha nokuzicabangela bona, babe nothando, inhlonipho futhi bakhathalele abanye.

Yini engenza umuntu afise ukwenza izinguquko ezinkulu kangako? Cabanga ngalokho okufundiswa yiBhayibheli:

  • “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.”—1 Johane 5:3.

  • “Ukwesaba uJehova kusho ukuzonda okubi.” *IzAga 8:13.

Ukuthanda uNkulunkulu nokwesaba ukumjabhisa kunamandla kangangokuthi kungenza ngisho nabantu abanobudlova bafise ukushintsha ukuphila kwabo—hhayi nje ngaphandle, kodwa bashintshe ubuntu babo uqobo. Kuyenzeka ngempela yini lokho?

Cabanga ngo-Alex, * obesechithe iminyaka engu-19 esemajele aseBrazil ngenxa yamacala amaningana okuhlasela. Waba ngomunye woFakazi BakaJehova ngonyaka ka-2000, ngemva kokutadisha iBhayibheli noFakazi. Ingabe akasenabo ngempela ubudlova? Yebo, futhi uzisola kakhulu ngazo zonke izinto ezimbi azenza. Uthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu ngokungivumela ngizizwe ngithethelelwe ngempela. Ukumbonga uJehova nokumthanda kungenze ngashintsha izindlela zami.”

UCésar, naye ongowaseBrazil, wayegqekeza futhi ephanga ehlomile. Wayephila kanjalo iminyaka engaba ngu-15. Yini eyamenza washintsha? Wathintwa oFakazi BakaJehova esesejele futhi naye watadisha iBhayibheli. UCésar uyachaza: “Ngangiqala ngqa ukuzizwa nginenjongo ekuphileni. Ngafunda ukuthanda uNkulunkulu. Ngafunda nokumesaba—ukwesaba ukubuyela ezintweni ezimbi nokumdumaza. Ngangingafuni ukuba umuntu ongabongi ngomusa wakhe. Lolo thando nokwesaba kwangenza ngafisa ukushintsha.”

Thola ukuthi kungenzeka kanjani ukuba uphile ezweni elingenabo ubudlova

Zisibonisani lezi zindaba? Ukuthi iBhayibheli linamandla okushintsha ukuphila kwabantu ngokujulile—ngokushintsha indlela abacabanga ngayo. (Efesu 4:23) U-Alex okukhulunywe ngaye, uyanezela: “Engakufunda eBhayibhelini kwakunjengamanzi ahlanzekile angena kimi, angikhuculule kancane kancane ngokususa imicabango emibi. Kwasusa izinto engangingacabangi ukuthi ngiyoke ngikwazi ukuziyeka.” Yebo, lapho sigcwalisa umyalezo weBhayibheli ohlanzekile ezingqondweni zethu, ungakhipha noma ukhuculule ububi. IZwi likaNkulunkulu linamandla okukhuculula. (Efesu 5:26) Lenza abantu abanonya nabazicabangela bona bakwazi ukushintsha izindlela zabo babe nomusa nokuthula. (Roma 12:18) Baba nokuthula ekuphileni ngenxa yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli.—Isaya 48:18.

OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-8 emazweni angu-240 basitholile isihluthulelo sokuqeda ubudlova. Abantu bazo zonke izinhlanga, amazinga okuphila nezizinda bafunde ukuthanda nokwesaba uNkulunkulu kanye nokuthandana, bephilisana ngokuthula njengomndeni womhlaba wonke. (1 Petru 4:8) Bawubufakazi obungokoqobo bokuthi ungaba khona umhlaba ongenabo ubudlova.

IZWE ELINGENABO UBUDLOVA LISEDUZE!

IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzobuqeda ubudlova kulo mhlaba. Izwe lanamuhla elinobudlova lizobhekana ‘nosuku lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’ (2 Petru 3:5-7) Abantu abanobudlova ngeke baphinde bahlukumeze abanye. Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu uyafuna ukungenela abuqede ubudlova?

IBhayibheli lithi uNkulunkulu “uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” (IHubo 11:5) UMdali uthanda ukuthula nobulungisa. (IHubo 33:5; 37:28) Yingakho engeke ababekezelele unomphela abantu abanobudlova.

Yebo, kuza izwe elisha elinokuthula. (IHubo 37:11; 72:14) Kungani ungazami ukuthola ukuthi ungenzenjani ukuze ufaneleke ukuphila kulelo zwe elingenabudlova?

^ isig. 14 Amagama ashintshiwe.