Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuqhathanisa Okubaluleke Kunakho Konke Okungenzeka Uyoke Ukwenze

Ukuqhathanisa Okubaluleke Kunakho Konke Okungenzeka Uyoke Ukwenze

INGABE ungumKristu? Uma kunjalo, uphakathi kwabantu abangaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezimbili emhlabeni—cishe oyedwa kwabathathu—abathi bangabalandeli bakaKristu. Namuhla, kunezinkulungwane zezinkolo ezibizwa ngokuthi ezobuKristu, kodwa zihlukene ngenxa yezimfundiso ezingqubuzanayo nemibono engafani. Ngakho-ke, lokho okukholelwayo kungase kuhluke kakhulu kulokho abanye abathi bangamaKristu abakukholelwayo. Ingabe kunendaba ngempela ukuthi yini oyikholelwayo? Yebo kunendaba—uma ufuna ukuphila ngendlela yobuKristu efundiswa yiBhayibheli ngokwalo.

Abalandeli bakaJesu Kristu bokuqala babaziwa ngokuthi “amaKristu.” (IzEnzo 11:26) Sasingekho isidingo sokuzibiza ngelinye igama, ngoba inkolo yobuKristu yayiyodwa vo. Wonke amaKristu ayelandela izimfundiso neziyalezo zoMsunguli wobuKristu, uJesu Kristu. Linjani elakho isonto? Ingabe ukholelwa ukuthi lifundisa lokho okwafundiswa uKristu nalokho abalandeli bakhe ababekukholelwa? Ungaqiniseka kanjani? Yinye indlela ongaqiniseka ngayo—ukuqhathanisa elikufundisayo nokufundiswa iBhayibheli.

Cabanga ngalokhu: UJesu Kristu wayeyihlonipha kakhulu imiBhalo, eyibheka njengeyiZwi likaNkulunkulu. Wayengavumelani nalabo ababelulaza izimfundiso zeBhayibheli ngokuqhakambisa amasiko abantu. (Marku 7:9-13) Ngakho singaphetha kufanele ngokuthi abalandeli bakaJesu beqiniso kufanele basekele izinkolelo zabo eBhayibhelini. Ngakho umKristu ngamunye wenza kahle ngokuzibuza, ‘Izimfundiso zesonto lami ziyavumelana yini neBhayibheli?’ Ukuze uthole impendulo yalowo mbuzo, kungani ungaqhathanisi lokho okufundiswa isonto lakho nalokho okushiwo yiBhayibheli?

UJesu wathi indlela esikhulekela ngayo uNkulunkulu kumelwe isekelwe eqinisweni—iqiniso elitholakala eBhayibhelini. (Johane 4:24; 17:17) Umphostoli uPawulu wathi ukuze sisindiswe kumelwe sifinyelele “olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Ngakho kubalulekile ukuba izinkolelo zethu zisekelwe eqinisweni elinembile leBhayibheli. Uma kungenjalo, singaphunyukwa insindiso!

INDLELA ESINGAQHATHANISA NGAYO IZIMFUNDISO ZETHU NEBHAYIBHELI

Sicela ufunde le mibuzo eyisithupha elandelayo bese uphawula izimpendulo zeBhayibheli zaleyo mibuzo. Bheka amavesi eBhayibheli akhonjiwe bese ucabangisisa ngezimpendulo. Yibe usuzibuza, ‘Izimfundiso zesonto lami zinjani uma ziqhathaniswa nalokho okushiwo yiBhayibheli?’

Le mibuzo embalwa ingase ikusize wenze ukuqhathanisa okubaluleke kunakho konke oyoke ukwenze. Ungathanda yini ukuqhathanisa nezinye izimfundiso zesonto lakho nalokho okushiwo yiBhayibheli? OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza uhlole amaqiniso eBhayibheli acacile. Ungacela omunye woFakazi ukuba akuqhubele isifundo seBhayibheli samahhala. Noma ungangena engosini yethu ethi, jw.org/zu.